UBhekizizwe ulibangise emsebenzini wakhe njengoba kuwu Msombuluko , Uhamba nge BMW yakhe . Uthe esashayela emgaqweni abone ngentokazi emhlophe imile emgaqweni ilinde itekisi.

Bhekizizwe: Sawubona ntokazi .

Sindiswa:Yebo bhuti ngingakusiza?

Bhekizizwe :Imina engingasiza wena ngikunike ulift ngoba ilanga liyashisha likhipha umkhovu etsheni , kanti lingagcina lithatha lobuhle bakho.(Ingene emotweni intokazi)Konje uwubani igama?

Sindiswa:Mina ngiwu Sindiswa Mkhize.

Bhekizizwe:Hawu Khabazela , mina ngingu Bhekizizwe Mthembu.

Sindiswa: Ngiyajabula ukukwazi Mvelase .

Bhekizizwe: Awusho ulibangisephi ?

Sindiswa:Uhm…..ngiya eskoleni ungibona bengilinde itekisi.

Bhekizizwe;Hawu , kusukela namhlanje uzohanjiswa Yimi eskoleni angizikuvuma intokazi enhle kanje igibele amatekisi ngikhona mina Mvelase . Awusho ufunda ziphi izifundo?

Sindiswa:Ngenza izifundo zobudokotela .

Bhekizizwe:Oh ! Ngiyezwa ekhaya bangathokoza benomakoti owudokotela .

Sindiswa: Leyo sesisobuye siyikhulume , ngoba Sengifikile la bengize khona.

Bhekizizwe:Ngaphambi kokuthi Uhambe , bengisacela izinombolo zakho .

Sindiswa:(imnike) Wenze sho ukuthi awufoni ungangitshelile ngoba Uma akezukuyithanda leyonto.