ISAHLUKO 1

Kungu Mgqibelo ,UBhekizizwe uhleli nomfowabo omncane uBhekani , babuke umabonakude kudlala iBafana. Kuthe besahleli nje kanjalo kungene umama obazalayo uMaNkosi kuleligumbi ababehleli kulo.

MaNkosi:Hayi! Inkosimpela ngiyalingwa ngisehlane ngempela , Yazi ngiyalingwa.

Bhekani:Yini sekwenzenjani ?

MaNkosi:Ubuza ngoba ungazi yini Bhekani ?

Bhekizizwe:Ma! Ukahle kodwa ?

MaNkosi:Ingoba ungaboni ukuthi ngiphila Saka ngiwumqemane . Kahle kahle nina niyihlelile yonke lento , nifuna mina ngingene kwagoqanyawo ngingababonanga omalokazane .

Bhekani:Ha!nakhoke isiqalile iyagqilaza.

Bhekizizwe:Mina ma angisaqondi ukuthi usifunani kahle Kahle , sifundile , sasebenza kuyimanje nje sikhulume unobhazabhaza wendlu esakuthengela wona Kodwa namanje usabhizi nathi.

MaNkosi:Ihhe ngiyalingwa yini , Nazi izingane zingikhulumela imfishishi , istambo esingavuthiwe. Lalela la We Bhekizizwe umdala uzuba nentshebe Kodwa nanamhlanje akaze ngizwe ukhuluma ngomakoti .

Bhekani:Hawu Kodwa weJesu Nkulunkulu Wami ……

MaNkosi:Wena ke ungalinge ukhulume ngoJesu ngoba angikaze ngikubone uyesontweni.

Bhekizizwe: Bhekani asithi shwi ngala ezitolo kunezinto engisafuna ukuzicoshacosha .

MaNkosi:Ehhe hambani nibalekele amaqiniso ngoba iyona into eniyaziyo leyo.(kungene uMnuz Mthembu )

Mnuz Mthembu:Nkosikazi ukahle ? Wabukeka ugane unwabu nje kwenzenjani?

MaNkosi:Akusiwona lamadodana akho ayizishimane .

Mnuz Mthembu:Sebenzeni ke LABA bobabili?

MaNkosi: Ngempela ngempela laba bazoganwa nini baba ?

Mnuz Mthembu: Ngicabanga ukuthi kuzomele ubanike iskhathi ngoba kuyacaca ukuthi abakabatholi abantu abangomaqondana .

MaNkosi:Nawe baba , uyabathethelela kanti layindlini uyoke abekhona Nini umuntu ozovumelana nami . Othi ngiyoqala amabhodwe .