ISAHLUKO 1
Kungu Mgqibelo ,UBhekizizwe uhleli nomfowabo omncane uBhekani , babuke umabonakude kudlala iBafana. Kuthe besahleli nje kanjalo kungene umama obazalayo uMaNkosi kuleligumbi ababehleli kulo.
MaNkosi:Hayi! Inkosimpela ngiyalingwa ngisehlane ngempela , Yazi ngiyalingwa.
Bhekani:Yini sekwenzenjani ?
MaNkosi:Ubuza ngoba ungazi yini Bhekani ?
Bhekizizwe:Ma! Ukahle kodwa ?
MaNkosi:Ingoba ungaboni ukuthi ngiphila Saka ngiwumqemane . Kahle kahle nina niyihlelile yonke lento , nifuna mina ngingene kwagoqanyawo ngingababonanga omalokazane .
Bhekani:Ha!nakhoke isiqalile iyagqilaza.
Bhekizizwe:Mina ma angisaqondi ukuthi usifunani kahle Kahle , sifundile , sasebenza kuyimanje nje sikhulume unobhazabhaza wendlu esakuthengela wona Kodwa namanje usabhizi nathi.
MaNkosi:Ihhe ngiyalingwa yini , Nazi izingane zingikhulumela imfishishi , istambo esingavuthiwe. Lalela la We Bhekizizwe umdala uzuba nentshebe Kodwa nanamhlanje akaze ngizwe ukhuluma ngomakoti .
Bhekani:Hawu Kodwa weJesu Nkulunkulu Wami ……
MaNkosi:Wena ke ungalinge ukhulume ngoJesu ngoba angikaze ngikubone uyesontweni.
Bhekizizwe: Bhekani asithi shwi ngala ezitolo kunezinto engisafuna ukuzicoshacosha .
MaNkosi:Ehhe hambani nibalekele amaqiniso ngoba iyona into eniyaziyo leyo.(kungene uMnuz Mthembu )
Mnuz Mthembu:Nkosikazi ukahle ? Wabukeka ugane unwabu nje kwenzenjani?
MaNkosi:Akusiwona lamadodana akho ayizishimane .
Mnuz Mthembu:Sebenzeni ke LABA bobabili?
MaNkosi: Ngempela ngempela laba bazoganwa nini baba ?
Mnuz Mthembu: Ngicabanga ukuthi kuzomele ubanike iskhathi ngoba kuyacaca ukuthi abakabatholi abantu abangomaqondana .
MaNkosi:Nawe baba , uyabathethelela kanti layindlini uyoke abekhona Nini umuntu ozovumelana nami . Othi ngiyoqala amabhodwe .