(Kusesikoleni ekuseni uMandla uxoxa no Zethu)
Mandla: Ola bafo
Zethu: ntwana yami zikhiphani?
Mandla: ngimnandi mfo, kuwe?
Zethu: ngiphashasha , usukahle ukuthi zizokhala namuhla?
Mandla: nomakanjani ngihlezi ngi ready.
Zethu: awuzwake kushuthi ngekhefu ke ungabaleki nja yami.
Mandla: yizo ntwana yami siyabangena
Zethu: qe! Ziyasha , asingene eklasini nakhu sekukhala nensimbi. (Bangene eklasini)
(UMkhize ukwakhe ukhuluma nomkakhe u MaZuma)
Mkhize: wenkosikazi
MaZuma: Yebo baba, ngizwa ngathi uyangibiza.
Mkhize: Yebo kunjalo mama, kunodaba engifuna silubhunge lapha mayelana nondodana wethu .
MaZuma: (ngokumangala) udaba olunjani lolo kodwa baba?
Mkhize: ngikhathazekile lapha ngondodana ngoba ontanga bakhe bayaqala bagijimisa izintombi kodwa yena angikaze ngimubone okanye ngimuzwe ekhuluma nangazo nje.
MaZuma: hawu baba? Usemncane nje u Mandla kodwa?
Mkhize: yize kunjalo kodwa usemabangeni aphakeme manje kumele nje ngabe useyaqala uyabona bona.
MaZuma: baba lengane ifuna ukuqeda isikole bese iyasebenza emveni kwalokho isingaqala ukuqonywa.
Mkhize: weeeh Maye! Ungathini nje uthole ukuthi undodana yinkonkoni?
MaZuma: hawu baba? Ukuyethuka ingane lokho.
Mkhize: ngiqinisile nkosikazi,uyothi ulindele umalokazane kuqhamuke olengise ubhebhenene wentshebe ngiyakutshela.
MaZuma: kodwa baba? Cha kumele uke ukhulume naye mhlampe uzokhona ukubhoboka Uma kunjalo eyinkonkoni.
Mkhize: khululeka nkosikazi nginecebo.
MaZuma: icebo elithini lelo baba?
Mkhize : ngizothuma umngani wakhe ukuze azokhululeka ukukhuluma naye, ngoba mina uzongisaba.
MaZuma: kulungile baba nalelo ngelihle icebo, sesiyobona siphinde sizwe yena ukuthi uthini.