(Alukho usuku nesikhathi esingafiki njengoba uMandla evivile nje ukuthi namhlanje uzogcwalisela izitha zakhe. UMandla uhlangana no Zethu njengoba sekukhale insimbi yokuba baye ekhefini)

Mandla: Ola boy kuhambani.

Zethu: ekse ntwana ngimnandi mina, bathini?

Mandla: ngimjojo mina mfethu.

Zethu: ulozolo phela umakunjalo, sewukulungele okwanamuhla?

Mandla: ngihlezi ngilungile mina boy azikhale mazikhala.

Zethu: zibutarara phela Uma kunjalo yasemzini uyabo? Kushuthi siyabangena labantwana? Zizolila vele?

Mandla: Themba mina uSmindlosi mfethu , I have got this.

Zethu: awuzwake bafo kushuthi uvivile impela nakhu sewungishayela nesingisi (ahleke)

Mandla: futhi isichaza magama sigcwele ikhanda mfethu namanje.

Zethu: asidle masinyane nkabi yami bese ngilanda longane ingakakhali nalensimbi yokubuyela.

Mandla: impela akube yizikhindi boy

 

(Badle baqede bese uZethu anyamalale kancane abuye no Lindiwe, u Mandla akhulume yedwa ngenhliziyo Uma ebabona)

Mandla: ayibo lomjita uvele waduka manje usebuya nalengane enhle kanje futhi engiyisabayo? Ayeye ngathi zizokhalela mina nje lana (ekhuluma ngenhliziyo)

(Kufike u Zethu no Lindiwe)

Zethu: nkabi yami amageja aselingene wena manje.

Mandla: usho nje bafo?

Zethu: uyalazi nje udaba.

Lindiwe: sawubona

Mandla: Yebo Sisi unjani? 

Lindiwe: ngiyaphila.

Zethu: Malindi ngisadlana indlebe nobafo yima lana

Lindiwe: kulungile kodwa nisheshe anginaskhathi

(Basuke ibangana elincane)

Zethu: mfethu sekuyiskhathi sakho ke manje mina ngizoqhela mbijana.

Mandla: ayikho inkinga bafo ngiyamngena.

Zethu: Uma kusho wena zipapabhu ke kodwa ungafathuzi ke.

Mandla: relax boy I have told you that I have got this.

Zethu: leso singisi sakho komele usisebenzise ku Lindiwe ayi kimi, asambe uyozifaka.

Lindiwe: Kazi nihlebani kangaka ningabafana?

Zethu: akulutho wena Malindi bengisabonisa ubafo nje.

Mandla: Kona uqinisile uzalo kunento encane besisayithamunda kodwa konke sekuhambe kwaqonda.

Zethu: ngisathi ukunishiya ke ngoba vele Wena Malindi ububizwe ngubafo.

Lindiwe: azoze athumele Wena ubengazizeli ngani yena?

Zethu: ngiyathemba lowo mbuzo sewuzowubuza kuyena Uma senisele nobabili.

Mandla: Zethu mfethu vaya, sizoyiqeda uyabo?

Zethu: nakanjani ntwana abashwe (ahambe ayomela buqamama)

Mandla: sawubona Lindiwe, ubani igama lakho ?

Lindiwe: Yebo ,ufuna ukwazi igama lami ube ungibiza ngalo okusho ukuthi uzibonela isilima lakimi?

Mandla: cha akunjalo.

Lindiwe: kunjani ke?

Mandla: ngisaphila Lindiwe ngingezwa Wena?

Lindiwe: ngiyaphila kodwa cha uyenzana isilima kwakona lokhu osakusho kusabonisa kona.

Mandla: ok ngiyaxolisa Lindiwe.

Lindiwe: uxolisa ini?

Mandla: ukuthi ukukubiza kwami lana ubona ngathi kungukukwenza isilima, kulungile ungakhululeka uvaye uma ubona kukulungele nakho.

Lindiwe: ngihambe kanjani ungakasho ukuthi ungibize leni Lana?

Mandla: ngikubizele ukuthi ngifuna ukukhuluma nawe.

Lindiwe: kulungile ke khuluma, uthini?

Mandla: eix (ehlikihla ikhanda) ukuthi mfethu bengifuna ukwazi ukuthi ngingakhona yini ukukukhapha ukuphuma kwesikole?

Lindiwe: ufuna ukungikhapha ukuphuma kwesikole ekubeni ungibize manje? Ubungangibizi ngani ukuphuma kwesikole ke?

Mandla: cha phela ukuthi bengifuna ukuthi uhlezi unolwazi ngalokho so that ngizokwazi ukuthi uyavuma yini?

Lindiwe: ok ke we Mandla ndini wakhona ungikhaphe, yize usungichithele iskhathi sami ngento engekho nje nx!

Mandla: ncese phela Malindi kodwa angisiyena undini mina, yezwa?!

Lindiwe: njengoba Wena ungibiza nge “phela” nje ke uchazani?

Mandla: angichazi lutho, ungahamba ke kodwa ungakhohlwa ukuphuma kwesikole.

Lindiwe: mxm! Ok! (Ahambe bese ahlangana no Zethu)

Zethu: Malindi usuyahamba njalo?

Lindiwe: Yebo, angithi lobhayizwane ongumngani wakho akazi ukuthi athini.

Zethu: hawu! Kanti utheni umjita?

Lindiwe: ungimise sonke lesikhathi cabanga ezongitshela ukuthi ucela ukungikhapha ukuphuma kwesikole.

Zethu: umxolele mfethu akakajwayeli.