(UMandla usegumbini lakhee busuku ulungisela ukulala bese engena ku Facebook wakhe)

Mandla: (ekhuluma yedwa) uyabona namuhla Lana Ku Facebook ngishela kwasani ukuze ngizovala lelihlazo engikulona (angene kwi account yakhe bese ethola umlayeza ovela kumngani wakhe) eyi ingabe uthini ke Lona ngoba ngiyazi uzongihleka nje, nx!.

Zitha: (Ku Facebook) Ola boy kuhambani?

Mandla:(ephendula Ku Facebook) ngiyaphila mfethu okungatheni nje ,Wena unjani?

Zitha: ngimapotwe mina ntwana uyazi hlezi ngimnandi. Wena yini kungathi awukho Kahle nje?

Mandla: mfethu akukona yini lokhu okungu Jabulani nentombi yako u Sindi nx!

Zitha: bakwenzani mfana ngoba ngiyazi ziyaphapha phela lezo?

Mandla: zibukisa ngami zithi mina ngiyisishimane ngoba ngingenayo intombi futhi mina bayangibhora nje.

Zitha: bayeke kanjena Wena ntwana Yami mina ngizokufaka ezinganeni bazoswaba.

Mandla: (ngokumamatheka yedwa) usho kanje mfethu?

Zitha: Themba mina ntwana Yami uyazi nje ukuthi yizinyo zami lezo.

Mandla: mawusho kanjalo kujabula mina ke mdladla sobangena.

Zitha: nakanjani ntwana ,nawe uyekele ke ukuba notwetwe.

Mandla: khululeka mfana kodwa phela nawe ungalethi abantu abagquzanayo.

Zitha: yibona nje abazokuqeqesha ukuze ungeke usasaba okuthi ntombazane nje.

Mandla: ngiyakwethemba ke kkulokho okushoyo ntwana.

Zitha: eix! Ake ngilale manje ntwana phela kusile kusasa njengoba siya emgele nje

Mandla: yiqiniso lelo mfethu, ugidle grand.

Zitha: yizo boy. (Aphume Ku Facebook)

Mandla: eix! Sesiphumile lesiphukuphuku ngisathi ngifuna angitshele ukuthi uzongifakele ubani kuqala, kodwa ke akusenani ngifuna ukugcwalisela lenja engu Jabulani. Ake ngilale nami kusile kusasa ngizobangena esgele. Ey buka sengiyeke nokushela khona Lana Ku Facebook kepha ke Ake ngiqale ngo face to face ngibone Uma ngishweba khona sekuyoba ukushela kubuso bengcwadi ke.