Mabizela: eyi webafo kunezinkinganyana nje ezingatheni kodwa zizondlula maduze bese kubuyelwa esimeni.

Mbatha: (elalelisisa Kahle) Kanti yizinkinga ezikanjani lezo bafo phela injobo ithungelwa ebandla.

Mabizela: ngizokutshela ngelinye ilanga bafo ngoba okwamanje kusasinda.

Mbatha: yini esindayo Mabizela khuluma Wethu ungazikhungi sikhona sizinsizwa mhlampe songakusiza.

Mabizela: (ephefumulela phezulu) mthiya mfowakithi kulena ngeke wakhona ukungisiza ngoba ifuna mina uqobo.

Mbatha: khumbula phela Mabizela ndoda ukuthi okuhlula amadoda kuyabikwa, Manje uthi ngizokusiza kanjani ekubeni Wena ungangitsheli inkinga yakho?

Mabizela: ayi Mthiya kangikakulungeli ukukhuluma ngalento mhlampe ekuhambeni kwesikhathi ngizobe sengilibhoboza ithumba ukuze uzokhona nawe ukungisiza bafo.

Mbatha: kulungile mfowami Uma kusho Wena kanjalo. Mina sengiyozwa ngawe mhla usukulungele ukukhuluma. Kodwa phela nawe mngani wami yithi ukwehlisa izinga phela esimameni buka Manje usubhocobele kanjani bakwenza ufufuthelwe.

Mabizela: sengizozama bafo ngoba impela Uma ngingaphika nabo ngiyogcina ngizikhunga ngiyabona (bahleke bobabili).(Asukume uMbatha)

Mbatha: (ephushe isitulo) ayike mfowami awuthi ngihambe nami ngiye kulezingane zesikole ezihluphayo kungaze kuqhamuke leli qhalaqhala elingu thishanhloko.(Ebephuma uMbatha, asale yedwa uMabizela acabange iqhinga ekhulume yedwa)

Mabizela: (ekhuluma yedwa) uyabona mfoka Mabizela angeke uhlulwe yinto engakhulumi icebo Lona kwamele ube ulenzile lokuthola ukuxhumana no Zinhle ngokushesha. Awuthi ngibone , yazi kambe kunomzala ka Zinhle ofunda Lana esikoleni. Kumele ngike ngizame ukuthola ulwazi ngaye.(uMaMkhize uhlezi egumbini nabafundi bakhe, ubheka ibhuku elinamagama abafundi)

MaMkhize: (ekhuluma ngokomcabango) “uyabona sekuyisikhathi okumele ngithole ngaso Lo Zinhle obekade elokhu eshiwo ngu Mabizela ngenkathi ngisehhovisi lakhe futhi ake ngibize lamagama alezingane ngokulandelana kwazo ukuze kuzobalula ukumthola Lo Zinhle”(Asukume akhulume nabafundi bakhe)

MaMkhize: bantwana bami namuhla ngifuna ukubona abangekho Lana egumbini lokufunda ngakhoke ngizobiza igama lomuntu, Uma ekhona asho ngizobhala Lana kuleli bhuku.

Abafundi: sikulalele miss.

MaMkhize: kulungile ke sengiyaqala… Ayanda Zungu?

Abafundi: (bememeza) ukhona miss!

MaMkhize: Thobile Mnguni?

Thobile: ngikhona miss.(uMaMkhize ababize aze afike kwelika Zinhle)

MaMkhize: Zinhle Khumalo?

Abafundi: (ngokuchwensa) awu! Loyo sewadayisa amachopha emholweni wezalukazi (bahleke bese uThobile eyathukuthela)

Thobile: (ngokuthukuthela) yeyi Nina ningazojwayela kabi umzala wami! Nike nambona eya emholweni eyodayisa amachopha? Ningazoqina nje.

Ayanda: batshele Wena Thobile ngoba baphaphela umngani wami nje laba bayanyanyisa nje.

MaMkhize: Thobile ngicela ukukubona ehhovisi manje ngicela ungilandele(Nangempela asukume amlandele uThobile)(Bangene ehhovisi bahlale phansi)

MaMkhize: Thobile Ake ungitshele kwenzenjani ngo Zinhle ngoba phela sekuyophela inyanga yonke engalibhadi emagcekeni esikole?

Thobile: miss uZinhle uyagula yingakho nje engasezi nasesikoleni ayi kubi impela.

MaMkhize: kwaze kwakubi ukuzwa lokho mhlampe kusamele ngike ngihambe nawe ngiyombona yazi, senike namusa nje emtholampilo nje njengoba egula?

Thobile: cha besingakamusi kodwa ngizofike ngitshele abazali kuyobe sekuba yibonake abamhambisayo.

MaMkhize: kulungile ngicela ungalibali ufike ubatshele nje namhlanje bese mina sengiyozwa ngawe ukuthi batheni.

Thobile: ngizokwenza njalo miss.

MaMkhize: usungakhululeka ubuyele egumbini kwezinye izingane.(Asukume aye egumbini lokufundela athi efika nje ebe ebizwa u Ayanda okungumngani omkhulu ka Zinhle)

Ayanda: uxolo kancane Thobile.

Thobile: Yebo Ayanda (ehlale eduze kwakhe)

Ayanda: aybo uphi umngani wami sesiside lesikhathi ngingamboni ngilokhu ngithi ngizokubuza.

Thobile: uyagula umzala Ayanda kulokhu nje abizwa uthisha uMabizela ngaloluya suku akaphindanga waba muhle emoyeni.

Ayanda: cha kuyethusa ke lokho okushoyo kungabe kukhona yini uthisha uMabizela amenza kona ngaloluya suku Uma Esho yena umngani?

Thobile: Chabo akakhulumi lutho Uma ngiqala nje ngimbuza uvele aphendule ngezinyembezi mhlampe kungancono Uma Wena ungake ufike uzokhuluma naye kungenzeka akutshele Wena ukuthi kwenzakalani.

Ayanda: Kanti uthi uphethwe yini Kahle Kahle umnge?

Thobile: uvesane athi usendaweni yakhe kusukela ngalolo suku nje ulokhu ekuyona mina kangisazi ngampela ukuthi yini ngomzala yazi.

Ayanda: kuzomele ngike ngiqhamuke kuyena ngomgqibelo ngizombona kodwa ngiyamsaba ubabakho yazi ngabe Kade ngeza nje.

Thobile: kanti ke ungazise ngolwesihlanu ukuthi uzofika ngasikhathi sini ngomgqibelo ukuze ngizohlezi ngikuqaphelile ukuze angeke abe nankinga ubaba.

Ayanda: ngizokwazisa nakanjani ngoba phela ngikhathazekile ngaye umngani. Ngicela ungikhonzele kuyena Uma ufika.

Thobile: khululeka ntombo ngizojukhonzela kuyena.

Ayanda: ngiyothokoza Uma ungangenzela njalo Sisi, ake ngithathe izincwadi zami nakhu sekuphuma isikole.(Asukume nangempela u Ayanda siphume isikole bese u Vela beno Thabo bahambisane no Thobile sekuyiwa emakhaya)

Thabo: eyi Vela mfethu nangu lomshana wako Zinhle asisheshe siyohambisana naye mhlampe engakufakela umzala wakhe nje nawe uke ube nentombi ngoba sekuyisono bantu.

Vela: uyabheda mfanami yezwa ubani okutshele ukuthi mina kanginayo Intombi?

Thabo: akekho ongitshelile ngoba ngiyakwazi ntwana yami selokhu wazalwa nje awukaze waba nentombi buka nje manje usuyoze uqhume nentshebe , ayi kumnyama kakhulu kuwena mfana. (Emhleke)

Vela: yazi yini mfanami asambe ngoba sewuqala ukudakwa manje nalengane iyahamba kayimile ngoba Wena ulokhu ubawuza nje lana.

Thabo: hawu! Usuyathukuthela njalo nja Yami ngibe ngikudlalisa awukahle Kanti Wena sewudlaliswa ngemali yini njengomshini wezingoma?

Vela: lutho mfana ukuthi nje Wena kwesinye isikhathi unokukhuluma ngathi wehla emthini nje ungacabangi ukuthi inkulumo yakho ifika kanjani komunye umuntu uyabo? Kodwa ke asambe mngani wami, manje uwena angithi ozofike ukhulume nalengane laphana?

Thabo: khululeka mfana uyazi nawe ukuthi ngibizelwe kulento nje.(Bahambe nangempela basheshise bafike ngaku Thobile)

Thabo: dudlu ntokazi!

Thobile: aybo uqhamukaphi umuntu osasho lawo magama esikhathini samanje? (Ahleke nje abheke phansi)

Thabo: ngikhona nje mina nanke ngiyawasho, manje usho ukuthi mina ngisaphila isidala nje

Thobile: kushuthi usaphila Sona isidala ngoba ngiyathemba ukukhuluma nomuntu wesfazane kanjalo kwagcina ngezinkathi zabo baba, ayi nina.

Vela: kodwa impilo yakudala yayimnandi ngoba zonke izinto zazenzeka ngoko mthetho.

Thobile: (ahleke) ayibo washo ngathi wawukhona nje ngalezo zinkathi bhuti?

Vela: Chabo ngangingekho kodwa nginokuzwa nje Uma abantu abadala bengitshela ngezinkathi zakudala ukuthi kwakuphilwa kanjani.

Thabo: Kona ngiyakuvumela mina bafo ngoba ngathi kwakumnandi impela kudala yize abantu abadala babesivulela isibhaxu enganeni.

Thobile: yeyi nasho ngathi niyamazi ubaba wami ayi uyasivulela isibhaxu loya mphefumulo futhi wenza isiqiniseko sokuthi uyakuqondisa njengothi lomkhonto.

Thabo: ha! Kanti ubabakho uyashayana? Ayi ngeke bengithi ngizokweshela manje ngisaba ubabakho ukuthi uzongibamba ngensuku Uma engibona ngihamba nawe. (Esho ngohleko sakuncokola)

Thobile: (ehleka) ungalinge nje futhi uze uzame yazi ngoba ngingafike ngimutshele ukuthi kunomfana ongihluphayo ihhe! Bese eza esikoleni azokushayela khona.

Vela: (emhleke) awucabange nje Thabo nja yami usugijinyiswa phambi kwezingane zesikole nabothisha.

Thabo: yeyi! Wendoda mina wonke? Ngingavele ngisiyekele nesikole mfana ngoba phela ngingaba yinhlekisa unyaka wonke esgele nawe uyazi mfethu.(bahleke babhekane bese emkhomba ngomunwe ahlebe) ayeye ntwana yami, uwena osazogijinyiswa ngesibhaxu Ku Zinhle.

Thobile: aybo! Niyahleba ningabafana abanjani Kanti? Cha ngiyakuqala ke lokhu nihleba njengabafazi!

Thabo: Chabo ntokazi bengibonisa ubafo into beyenzeka ngale esgangeni nje ayi ngoba besihleba futhi ukube ngikubonisile nawe ubuzokwethuka.

Thobile: awu! Usho nje?

Vela: Yebo ubafo uqinisile ubuzophatheka kabuhlungu kodwa ke asendluleni lapho bafethu, Thabo mfethu singahamba nomuntu isikhathi eside kanjena singasamazanga negama? Ayi ntokazi mina ngingu Vela bese ubafo wami Lona ngu Thabo. Manje Wena kungabe bakubiza ngobani?

Thobile: ngiyathokoza ukunazi bobhuti mina ngingu Thobile Mnguni ngokuhlala, ngihlala ngale ngaphesheya komfula. Kungabe nina nihlalaphi?

Vela: Yebo ubafo uqinisile ubuzophatheka kabuhlungu kodwa ke asendluleni lapho bafethu, Thabo mfethu singahamba nomuntu isikhathi eside kanjena singasamazanga negama? Ayi ntokazi mina ngingu Vela bese ubafo wami Lona ngu Thabo. Manje Wena kungabe bakubiza ngobani?

Thobile: ngiyathokoza ukunazi bobhuti mina ngingu Thobile Mnguni ngokuhlala, ngihlala ngale ngaphesheya komfula. Kungabe nina nihlalaphi?

Thabo: thina Thobile sihlala kuleya mizi evela kancane ngasezihlahleni, yikho nje ukuthi sesithi khumu khona kulendlela.

Thobile: ayi nihambe Kahle bafowethu.

Thabo: nawe uhambe Kahle MaGxabhashe bekuyintokozo kuthina ukuhamba nawe siyathemba isazobonana futhi.

Thobile: sekungu Mdali owaziyo ukuthi isayophinde ibonane yini.

Vela: cha phela kungabe sekuyibhadi ukuthi umuntu omuhle njengawe angasabonakali futhi.

Thobile: akenizweni uVela edlala ngami bakithi emini bebade.

Vela: ngampela yazi Thobile kodwa ke uhambe Kahle futhi ngicela ungibulisela kumntwana wakini.

Thobile: aybo! Wena umazelaphi ke umzala wami?

Vela: cha kangimazi kodwa isifiso sami ukumazi Kahle ngoba benginokumbona esikoleni Kube ukuthi ngimbonela kude.

Thobile: ayi kulungile ngiyofike ngikubingelelele kuye , nihambeni Kahle ke.

Vela: Yebo ubafo uqinisile ubuzophatheka kabuhlungu kodwa ke asendluleni lapho bafethu, Thabo mfethu singahamba nomuntu isikhathi eside kanjena singasamazanga negama? Ayi ntokazi mina ngingu Vela bese ubafo wami Lona ngu Thabo. Manje Wena kungabe bakubiza ngobani?

Thobile: ngiyathokoza ukunazi bobhuti mina ngingu Thobile Mnguni ngokuhlala, ngihlala ngale ngaphesheya komfula. Kungabe nina nihlalaphi?

Thabo: thina Thobile sihlala kuleya mizi evela kancane ngasezihlahleni, yikho nje ukuthi sesithi khumu khona kulendlela.

Thobile: ayi nihambe Kahle bafowethu.

Thabo: nawe uhambe Kahle MaGxabhashe bekuyintokozo kuthina ukuhamba nawe siyathemba isazobonana futhi.

Thobile: sekungu Mdali owaziyo ukuthi isayophinde ibonane yini.

Vela: cha phela kungabe sekuyibhadi ukuthi umuntu omuhle njengawe angasabonakali futhi.

Thobile: akenizweni uVela edlala ngami bakithi emini bebade.

Vela: ngampela yazi Thobile kodwa ke uhambe Kahle futhi ngicela ungibulisela kumntwana wakini.

Thobile: aybo! Wena umazelaphi ke umzala wami?

Vela: cha kangimazi kodwa isifiso sami ukumazi Kahle ngoba benginokumbona esikoleni Kube ukuthi ngimbonela kude.

Thobile: ayi kulungile ngiyofike ngikubingelelele kuye , nihambeni Kahle ke.(Bahlukane ngezindlela ahambe yedwa uThobile)

Thabo: ayi ntwana yami ngathi liya ngokwehla igwababa kuwena Uma sewukwazi ukukhuluma nentombazane kanjena (amhleke)

Vela: yey webafo bekuzenzekela nje okushoyo ke ukuthi Ku Zinhle ngiyobe ngeshelelela njenge Rama emafutheni.

Thabo: awu! Wena ubuzama ukukhululeka njengoba bekukhona mina Kanti ukubane bengingekho ubuzobanjwa amalimu ize ihambe ingane.

Vela: yini kodwa ngawe mfethu awuzwani nokuncoma Wena uhlezi ugxeka nje njalo ayi Mani yeka lomkhuba wakho. (Ethukuthela)

Thabo: usuyaduba njalo nja yami ngikudlalisa?

Vela: awungiyeke Thabo, ngiye kithi nawe hamba kini (edube ehambe yedwa phambili)

Thabo: awu kodwa nja yami ungayenzi lento mfethu sihamba sonke nje!

Vela: besihamba sonke kodwa manje ngihamba ngedwa nawe ke hamba wedwa.(Bahambe ngokweshiyana baze bayofika emakhaya. Asikho isikhathi esingafiki nelanga elingafiki, uMabizela no MaMkhize sebeyolandana beyodla ngaphandle njengamagama enkehli)

Mabizela: (ekhuluma ocingweni) mntakwethu sengisendleleni eza kuwe manje ngicela ube ulunga ngizobe sengikutshela Uma sengiseduze.

MaMkhize: (ocingweni) kulungile sthandwa sami ngiyalunga khululeka ngizobe ngiqedile Uma ufika Lana.(Nangempela aphinde amshayele ucingo futhi uMabizela Uma eseseduze nalapho kuhlala khona uMaMkhize)

Mabizela: (ekhuluma ocingweni) sengingaphandle Wena kaMavovo ngilinde Wena.

MaMkhize: (ocingweni) kodwa ngabe uyangena nje muntu wami yazi ngoba phela uyazi ngihlala ngedwa usabani?

Mabizela: (ocingweni) kulungile sengiyangena ke.(Adilike emotweni ayongena endlini)

Mabizela: (engena emnyango) phuma sihambe sesishayile isikhathi.

MaMkhize: sengiyaqeda sthandwa ngilinde kancane.

Mabizela: hawu! Usafuna ukulindwa futhi Kanti bewenzani sonke lesikhathi?

MaMkhize: (ememeza esuka ekamelweni) bengisacinga izimpahla engizozigqoka nje!

Mabizela: Kanti awunazo yini izimpahla Ku wardrobe yakho?

MaMkhize: zikhona kodwa bengifuna ezizohambisana nobusuku banamhlanje.

Mabizela: Kanti yazi ukube uvele wagqoka noma ngabe iziphi ngoba phela uhamba nami.

MaMkhize: ayi sthandwa abantu bazothini nje usuqhamuka nomuntu ongagqokile Kahle?

Mabizela: abantu baphi? Ngoba yimina ozobe ekubuka ayibona nje. Kanti abafazi banjani? We MaMkhize Kanti wabanjani?

MaMkhize: sengiyaqeda bekezela kancane imizuzu emibili ngizobe ngiqedile.

Mabizela: kulungile ngizoma lowo mzuzu kodwa wandlula ngiyahamba mina.

MaMkhize: hawu! Inhliziyo encane ngeyani kodwa sthandwa?

Mabizela: akunanhliziyo encane lana uwena nje ufunana nezingubo ekubeni unezingubo inqwaba.(Alinde ngempela uMabizela iphele imizuzu emibili kuze kuphele engamashumi amabili elokhu elindile. Ekugcineni aphume uMaMkhize)

MaMkhize: ncese ukukulindisa sthandwa sami kodwa sengiqedile manje.

Mabizela: ok! Asambe ke!

MaMkhize: hawu! Usungithukuthelele njalo Mabizela?

Mabizela: (ngokucasuka) Kanti Wena ufuna ngijabule yini ngokwenzile?

MaMkhize: (ngokuzithoba) awu! Kodwa baba Uma sewungiphendula kabi kangaka? Kangishongo nami ukuthi kumele ujabule.

Mabizela: kulungile ke, asambe siye emotweni njengoba kumele ngijabulele lento yakho. Yazi Wena ungenza inja ka mesisi stru nasi.(Bahambe bayongena emotweni, bashaye izule bebheke endaweni yokucima ukoma epholile. Akukhulunyiswana emotweni Wena owabona ingane ithenjiswe uswazi Uma ike yathi nkente. Bafike lapho babeya khona bahlale phansi etafuleni)

Mabizela: eshi! Kanti baphi abantu abasizanayo lana kunini sifikile?

MaMkhize: njengoba sifika manje kodwa Kahle ihaba kangaka bazoza bazosinaka.

Mabizela: ayi! Ok!(Kuthi ukuthuleka isikhathi eside bese kuqhamuka umsebenzi wakulendawo)

Lunga: sanibonani, ngisacela ukunisiza.

Mabizela: usibona sithwele amabhece yini? Kunini sifikile lana Nina nilokhu ninwabuluka nje.

Lunga: uxolo mnumzane kodwa besisematasa ngabanye abafike kuqala.

Mabizela: kushuthi kuzomele baqashe abanye abantu ke nithi ukwanda. Ayi ukuthi kwamele silokhu silindile Lana.

Lunga: ngiyaxolisa ngempela mnumzane, angeke lisenzeka iphutha elifana naleli.

MaMkhize: kulungile bhuti, mina bengicela ungiphe amanzi okwamanje.

Lunga: (ebhale epheshaneni) ayeza manje amanzi akho Miss, ngingakutholelani Wena mnumzane?

Mabizela: awungiphe ingilazi ka gologo mfana ngithi ukwehlisa lelukuluku enginalo.

Lunga: kuyeza njengamanje (ahambe)

MaMkhize: sthandwa sami.

Mabizela: mmmmh!

MaMkhize: (ngokuzithoba) ngiyaxolisa ukukulindisa isikhathi eside ngiyabona ukuthi kukucasulile ngampela.

Mabizela: Kanti ke angicasukile ngikahle njena.

MaMkhize: ayidle izishiyele sthandwa sami, lobu busuku akube ubusuku bethu sizijabulise singalwi ngiyakucela.

Mabizela: nami kangilwi kodwa bese ngimane ngisho nje.

MaMkhize: (asukume aye ngaku Mabizela amuqabule) ngiyakuthanda Mabizela wami ngedwa.

Mabizela: (ngokuthuka) hayibo! Wenzani phambi kwabantu?

MaMkhize: siyathandana angithi? Ngakhoke abantu bazojwayela ngoba uyabona nabo bahleli nabantu babo.

Mabizela: (ekhuluma ngenhliziyo) “ukube uyazi ukuthi mina ngizifunela uZinhle, Wena uyisibambiso nje kuze kulunge kuye”

MaMkhize: Mabizela!

Mabizela: (ngokwethuka) yebo! Uxolo ingqondo yami ibisahambile.

MaMkhize: ihanjiswa yini ke ingqondo yakho?

Mabizela: ibihanjiswe ilokuqatshulwa engikade ngakugcina, yazi bese ngifunga kona nje

.MaMkhize: (ngokumamatheka) awu! Mabizela, uyabona ke usuqalile ngalezinto zakho. (Emubambe isandla)