Endleleni eya esikoleni

(Izinsizwa ezimbili, uVela nomngani wakhe uThabo, bayaxoxa)

Vela: Ola boy! Cha kusho ukuthi ngiseliwe namhlanje njengoba ngihambisana kanye nawe.

Thabo: Yizo ntwana! Uyabona ke usufuna ukungenza umuntu omubi emphakathini ngalento oyishoyo manje.

Vela: Uyazi nawe ntwana phela wena ungumalume wesgele. Ufika ngo- past bani bani sesisemagumbini okufunda.

Thabo: Akuve ubheda uma uthandile ntwana kodwa kungcono mina ngifika sekudlule iskhathi esgele. Angifani nawe osaba amantombazane.

Vela: Uyabona ke usuyadakwa ke manje ntwana. Phela mina esikoleni ngazela ukuzofunda hhayi izindaba zomjolo namantombazane.

Thabo: Bengidlala ngeqiniso kodwa ntwana nawe uyazi ngoba selokhu ngafika esgele angikaze ngikubone ushela ngoba usaba nale ntombazane ehlala ngasefasteleni. Kambe ubani igama layo ngikhumbuze?

Vela: Oh! Ntwana usho uZinhle?

Thabo: Ngisho yena impela. Buka nje kumanje unede washo igama lakhe wavele waphenduka umoyi-moyi. Ungafunga ukuthi ummese ubona ibhotela.

Vela: Ey! Ntwana phela loya mntwana uyangigeza. Umoya wami uwenza ujabule ngivele ngizibone nje sengimshadile sakha nomuzi.

Thabo: Weeeh! Maye! Ave uthanda ukuphupha emini ntwana yami! Manje uma engaqhamuka ungamtshela lokhu okushoyo?

Vela: Ngingazama ntwana hawu! Phela angifani nawe.

Thabo: Hhayi bo wena! Sekuyimi osaba izintombi manje?

Ekhaya likaThobile

(UZinhle noThobile balungisela ukuphuma baye esikoleni. UZinhle kuyacaca ukuthi usezinhlungwini. Kuqhamuka uMnguni)

Thobile: Asihambe, mzala, sesiyashaya isikhathi manje.

Zinhle: Eish! Hamba mzala ngoba angiboni ukuthi ngizophumelela namhlanje ukuya eskoleni, ngicela ufike ungibike. Ngisafuna ukucambalala kancane ukuze kuzodlula lezi zinhlungu.

Mnguni: Akukwazi ke nje ukuthi ningahamba ningangenzelile itiye nedokwe.

Thobile: Mina sengishaywa isikhathi, Baba, kodwa umzala uthe akayi esikoleni namuhla. Kusho ukuthi uyena oseyolenza itiye.

Mnguni: Njengoba sesinolova la ekhaya kusho ukuthi uMaZungu usazoke aphumule. Zinhle! Kanti alilungi yini itiye lami sengiyoze ngife ukomela itiye bantu!

Zinhle: Liyalunga, malume, bengisabeke amanzi ngilungisa nenkomishi.

Mnguni: Kulungile, sale usubeka nedokwe ukuze ngizoya engadini lingakaphumi naleli langa.

Zinhle: Ungasukumi, malume, nali itiye lakho.

Mnguni: Lize lilunge lelitiye lakho elithatha unyaka nohhafu. Awenze idokwe ke bese ushanela igceke ngoba angazi ubuvila obani kunini nagcina ukulishanela vele.

Zinhle: Umalumekazi yena uzobe esenzani uma evuka?

Mnguni: Uthini!?

Zinhle: Cha bo, bengingasho lutho malume ngizokwenza konke okushoyo.

(Ngempela ukwenza konke uZinhle, bese ecambalala. Kungena uMaZungu esacambalele emini)

MaZungu: Habe! Ngiyalingwa yini? Ngiyavivinywa ngisehlane inkosi impela? Ngivelelwa yini ebhasini ngikhokhile? Ulaleleni emini kangaka kwawakoGxabhashe amagceke? Imihlola yini? Zinhle!

Zinhle: Mhh? Yini?

MaZungu: Uthi ku? Ulaleleni ngempela ngalesi sikhathi? Ufuna ilanga lize lingene emdidi yini?

Zinhle: Cha bo malumekazi ngikhathele. Kade ngisebenza kulokhu kusile.

MaZungu: Uzoze usebenze ilanga lonke nje awuyile ngani esikoleni? Kanti akulona usuku lwesikole namuhla?

Zinhle: Ngiyagula malumekazi ingakho ngingayile esikoleni, futhi noThobile ngimcelile ukuba angibike.

MaZungu: Zinhle, mntanami, kwenzakalani ngawe kulezi zinsuku?

Zinhle: Ngiphathekile malumekazi kodwa ngizochatha ngiphile futhi.

MaZungu: Chatha ngempela mntanami ngoba phela bayaloya abantu bakulendawo futhi kumele sikuse enyangeni.

Zinhle: Cha bo malumekazi kuyobe sekumoshwa imali nje enyangeni ngoba ngizoba umqemane mina kungekudala.

MaZungu: Kungani usho njalo Zinhle?

(Kuthuleke endlini)

MaZungu: Zinhle, ngikhuluma nawe. Kanti uphethwe yini?

(Kuthuleke futhi)

Zinhle: (Ekhuluma ngenhliziyo) Ngimtshele umalumekazi ngento eyenziwa uMabizela noma cha? Kodwa uma ngisho uzovele afune ukususa impi beno malume futhi nomzala uzothi kungani ngifihlele yena ngatshela abazali bakhe. Cha angingamtsheli.

MaZungu: Zinhle!

Zinhle: Yebo malumekazi!

MaZungu: Ngikhuluma nawe! Uphethwe yini?

Zinhle: Ngiseskhathini, malumekazi.

MaZungu: Wena ungena esikhathini amasonto amathathu onke?

Zinhle: khona akujwayelekile kodwa ngike ngafunda ngathola ukuthi kuyenzeka uma kushintsha umzimba womuntu okhulayo.

Egumbini lothisha

(Sekuphele amasonto amathathu uZinhle engalibhadi esikoleni manje. UMabizela ulokhu uyathatha uyabeka ngomqondo. Kugqongqoza MaMkhize uthisha wesifazane othandana noMabizela khona la esikoleni.)

Mabizela: Kazi uZinhle uqondeni njengoba engasezi nje eskoleni ngoba phela manje uzoze angidonsele amehlo abantu ngalesi senzo sakhe. Kazi lengane ihlose ukwenzani ngempela? Hhayi ngeke, kufanele ngiqhamuke neqhinga lokuthi ngiyibone kodwa manje kanjani ngoba kukhona lesgwebedla esingu malume wayo?

MaMkhize: Hhayi bo! Kazi ucabangani kangaka njengoba ngingqongqoze kwaze kwaguga amaqupha nje?

Mabizela: Mmh!?

MaMkhize: Buya endlini yesikole bo! Kanti angisabonakali yini uma ngimi phambi kwakho?

Mabizela: Awukahle Zinhle kufanele sikhulume.

MaMkhize: Zinhle!? Ini? UZinhle wakuphi lowo? Usungibhanqile Mabizela?

Mabizela: Ngicela uxolo, MaMkhize, akuna Zinhle lana. Bengicabanga nje okungatheni kwavele kwashelela ulimi. Ngicabanga ngomzala wami ekade ngikhuluma naye ocingweni. Ayidle izishiyele, MaKhabazela wami. Uyazi ngikuthanda kanjani?

MaMkhize: Hawu ungithanda kanjani usacabanga abanye abantu besifazane ngibe ngikhona?

Mabizela: Hawu, sthandwa sami, ngephuthanyana nje elincane sengingaze ngicasukelwe uwena kodwa awume ngeconsi nesikhwele bo. Woza la ngithi manqa.

MaMkhize: Ngingazi ngani mhlawumbe usungibhanqe nezingane zesikole nje ngoba zilokhu zikuvezela amathanga nje ngezingubo ezimfishane. Phela futhi isikhwele sibonisa uthando njalo ungakhohlwa.

Mabizela: Hheyi! Ungalisho uliphinde lelo mntakwethu uyazi ziyalingana lezi zingane kodwa asiyeke eyezingane sikhulume ngathi sobabili. Manje wenzani namuhla ntambama? Ngifuna sizikhiphe nje sobabili?

MaMkhize: Angenzi lutho, sthandwa sami. Wena isho indawo nesikhathi ngizoqhamuka mina.

Mabizela: Ngizokulanda ngehora lesikhombisa, baby.

MaMkhize: Kulungile. Manje uma sibuya siya kwakho noma kwami?

Mabizela: Ngizokubuyisela kwakho nami ngiye kwami.

MaMkhize: Ohho! Usufuna ukuyolanda labo Zinhle bakho? Uyazi uyinja kabi wena Mabizela.

Mabizela: Bengidlala sthandwa sami. Sizoya kwami, kwazise kade wagcina ukuvakasha, nedlozi like likubone nje unyathela emagcekeni akithi.

MaMkhize: Udlala kabi kodwa. Uyazi phela mina angifune kubangiswa lapha kuwe ngoba ngiyogxoba unondindwa ngempela.

(Kungqonngqoza uthisha uMbatha, angene)

Mbatha: Mabizela ndoda yamadoda

Mabizela: Ngena Shandu mfowethu.

Mbatha: Kwangathi ngifike ngesikhathi esibi nje nsizwa enye? Awuthi ngizobuye ngivele kuwe.

MaMkhize: Awuthi ngihambe ngizonibona ke. Mabizela ungakhohlwa ngiyacela.

Mabizela: Khululeka Shandu ubekade esephuma vele uMaMkhize. Kulungile wena MaKhabazela angeke ngilibale. Uhambe kahle.

Mbatha: Mabizela mfowethu nami awuke ungichathazele lomuthi owudlayo noma ungiphe izinombolo zika gogo omhambayo ngoba kuyabonakala futhi kucace bha ukuthi uyayenza into yakho.

Mabizela: Izwake uShandu edlala ngami nelanga lishisa kangaka.

Mbatha: Ngiqinisile bafo. Phela wena ungumagoqa la esikoleni. Njengoba usujola noMaMkhize nje ngiyakuvuma. Uyibhoza nkabi yami!

Mabizela: Akuve uthanda ukungibhuqa njalo mfowami. Sengiyakwazi uthanda kabi ukugconana!

Mbatha: Awusho, wagcina uyitholile yini leya ngane owawuyifuna nkabi? Kambe ubani igama layo awungikhumbuze?

Mabizela: Yiphi yona? Usho uZinhle?

Mbatha: Yena impela mfowami. Wamthola yini?

Mabizela: Kanti ngingubani mina? Phela angilali endleleni, ngiyinsizwa angisona isishimane.

Mbatha: Ngiyakuvuma mina bafo. Manje sewake wayigoba yini intambo njengoba usuchoma kangaka? Mhlawumbe ikushaya isandla nje?

Mabizela: Ngiyakutshela nje bafo. Ngibuya khona kwandawo ngizoze ngishaywe isandla ngiyimpatha yini mina?

Mbatha: Ngiyakuzwa mngani wami. Uyazi angisayiboni egcekeni lesikole, nasegumbini lokufundela ayisezi. Awusho wayishonisaphi ingane yabantu?

Mabizela: Ukukutshela iqiniso nje mfowami angiyazi. Sekudlule amasonto amathathu impela ngingayiboni.

Mbatha: Kanti nijola kanjani ekubeni ningabonani mnganami? Yini ngingayikholwa nje lendaba yakho?

Mabizela: Nami angeke ngikutshele. Angazi ukuthi kwenzekani. Futhi empeleni iyangikhathaza lento. Manje kulukhuni ukuthi ngiyoyibheka kubo. Ngiphithene ikhanda nje.