(Kuqhamuke uLunga futhi eselethe iziphuzo zika Mabizela no MaMkhize)

Lunga: nazi iziphuzo bantu abadala.

Mabizela: (ngokumamatheka) kulungile mfana wami siyabonga.

Lunga: kuyathokozisa ukukubona usumamatheka mnumzane, futhi nathi siyabonga ukusibekezelela.

Mabizela: (esho ngikudlala) yey! Wena mfana ngizokufaka isagila sami hamba lana ngingakakugqemi ingozi engeqiwa ntwala ekhanda. (Bahleke nje ahambe uLunga)

MaMkhize: ayi, uyabonake sekabuyile ke manje uMabizela wami.

Mabizela: uyazi njena baby ukuthi ngingowakho sengingakuthukuthelelani isikhathi eside kodwa? Ukuthi nawe ubunginyanyisile yazi.

MaMkhize: ngixolisile nje sthandwa sami.

Mabizela: Yebo kunjalo kodwa Kade sengisho nje nami ukuze ngizobhodla uyabona?

MaMkhize: ngiyakuzwa futhi ngiyavumelana nawe Mabizela.

Mabizela: (eqalaza) ayibo Kanti uphi lomfana? Lunga! Lunga! Uxolo kancane ngapha mfana wami.

Lunga: (ngokuphuthuma) yebo mnumzane sengifikile, ngingakutholelani ngaleskhathi?

Mabizela: awusiphe ukudla okuphambili mfana newayini eledule ngike ngijabulise unyoko mncane mfana.

Lunga: kulungile mnumzane kuyeza njengamanje. (Ebe ehamba eyokulanda)

Mabizela: manje ke mntakwethu sigcine siphume naliphi ekutheni kuyiwaphi Uma sisuka lana?

MaMkhize: savumelana ngokuthi sizoya kwami noma kwakho sobabili.

Mabizela: ayi kulungile sizoya kwami ke ukuze kuzojabula nedlozi.(Abuye uLunga nokudla, abanike badle baqede baye kwa Mabizela ngezithuba zehora lesishiyagalolunye ebusuku futhi sebedle namanzi amponywana bafike bangene baziphonse embhedeni kuthi sikhashana nje kukhale ucingo luka Mabizela)

Mabizela: kuka Mabizela asithandwa muntu!

Mbatha: anithandwa muntu nina nenzeni?

Mabizela: ayi man! Bafo bengithi ilabantu abahluphayo bezimakethe komakhalekhukhwini, ngingakusiza ngani Mthiya?

Mbatha: ayi, Wena Mabizela bengikubheka nje nkabi yami ukuthi usekahle yini ngoba phela emini ubungekho esimeni esikahle.

Mabizela: ngikahle kakhulu Mthiya, uyazi nawe indoda Uma ineqhawekazi eceleni kwayo isuke iphelele.

Mbatha: impela nkabi yami. Manje iliphi kulawa amabili engiwaziyo?

Mabizela: asiyixoxe kusasa leyo Mthiya.(Ephaphame uMaMkhize ngemuva nje kokuqeda kubeka ucingo lwakhe phansi)

MaMkhize: ubani Lona bewukhuluma naye?

Mabizela: bekungu Mbatha loyana.

MaMkhize: unamanga Mabizela ngoba mhlampe bekungu Lo Zinhle wakho olokhu ukhuluma ngaye kulezinsuku, ohlezi esolwimini lwakho.

Mabizela: chabo akuna Zinhle Lana futhi sengingakhuluma nomunye umuntu wesfazane ekubeni ukhona Wena Kanti ungithatha kanjani vele?

MaMkhize: ngikuthatha kanjani ngani? Ngoba phela mina bengibuza nje bengingafuni impi.

Mabizela: nami kangishongo ukuthi kukhona ofuna impi kodwa Indlela obukade ubuza ngayo Wena bekuyiyona impi.

MaMkhize: kahle, Kahle Mabizela awungitshele uyini nalo Zinhle ndini olokhu esolwimini lwakho kulensuku?

Mabizela: kangiyilutho no Zinhle mina ngaphandle kokuba nguthisha yena abe ngumfundi nje kuphela.

MaMkhize: ayi cha sesiyoyicela ivuthiwe kuwena nezingane zesikole inkosi impela.

Mabizela: (ngokucasuka) nize niyicele ivuthiwe nje.. niyobe ningene ngani kuyona futhi iyobe ibaselwe ngubani ukuze ivuthwe nje?

MaMkhize: (ngokukhala) Mabizela ungenwe yini nje impela?.. ulokhu uthanda ukungizwisa ubuhlungu nje njalo Uma ngizama ukukhuluma nawe. Uyangimangaza ngoba ngihlezi njalo ngikhona Uma ungidinga futhi ngiba yilento oyifunayo, nofuna ngibe yiyona kungani ungenza kanjena Mabizela?

Mabizela: (ngokucasuka) ayi suka man! Nguwena angithi ohlezi ungiqulisa amacala ngabantu engingenabudlelwano nabo. (Balale ngokufulathelane kwazise badubene)(Kuse busuku uZinhle beno Thobile bayakhuluma elawini labo lokulala)

Thobile: mzala wami ukahle kodwa emoyeni?

Zinhle: yebo mzala, kungani ubuza?

Thobile: ngibuziswa ukuthi sikhathazekile ngawe mzala futhi uyasala nasezifundweni esikoleni.

Zinhle: nikhathazekile ninobani mzala? Wabe sewuyangidida manje?

Thobile: sinabo Ayanda kanye nabothisha, kumele ubuyele esikoleni mzala ngiyakucela.

Zinhle: ngizobuyela Uma sengiluleme mzala wami Kona ngiyabona ziyangishiya izifundo kodwa manje ngizobabhekelwa ubani abanye abafundi nabothisha njengoba sengingayile esikoleni izinsuku ezingaka njena.

Thobile: khululeka ngabo mzala ungabanaki ngoba ngithi Wena uzobe wazi ukuthi ufunani futhi kangeke bakusize ngalutho empilweni Uma ungalokhu unakana nabo mzala.

Zinhle: Kona uqinisile lapho mzala yazi, kusasa kuzomele ngiwashe izimpahla zesikole nje ukuze ngolwesine ngizovukela khona.

Thobile: ayangithokozisa lamazwi owashoyo yazi mzala wami … Kushuthi ngizobe sengazisa no Ayanda ukuthi angabe eseza ngapha ngoba ubekade ethi uzoza ezokubona ngomgqibelo.

Zinhle: (ngokuthokoza) umngani wami bakithi! Ave ngimkhumbule. Kodwa mzala noma ungamtshelanga ukuze sokhuluma mina naye silayikhaya ngoba esikoleni ngeke sibe naso isikhathi.

Thobile: Kazi nixoxa ziphi mzala?(ngokuhleka)

Zinhle: (Ngohleko) singaxoxani mzala ngaphandle kokusihlanyela kwethu nawe uyazi ukuthi Uma sihlangene nomngani wami sigula kuphela.

Thobile: buye Nina nobabili mzala kuvele kube ngathi neqe ezinhlanyeni ngampela futhi, kakhulukazi Uma senizobanga umsindo nivele ningenze ngifise ngathi ungangigwinya umhlaba (bahleke).

Zinhle: phela mzala zisuke sezivukile izilwane zethu buye ziyazwana. Sigula ngokufana nomngani nje.

Thobile: kodwa Uma sesikhuluma amaqiniso mzala ngiyakukhumbula nawe esikoleni ngoba sengiba yisono nje noma sesiphuma isikole ngihamba ngedwa.

Zinhle: ayi ihaba mzala ingani baningi nje Abantu abahamba endleleni eza ngapha ngakithi.

Thobile: yize bekhona mzala kodwa mina ngijabula Uma nginawe.

Zinhle: mzala usho ukuthi akusekho nomfanyana okucela nihambisane nje? (Bahleke).

Thobile: ayi mzala ungayiphathi leyo yazi namhlanje kukhona abafana ababili Kade ngihambisana nabo bengikhulumela imbudane nje nabo.

Zinhle: ayi cha uyisikhokho mzala ulandwa ababili? (Ahleke) kushuthi unesithunzi Uma unjalo.

Thobile: ngivele ngabasabisa ngobaba ukuthi uyashayana mzala bavele baswaba. Kodwa Lona omunye uthe angimkhonzela kuwena yazi?

Zinhle: (ngokuthuka) ayibo mzala! Ubani loyo ngoba mina angimazi?

Thobile: khululeka mzala, muhle yena uthe ungu Vela igama kodwa uyafisa ukukubona.

Zinhle: kushuthi umuntu usenama “secret admirer” engazi nje (bahleke)

Thobile: okusho lokho mzala kodwa cha bona bahle ngiyakutshela ngoba Lona omunye uthe ngabe uyangishela kodwa usaba ukuthi ubaba uyashayana, ayi cha ubaba komele ayeke ukuba nolaka naye manje uzosibalekisela amasoka.

Zinhle: weeeh mzala khohlwa ukuthi umalume uyoke alwehlise ulaka ngoba phela leyo yinto azalwa nayo futhi angeke umshintshe kuyona.

Thobile: yiqiniso mzala ngize ngifise ukube sakhulela kamakhelwane lapho izingane zakhona ziziphilela impilo emnandi.

Zinhle: ungayisho leyo mzala, kodwa asethembe ukuthi ngelinye lamalanga uyoshintsha Uma esebona ukuthi sikhulile.

Thobile: kazi kuyobe kuyinini lapho mzala ngifisa ukwazi. Ake ngilale mzala kusile kusasa.

Zinhle: ulale Kahle mzala.

Thobile: nawe ulale Kahle mzala futhi ungakhohlwa ke kusasa ukuwasha bese ngolwesine siya esikoleni. Ngiyakucela.

Zinhle: khululeka mzala ngeke ngikhohlwe.(Balale kuse ekuseni bathi ukuxoxa xoxa mbijana uZinhle beno Thobile)

Zinhle: Kanti sekusile? Mzala isikhathi sini manje?

Thobile: sesihambile isikhathi mzala sekuyoshaya insimbi yesikhombisa cabanga ngisaselana.

Zinhle: phuthuma bo mzala bengaze bakubambe ngoswazi.

Thobile: yazi ngaphambi kokuthi ngikhohlwe mzala, lomama wakwa Mkhize uthe kumele uke uye emtholampilo mayelana nalokugula kwakho.

Zinhle: bengingayicabangi ke leyo mzala yazi eyokuya khona, kodwa kushuthi sekuyomele ngiphikelele khona namhlanje Uma ngiqeda ukuwasha kodwa ngiyesaba mzala.

Thobile: hamba mzala angeke wenzeke lutho bazokwelapha kungenzeka nje uthole ukuthi yinto nje encane ekuphethe ezolapheka masinya futhi.

Zinhle: kulungile mzala ngizovuka ngiwashe bese ngiyakhona emtholampilo.

Thobile: usale Kahle mzala sengihambile mina, sengiyozwa ngawe ntambama ukuthi uhambe kanjani emtholampilo.(Aphume nangempela uThobile. Asale elungisela ukuvuka no Zinhle elawini abalala kulona. Ngapha sithola uVela ume phambi kwesibuko ukhuluma yedwa)

Vela: (ekhuluma yedwa) “uyabona ngizothi Uma ngihlangana nalengane yako Thobile. Komele ngifike kuyona sengiziqeqeshe Kahle namazwi ami ezwakala ngoba phela iyashisa leya ngane, yingelosi uqobo lwayo.”(Asondele esibukweni azibuke kusona athathe isikhwama sezincwadi zesikole asigaxe ehlombe bese ekhuluma futhi)

Vela: (ekhuluma yedwa) “ngizofika kulengane ngiyibize bese ngiyibuza igama layo Kube ngathi kangilazi (abambe isilevu sakumangala) yeyi yeka sengibanjwa ngamalimi ngoba phela kulokhu ngazalwa ngizobe ngiqala ukweshela, yendoda Vela ungabhayizi ke ngiyakucela (azishaye esihlathini ngempama) qaqeka ndoda kumele kuphele iviki elilodwa usuyishelile lentombazane mhla yabuya.”(Aphume ahambe aye esikolweni. Kuvuke uMnguni no MaZungu bekhulume ekamelweni labo)

Mnguni: wenkosikazi.

MaZungu: yebo baba!

Mnguni: awuke ungitshele Kahle sekukhona into engididayo lana.

MaZungu: udidwa yini manje Mncwabe wami bakithi? Ngoba ngithi ibhodwe lisavalwe yisidikiselo salo njena kasika galakadeli phakathi. (Ngokuncokola)

Mnguni: (ngokunyusa umoya) uyabona ke ukuphapha lokhu ongizela ngakho, mina ngithe ngididekile manje lokhu Wena osukhuluma ngakho kungenaphi kulento engididayo? Yazi usuvele ungigijimele phambili njengomchamo wase kuseni nje yini? Uphuphe oyihlomkhulu na? Ayi mani uyanginyanyisa ngalento oyishoyo (anxaphe), futhi yekela.

MaZungu: ayidle izishiyele baba bengimane ngizincokolela nkosi yami ngase sengidliwa ngiphila nje kwenzenjani?

Mnguni: ayi! Mani! Ukuthi nawe uvele uphendule into ongabuzwanga yona uyafana nesidomu esathunywa isinkwa sabuya nosikilidi ngenxa yokungalaleli. Mina bengithi kanjena kunento engididayo lana, Wena wangitshela into bengingayibuzanga yona nje.

MaZungu: ngiyaxolisa phela baba hawu yini kangaka bo, simakade sengize ngigquzwe kangaka ngathi sengibulale umuntu, kahleni bo.

Mnguni:( ngokuthukuthela) sengibizwa nge phela futhi kahle, Kahle Wena mfazi uyangeyisa wena, uyangijwayela nje (asukume amushaye ngempama)

MaZungu: (ngokukhala) hawu baba sewungishayelani manje? Ngikwenzeni? Cha umuntu uyahlukunyezwa njena layikhaya. (Akhale).

Mnguni: ukuthi sewungenza untanga wakho ngizokuphinda phela anginqeni ukukuphinda yezwa!!!?

MaZungu: (ngokukhala) ngikwenzeni mina ngempela?(Kuthi kusenjalo kungene uZinhle)

Zinhle: sanibonani malume no malumekazi, bengisalethe nanti itiye.

Mnguni: yebo mshana siyabonga.

MaZungu: (ngokukhala) yebo Zinhle unjani?

Zinhle: ngiyaphila malumekazi, kwenzenjani kwangathi uyakhala njena?

MaZungu: chabo mntanami angikhali ukuthi ngixhoshiwe nje esweni kuphela unganaki.

Zinhle:(ngokumangala) noma ngabe uxhoshiwe malumekazi kodwa uze ube bomvu kanjena pho?

Mnguni:(ngokuthukuthela) uyakutshela nje ukuthi uxhoshiwe manje wena ufuna enzeni Uma ngabe exhoshiwe ehlweni? Akuphe lento emxhophile?

Zinhle: kangisho kanjalo malume…

Mnguni: uthini pho? Awunakho ongakwenza ekhishini?

Zinhle: kukhona…

Mnguni: kulungile hamba khona ke… Bye!