Sixavathi sami. Ngizokuthanda kuze kube sekugcineni. Ngiyazi ziningi izethembiso angizenzile kuwe kodwa ngiyaphinda ngiyakuthembisa futhi ukuthi izethembiso zami ngizozigcina
Uyinyama kulempilo ewuphuthu nekabishi

Usungazisile ubuhlungu nokulimazeka odlule Kubo,mina ngiyiduku elizokusula lezi zinyembezi osuzikhale isikhathi eside kangaka. Ngiyakuthanda ukube ngangazi ngangiyocela eNkosini ukuthi isheshe ingilethe kuwe ngoba ngiyilokhu okunxanele. Ngiyimpendulo yezinyembezi zakho ebeziwu mthandazo wemihla ngemihla
Uwuju kubumuncu enginabo

Namhlanje ngiphinde ngiyakuqinisekisa ngengikuthembisileyo. Angikuthembisi izulu nomhlaba kodwa ngikuthembisa ukuzishaya zonke ziphelele ziye kini,kukikize umama wakho. Cha angizomisa iduku ngenzise okwesela lifuna ukuqeda amantshontsho emsamo libe lazi ukuthi alizimisele ngawe. Mina ngiwusofa silahlane wakho
Putsununu usuthisa imizwa yami 

Ngeqe yami,ngibonga ukungibekezelela ngisahlanganisa imali yezinkomo. Ngibonga ukungivulela inhliziyo yakho ukuba ngiyithobe kumanxeba enawo. Ngibonga ukungipha indawo yokuhlala enhlizweni nasempilweni yakho.Dali okwamanje ngiyema la anginawo amaningi angisilo isoka
Uhlale wazi ukuthi ugxumagxumisa inhliziyo yami