Siyaphoxa nje kuba ukuphoxa kwabeka, ngokomthetho bekufanele ngaba sonke siyazithoba ngaphambi kuka mama. Umama uyefana no Nkulunkulu ngokwenza kwakhe, ngiyazj bakhona abalingekayo kodwa angifisi ukukhuluma ngabo.

U thando luka mama luqala esazithwele athathe isinqumo sokuthi ayiphile ingane ngoba ukufa nokuphila kwengane kusuke kusesandleni sakhe. Kuthi eseyitetile ahluphekele ukuthi izolala endleni, igqokeni emzimbeni. Isimo sokushisha kwemozulu saziwa uyena egqokisa eyigumula ukuhambisana nesimo semozulu. Akumtheni amandla ukungalali kwakhe ubusuku nemini ingane ikhala, uyaqhubeka nje ayithande. Uma igula yaziwa uyena ukuthi yini engayisiza, uyachatha, uyaphumbutha, uyayigeza bese eyishunqisela njengo dokotela wayo wokuqala.

Kuhlula seyidlubulundele yaphuma ngamawindi yayolanda isisu uzwangaye ethi baba asimxolele umntwana ushelelile, evikela udeliziyalo ngoba ungumvekeli njenge sikhukhukazi senkukhu sivikela amachwane aso. Uchamela kuphele owakhe umendo noma ukushawa kunokuba kuhlukumezeke ingane zakhe. Ngisho inhlalo engeyinhle phakathi kwakhe namganile uzwa ngaye ethi sengihlalele izingane zami. Uma isimo singekho sihle ekhaya uncamela ukushiswa yilanga, aqhuqhwe amakhaza, anethwe zimvula etshala ehlakula emzini yabantu, elwela ukuthi ingane zakhe zilale zidlile.

Kuhlula ingane yakhe ibanjwe oqotsheni yenza okuphambene, ufike ayivikele athi kudlalwa ngayo eyenzanga lutho. Kuthi lapho bethi ayinuki ingosiwanga athi yena icala lembula ingubo lingene. Uyahlupheka uma ingane yakhe kukhona ekufisayo, ubona ngaye eyoziphonsa ebhubesini eluwu baba eyicelela. Libhodla liyeke ibhubesi, awothe ubomvu unjalo athi inqobo nje ma iyitholele ingane into eyiyifisa.

Kungamane kuphele inkomo, imbuzi nezimvu esibayeni kunokuthi zingafundi ingane. Ngisho umfana ese ganiwe umbuka phansi phezulu, uzwa ngaye sethi ” uyalambisa umakoti umntanami”, ngisho isiganile indokazi uzwangaye ethi” umkhenyana akayiphathanga kahle ingane yami”

Yeka Uthando luka mama olunetha zonke ingane njengemvula engathi bantu!

Angazi noma imina ngedwa yini ozibona emkweleta umama ngothando lakhe olungena mingcela, olungashintsha shintshi njengemozulu. Nawe owamphatha kabi usenethuba lukubuyela kuye uyoxolisa, kungaba wambeka isandla, wakhuluma weqisa, waphambana naye ngezenzo, wambalakela wayohlala ezintabeni kwamazibuse, wamthakathisa ugajwe okwakuku gabhile.

Lisekhona ithuba lokwenza izilungiso.