Udelisile angene edlini eqiqizela nethileyi . “Mama ,nanti itiye lakho .” Esho ebeka ithileyi etafuleni .

 

“Hhawu ndodakazi ngyabonga. Ukuzala ukwezelula amathambo,” Esho emamatheka uMagcaba.

 

Udelisile wayengajwayele ukwenzela umama wakhe itiye engalicelanga.Lesi senzo samsolisa unina . udelisile wahlala eduze kwaMagcaba . Ulokhu exoxrla unina ngokwenzeka esikoleni.uthe esuka wabe ehlala odabeni ,”Mama,ngicela ungithengele iselula “.

Kahle bo Deli !ngeyani nje iselula enganeni engangawe ?”

“Mama ,nezinye izingane zinawo amaselula .Nami kungakuhle Uma ungithengela .”

UMagcaba wamtshela ukuthi iselula izomenza engawenzi umsebenz weskole . Wakhala u Delisile. “Hhayi mama ngeke ngifeyile mina .Uma ungangithengeli zizongihleka ezimye izingane zithi angikho estayeleni”

Acikeke uMaGcaba ,” Isitayela sani nje?”

Akhale udelisile ,aze acikeke uMaGcaba . Abone ukuthi ingane yakhe isikhathazekile . Acele ingane yakhe imuphinde nelinye inkomishi yetiye.Asukume u Delisile ,Dukuduku abuye futhi netiye. “Ngiyabonga Deli wami omuhle” asho eze emamatheke .”Ndodakazi ngizokuthengela iselula “.

Ngiyabonga Mama kujabula uDelisile .

 

Walala engalele ngalobo busuku uDelisile.wayesezibona nje Naye esechofochofoza njengezinye izingane .phela wayesekwazi ukwenza yonke lemigilingwane eyenziwayo ngamaselula . Nakho lokho okuthiwa o-mixit wayeyifundiswa ngaba ngani bakhe .

 

Hhayi ngempela yathengwa iselula wayiphatha ezikoleni wakhombisa umngani wakhe u Dudu . Dudu ” taxes yayinhle ifoni yakho ,angithi uzongena kwi mixit . Yebo ngani ngizongena kusho u Delisile .

 

Akazange elale ngalobo busuku . Wayelokhu echofochofoza iselula yakhe .

 

Delisile ukhuluma no Dudu umngani wakhe “Dudu qagela bengikhuluma nobani izolo ebusuku ”

 

Dudu ” ubukhuluma nobani?

Delisile “bengikhuluma no k.J wase Thekwini.

 

Kuse clasini uthisha u Ngubani ucela u Delisile

Uthisha uNgubani “Delisile awusawenzi kahle umsebenz wakho weskole . Umsebenz wakho awumuhle neze .

 

Delisile amane aqambe amanga “Thisha, ngiyaxolisa ekhaya bekunenkinga ka gesi.

 

Thisha Ngubani “okay ngiyezwa Uma isho njalo usungahamba kee ubuyele e clasini”

 

Uthisha uNgubani uyabona ukuthi uyaqhubeka u Delisile ngokungawenzi umsebenz weskole . Hhayi u Thisha Ngubani akazange esapholisa maseko wahamba waya kubo ka Delisile .

 

Thisha Ngubani “sawubona mama ninjani ”

Magcaba “yebo Thisha ninjani ,kodwa ngingakusiza ngani Thisha”

 

Thisha Ngubani ” Cha lana mama ka Delisile ngize ngoba ngibona udelisile esengasawenzi kahle umsebenzi wesikole , ngoba kanti ngike ngambuza wathi beninenkinga ka gesi .

 

Magcaba “inkinga ka gesi angikhumbuli nje sinenkinga ka gesi , hhayi kodwa Thisha ngizokhuluma Naye u Deli usuyohambakahle .

 

(Udelisile abuye esikoleni ) Magcaba “Delisile yini lento engiyizwayo emadlebeni ami ukuthi wena awusawenzi kahle umsebenzi wesikole ”

 

Delisile (ngokuzithoba) ngiyaxola mama ngiyathembisa kusukela manje ngizosebebza ngokuzikhandla

 

(Kusegumbini lika Delisile u Delisile ukhuluma neselula)

 

Delisile :unjani bebe

K.J :Ngiyapla xthandwa sami

Delisile : nami Ngiyapla belunhani usuku

K.J :belu sharp ,konje vele uzongibona nini

Delisile : noma yini sithandwa sami

K.J : woza e Hillary ngizokusendela I location ngizokuthola khona

Delisile : okay Goodnight.

K.J : Good night my sweetheart 💖💖

 

Wacima iphone u Delisile . Wamoyizela yedwa . Ngempela ekuseni udelisile waphuma kubo kungumuntu oya esikoleni . Wahamba u Delisile waze wayifaka e Thekwini e Hillary

 

Kungena amaphoyisa kwa Gcaba

Amaphoyisa ” sawubona mama sacela ukubuza ukuthi layikhaya ikea Gcaba ”

Magcaba ” yebo maphoyisa ikhona impela ”

 

Maphoyisa ” okay maam sithole izincwadi esikhwameni somtwana u Delisile Gcaba bekubhalwe ezigcwadini zakhe , simuthole e Thekwini e Hillary ebulaliwe waqede wadlengulwa.

 

Magcaba “hhawu shembe nkulunkulu ngozinyo bulala wami nje nkulunkulu , washo ekhihla esikanandi .

 

Yaphela

 

Wazini nge mixit?

Ngebe u Dudu ungumngani onjani ?

Ngabe kuhle noma kubo ukuba neselula usemncane ?

Ufundeni ngalesiqeshana ?