Umngani sengubonile ukuthi umuntu ongamele umethembe. Ngangizi ukuthi ngiyojukelwa owami umngani engangimthanda kakhulu futhi namanje ngisamthandla.
Kudala kwakumunandi sisazwana singabangani kodwa safika esikoleni samabanga aphezulu. Inkinga yaqala lapho
Umngani waqala wangidla izithende ngingamboni.Waqala wathola abangani abasha wakhetha ukungilahla kanjalo wangishiya ngemuva. Umngani wayethanda ukuba umngani nomunye umuntu kodwa lowo muntu engathandi ukuba umngani naye.
Waqala umngani wami wangishintshela nendlela ayekhuluma nami ngayo wayengangiphathi kahle futhi esengenandaba nami esenaka lo omunye umngani.
Ngaqala ngazibuza ukuthi kanti ikuphi okubi esengikwenzile.Umngani lo omunye amthandayo waqala weza ukuzohlala nami etafuleni engihlala kulo esikoleni,yaqala lapho indaba ukushayisana waqala umngani wami wazigulisa ngenxa yomona wokuthi umngani lo amthandayo uhleli nami.
Waqhubeka nokuzigulisa umngani wami kanti lo omunye amthandayo akayishayi indiva nalokho okwenzakalayo.Namanje umngani wami usaqhubeka nokungiphatha kabi eskoleni kodwa ngithi kulungile Mdali makuvume wena ngizoqhubeka ngithule kanjalo ngoba ucabanga ukuthi angiyiboni into ayenzayo kodwa kulungile uNkulunkulu uzongiphendulela ngelinye ilanga
Igama lomngani wami uBabongile Sibisi,umngani lo amthandayo uNomfundo Silabela