Kwesukasukela!

Cosi!

Kwakukhona!

Sayipheka ngogozwane sambeka eceleni

Kwakukhona umama ehlala nengane yakhe, kulendawo ababehlakuyo yayinamazimuzimu. Umama wayethi uma eya emsebenzini ayishiye yodwa ingane. Wathi umama kuyo uma ngibuya ngizothi imina mtanami imina umama wakho, ngicela ungavuleli muntu lapha endlini ngize ngibuye. Nangampela kwasa ngakusasa wahamba umama. Kanti izimuzimu liyezwa, lathi ngilambe kanje ushiya ingane yodwa lashonakhona. Lasho ngezwi elibi elihhadlazelayo yimina mtanami imina umamawakho. Yaphendula ingane akusilo izwi likamama leli.

Lahamba izimuzimu laya enyangeni lathi nginenkinga la kukhona ingane engiyifunayo lapha umamawayo uyishiya yodwa emini. Yabhodla inyanga yathi thatha ilahle ulifake emphinjeni uzoba nezwi elincane njengomuntu wesifazane. Lathi selikwalo labona kunzima ukwenzalento lithi kodwa ngoba inyama ngizokwenza njani. Nangempela lenza njengoba kushiwo, nangempela lashintsha izwi. Lashona kulomuzi walomama lamemeza vula mtanami imina umama wakho, yavula ingane langena layithatha ingane. Lahamba nayo ingane, lathi lihamba endleleni labona komunye umuzi kuphithizela langena kulomuzi. Lacela baliphe ukudla lathi ngizonizwisa umgodlagodla wami ukuthi ungcwele kanjani, yasho yacula ingane esakeni [ngangahlelembizeni kwafikindodendala]. Nangempela yacula ingane bezwa ukuthi kukhona into esakeni.

Umama wayizwa ingane yakhe wathi medemu kwangathi ingane yami nje leyo. Bacabanga isu balithuma izimuzimu ukuthi aliyokha amanzi kanti bazolinika ukhamba oluvuzayo. Lithe lisahambile bayikhipha ingane, bafaka izinto ezilimazayo esakeni. Bezwa limemeza kuyavuzavuza! baluphendule nameka ngodaka! lazelafika bali phakela ladla ladla laze laphuza nesizulu. Lagoduka lithe lifika kwalo lathuma ingane yalo yathi ifake isandla izwe ukuthi khonani yakhala ingane yathi kuyalumaluma. Wayithethisa wathi iyabheda wathuma enye nayo yakhala waze waziyela yena kanti akukho lutho esakeni.

Cosi! Cosi! Iyaphela .

Siyabonga yaze yamnandi indabazane yakho