Sibingelele kubalaleli bomsakazo UBUGEBENGU ABUKHOKHELI FM. Izindaba zehora likaziphatheni kahle sizifundelwa UQAPHELANI ENIKWENZAYO.

Ngokwenza okuphambene nomthetho ungazithola ukhalelwa AMASANGO AKWA SIGONYELA. Abomthetho abadlali nangane bamehlo mane njengenyoka ehamba ibuka umzimba wayo ukuthi akukho yini okufuna ukuyihlasela. Abazithole betholoza emagcekeni abantu ngenhloso yokutshontsha, bayizwe ngendaba indlela ebuyela emakubo, kwavuthwa ebheke ejele.

Kanti abangalalelanga abazali no thisa bethi abahlukane nobugebengu bagxile emisebenzini yesikole, bazithole belele ngomhlane emakhazeni nasemithola mpilo. Abomthetho baphansi phezulu baphenya abanye abayizephula mthetho. Bayafunga bayagomela abomthetho bathi ayikho impunga yehlathi, kanti nengalo yomthetho yinde kulabo abasagcwele amathafa beqhubeka nobugebengu.

Abafunde baphasa ngamalengiso abagcinwe ezikhungweni zokuhlonyeleliswa kwezimilo, okubuhlungu ukuthi kunendawo abangeke baqasheke kuzona ngenxa yokuthi bake baboshwa. Bayaqwashiswa abantu ukuthi bahlukane nenombolo yasemajele ngoba awukho umsebenzi wayo njengoba ingabuzwa makwenziwa inhlolokhono.

Owanukubeza waboshwa ejele lezaphulamthetho Ikusasa lamahlongandlebe, usenkingeni yokuqondiswa izigwegwe ozakwabo, babodwa abathi bamfuna efile. Kuthiwa badla ngomchilo njengembuzi, abasakwenzi abakuthandayo ngesikhathi abathanda ngaso abahlukumeza ingane nabesifazane. Ubude bothango lase majele benza kubenzima ukubona bonke ubukhazikhazi obuhlobisile ezweni.

Odonsa udilika jele utholwe ekhala ezimathonsi, ethi ukhumbula ilanga ngoba kuyenzeka balizwe ngendaba njengemishado yomama babo. Ubekhala nangobunzima benhlalo ngaphakathi ethi bammise ngomlenze owadwa okweqhude lenkukhu lubika isihlobo.

Ukhalise okwembuzi ontshontshelwe abantu ahlale ebabona bentshontshela abanye abantu athule angawalumi indlebe amaphoyisa ngoba nakhu kungantshontshelwanga yena.

Mlaleli asiyivale ngokuthi nawe ofihle izigebengu uyisigebengu nawe, ngeke usale ngaphandle makuthiwa azikhiphe ezisebenza nabo. Sesiyobonana ngehora lika ziphatheni kahle ningalingwa impilo esheshayo.