Uma bekuya ngami umuntu osafunda isikole nongekawutholi umsebenzi ubezozithiba angasifaki isicelo sokuba umzali.

Kunezikhathi lakhona impilo ikuvezela khona amaqiniso ukuthi ulinyulile ibhode belingekavuthwa.

Zikhona zona izikhathi lapho ukuthokozela ukuba umzali ngisho ungenalutho. Lophu umbuka usobancane elele ngomhlane edlalisa izinyawo ekhahlela ubala, ehleka kuvele izisinana bakithi.

Inkinga iqala makungena ucingo lukwazisa ngokungaphatheki kahle kwengane, ngaleso sikhathi wena ubumatasa uzama ukufunda uzobhala isivivinyo ngakusasa. Uthi umbozo usazokwazi yini okuqhubeka ufunde emuva kocingo.

Ya bona abafani osobancane bakhona abangadle ngakuhlupha, ongamthatha ulale naye ngisho unina engekho azithulele nje kuze kuyosa emnyango engekaze akhale. Uma umfidile uyolala aze avuswe uwena umshintsha izibhingco zakhe, haaa ingelozi madoda ilokhu imonyozela kuvele inyama enyameni neyifaca eyicane.

Esikhathini esiphila kuso yonke into isiyimali, sekwaphela ukuthi kuthiwe ingane iyachathwa. Sekuyimpoqo ukuthi uma uwumzali uhlale unemali ocamele kuyo egade makuthi ingane ayiphathekile kahle noma kukhona okushadayo njengemithi noma izibhingco nokudla. Angayithathaphi umfundi leyomali ekubeni naye esakhalela abazali bakhe makukhona okumshodelayo?

Imizi ayifani ngingasasho umuzi kamngani wami uMtolo omncane u N. Kuyenzeka umfana abenenhlanhla yokuphuma ekhaya okudliwa kulo izambane likampondo noma kube iyona intombi ephema ekhaya elingconywana. Esimeni lapho oyedwa ephuma ekhaya elingconywana kuyaye kungazweli kakhulu ezindlekweni.

Ukungafani kwemizi kungenzeka bobabili baphume ekhaya lapho kudliwa imbuya ngothi. Uma kukhona okudingekayo enganeni kuyaphoqa kujuluke bona abalethi bengane emhlabeni ngoba kuyenzeka siphuma emakhaya lapho khona isimo sinzima kungadingi uze utshelwe ukuthi akukho lutho.

Kungasiza khona ukulinda isikhathi lapho sesisebenza kuzobalula nokubhekana nazo zonke izindleko njengabazali ngoba vele akukho esikuleqile. Singaphangi umdaka lingananga, sizifundisa ukwenza izinto ngendlela efanele. Abazali bethu ngisho kungathiwa badla izambane likampondo kuyadinga sibacabangele, sibashayise ngomoya imali yabo bayisebenzise ngokuthanda kwabo.