UBUHLUNGU

Ngiyaye ngith’ uma ngilicabanga ibanga esasiligudla nothandiweyo wami kuleya minyaka, ngizizwe ngingokhashiweyo ukuba ngingene emphandwini wezingonyama. Ngith’ uma ngimucabanga ngibona kuncon’ ukukhalelw’ amasongo kasigonyela. Won’ ayongilonda ngaphakathi ngingalokhu ngibhekana nobuhlungu bokubonana nowayengothandiweyo wami. Won’ ayokwenza ngizizwe ngikhululekile ngaphakathi.

Mmm namanje ngisawezw’ amazwi akh’ awasho Kimi mhla ngidunguzelelw’ umama wW-am’ engenamhlengi laph’ ehlengwa yimi. Wathi kimi ” Zweli ngicel’ ungiyeke unakane nalabo obathanday’ uhlukame nami”. Nangembala ngaqom’ isinqumo sokuhlalela kude naye ngoba ngabon’ ukuthi akusenakusasa phakathi kwami naye.

Lawomazw’ awasho kim’ asankenteza kwezam’ izindlebe, ungaz’ ufunge ukuth’ abeshiwo izolo. Kuke kungifikel’ umcabango wokuthi ngimuzwis’ ubuhlungu ngibuye ngizikhuze ngithi kuyongisiza ngani. Kwesiny’ isikhathi kuke kufik’ ukuthi ngimfisel’ okubi kodwa ngibuye ngixole.

Uma ngimucabanga ngifikelw’ umunyu. Kuvele kuth’ angisho ngesikhul’ isibibithwane kodwa ngisab’ ukuthi bath’ indod’ ayikhali ikhalela ngaphakathi. Bath’ indoda ayiqine noma kunzima. Kona ngizoqina, ngizoqina ngiphokophele phambili njengenkunz’ emalunda ngiphole Kube sengath’ akwenzekanga lutho. Phola buhlungu ngedlule kokudala

It is advisable that when you feel hurt, seek professional help:

For professional help and counselling, call one of these numbers:

SADAG (South African Depression and Anxiety Group): 0800 567 567 (toll-free counselling between 8am and 8pm)