Ngoba sbaningi esphikwa impilo emhlabeni,

Izolo ekseni bengsemseni ngbona untanga yethu ehleli phezu kwetshe bude buduze nesango lakwagogo ngimbuze mfowethu wajula kangaka ntanga kwenzenjani?

Uthi Kimi mina Makhedama ngafunda ngagogoda ekolishi,Iziyalo zabazali ngazilalela zonke,njalo ngesabatha bengthatha umnazaretha wami ngyocela impumelelo kumvelinqangi.Kodwa namanje ngsalala ngingadlile nawo amajazi Ami emfundo,Kuthiwa inkinga esemsamo abadala bayangibanga,Uma ngbikela abazali bani bathi nabo bangthola ngilahliwe emgqomeni bangicosha bazkhulisela mina,BATHI bayafisa ukungsiza kodwa nabo abazi bazoqala kuphi,Wathi ”Mfowethu ungbona nginje nje ngiwumphumela wamaphutha abazali bami ingikho nokuphila Kimi kuyiphutha”Zehle zilandelana izinyembezi emehlweni akhe,Ngimumbambathe ihlombe ngimduduza sakumthulisa.

Omunye wesfazane obedlula ngendlela ubegqoke isketi esncane Wathi”Ningixolele bafwethu angiqondile ukuniphazamisa ningbona nje nami angsazi noma ngikhulekele impumelelo noma ngicele omdala wezinsuku aqede ngempilo Yami”.Ngisondele ngakuye ngimbuze”Kodwa nkosazane wakhuluma kabuhlungu kangaka kwenzenjani?” Wathi “ungcono wena hlampe udlile izolo mina sekunghlulile ukuphila kunini ngikhulekela impilo engcono kodwa lutho izolo ukuth ubaba wadlwengula umama ukuze kube khona mina manje lento Kuthiwa kudingeka inhlambuluko noxolo njengoba bonke bengasekho namhlanje ngdayisa ngomzimba ukuze ngilale ngidlile ngenxa yamaphutha kababa”

Ngezwa izinyembezi zigcwala amahle ngaphuza amanzi ngahlala phansi kwacima ilanga kuheleza nomsinga obandayo ngizwe izwi lithi “Mzukulu sukuma Musa ukukhala thula sekuseduze phambili” iphambili liphi??kunini ngigijima ngzama impilo kodwa akulungi, kunzima ukuphila ngethemba lokuthi sekzolunga kuyacaca vele impumelelo ikhetha amabala gogo buka nalelithemba owangishiya nalo selilincane kakhulu angboni liyoshona laksasa lisekhona.

Kunzima ukuphila.