Iningi liyakhala ngokungahambi kahle kwezinto nokuthi mabeyobheka kuvele ukuthi izingane ezaphuphuma noma ezahushulwa eziyimbangela yokubhimba kwezinto.

Uma ikhona enye indlela yokwenza ukugwema ukuqhuzulwa itshe eliqhuzule abangaphambili, asiyizameni. Akumngani wamuntu ukubukela abantu bephumelela phambikwakho, eyakho impilo ibe imindawonye.

Kuyezwakala okwengane ephuphumile ngoba angikholwa ukuthi ukhona umuntu onolwazi ngembangela yokuphuphuma kodwa eyokuhushula ingagwemeka, ziningi izindlela esingazithola masingavakashela emitholampilo seyothekelwa ulwazi.

Ngisho kungathiwa sinjani isimo sakini ungasihushuli isisu makwenzekile wakhulelwa. Sakhula kuthiwa alikho ithuna lendlala, nathi asikaze silibone. Singawasabi amehlo abantu ngoba akekho umuntu ongenalo utwayi lakhe.

Asizameni kuzolunga.