Ngidondolozelise noma ngimadolonzima ekuku khonzeni.

Ngenze ngifunde kwabasandulelayo bengakholwa kodwa ekugcineni bakudinga.

Zimile phaz’kwamakhanda abo izinceku zakho zibanxusela indlela ezakuwe.

Ziwagumulile izintokazi amabhulukwe, bangena ezindlekwe abazali beyoth’ingubo ezingaziwanga imizimba yazo zisaphila.

Yenza umqondo wam uhlukane nobushosha ezintweni ezibalulekile.

Yenza amehlo wam ahlukane nobumpumputhe izinto zenzeka phambikwam ngibuka.

Nabangawazi umnyango wesonto asingeni kowakho umhlabathi lingathintwanga elakho igama.

Ubukhazikhazi bezwe bungengiseze.

Udumo lezwe kungengisize lapho sekuphelile konke ukuhlakanipha namacebo.

Ufikile unokufa lagqabuka ifinto likasofa silahlane lokuhleka ngemifakela.

Konke owawukudalile ukudinga kunjengokukudala kwakho masekubuyela kuwe.

Bengiyoba nanhlanhlani mina ngedwa ukungena necebo egodini eyabaningi isalala ngaphandle.

Ekwenzeni konke kwam ngenze ngizidle ngizibeke amathambo.

Lungifice usuku olunqoba iziqhwaga namashinga ngililungele.

Lapho izicebi zimbatha ngubonye nabadla imbuya ngothi.

Lapho abafokazana bembatha ngubonye naMakhosi

Lapho ingcebo nobukhazikhazi buphenduka intandane buhanjelwe uyise.

Lapho kuphel’ukwazi nokuhlakanipha nobuqili yiba nam Nkosi.