Ngiqale loluhambo ngingazi ngiyaphi futhi ngingazi ngiyophelelaphi ,ngihamba ebunyameni ,ngivaleke amohlo evulekile Impilo leh!!.evalekile nje amehlo kodwa bengiphokophele phambili nje phela ngalibamba ngalibambisisa elithi”ngisho ngihamba esgondin esinethunzi lobumnyama angikwesaba lutho ngoba yena unami”

Kwakhanya ngabubona ubuhle belanga “Impilo iyamangaza”.Bajabula abangani izihlobo zajabula Mani ngihleka into engapheli phela iningi beselibukela kumina ,ngihambela phezuli sengize ngachonya nophaphe leGwalagwa ubumnya bengibubukela kude kunami .Ngihambela phezuli nje angikhohliwe langisuka khona nabantu abandinganga usizo ngibazisa

Ngisize abantu abaningi sbebedinga usizo ngehliziyo emhlophe ngazakhela ugazi kubantu abaningi. Bengisiza nje ngazi ukuthi ukuth ngelinye ilanga kuyohlwa lingishonele ilanga nami lapho ngiyobe sengidinga intambo eyongiwelise ekukhanyeni empeleni. Impilo iyamangaza! .nangempela kwahlwa kusemnandi

Ngahlala ebunyameni ngilinde ukusa ,ngalinda ,ngalilahla ithemba ukuth kuyoke kukhanye ,laphindela buya kodwa lutho ukusa namanje ngisasebunyameni .sengiqal nokucabanga nokuthi ubunya bangunaphakade.impilo Inzima