Ubuqotho kubantu abezwanayo bubonakale ngezinto eziningi. Uma kukhulunywa ngomngani kusuke kukhulunya ngomuntu osuke ewuwena isibili, iso lakho elisesiphundu elibona lapho awakho engaboni khona,Indlebe yakho yesithathu ezwa lapho kuhluleka khona ezakho.

Umngani wakho umuntu okuthi uma eqhuzulwe itshe esahamba yedwa, akukhalime wena manihamba nobabile ukuthi lingakuqhuzuli njengo limqhuzulile yena. Uma ningamantombazane kwenzekile washelela wathola ingane, uye angakufiseli ukuthi nawe uthole ingane ngoba usuke ebazi bonke ubunzima obhekana nabo uma uyingane enengane. Aka kubizeli abafana ukuthi bazokushela, akakuncengeli izesheli ukuthi uziqome ,kuna lokho uthi baleka ngazozombili.

Uma kwenzeka elingekile wasebenzisa izidakamizwa. Akazitusi izidakamiswa phambikwakho azenze zibe yinto enhle khona uzongena nawe, kepha uye akhulume amaqiniso ngazo akuvule amehlo ngobubi bazo.

Masikhuluma ngomngani sikhuluma ngomzali ongemzali. Ukwenza komngani kuyafana nokomzali, bobabili bavikela umuntu abasuke bemthanda ebalulekile ezimbilweni zabo. Angikholwa ukhona umngani ongakuyeka esitolo uthenge into ezokudonsela amehlo la osuke uhamba khona, mayincane uyakutshela nje ukuthi incane noma ayikufaneli. Akakhulumeli ukuthenga amehlo akho, engathengisi nangeqiniso ngoba nakhu esabela ukuthi uzomshiya noma umzonde.

Umakwenzeka ugana noma uganwa uye avule igebe phakathi kwenu no ganene naye, ukuze nizoba nesikhathi sokulungisa izinto zenu. Ma umbikela ngobunzima obhekene nabo emzini uthi bekezela, akathi shiya phansi uzofana naye njengomuntu obethandazela ukuthi nibenezinkinga. Impumelelo yakho imjabulisa ukudlula wena oqoba. Uhlala ekuhlomisa ngezinto ezakhayo nezizokusiza ukwazi ukufezekisa amaphupho akho.

Akumjabulisi ukukubona ukhathazekile, udela konke anakho ngawe. Uphenduka ummeli wakho ongadingi nkokhelo, ojatshuliswa ukukunikeza usizo lapho uludinga khona. Uyakwazi ukubona impi ezokuhlula nozokwazi ukuyinqoba. Akalishumayezi ivangeli lika deliziyalo zabazali, kunalokho uyena okubuyisela endleleni.

Ngyafisa ukuzwa ukuthi omunye umuntu angaphawula athini ngalokhu okungasanhla.