UBathandwa usebenza e-EasyPay Loans khona ezothola imali yokuzinakekela njengoba esafunda, ujabula kakhulu ngokukhokhelwa ikhomishiningokuthola abantu abathatha imali ebolekisayo. Ziyehla izihlathi engenelwa inqwaba yo-‘please call me’ bevela kuGogo wakhe omtshela ukuthi akayitholanga imali ngosuku lokuhola impesheni. Ngabe kwenziwa yini lokhu? Ngabe kuyini okuzovezwa uhambo lukaBathandwa ephindela ekhaya evakashele uGogo? Ngabe isinqandamathe sikaBathandwa sizokwazi ukuziphatha kahle engekho esekhaya ngoba kunesipatsha sentokazi emfuna phansi phezulu?
This story is available in English: Debt Trap.