Into yokuqala eyenziwa uGladys evuka ekuseni ukuya ekhishini abheke imitha kagesi–uyithola phansi sekusele amanenjana okugcina. Uyaphuthuma apheke iphalishi, afudumeze nokudla okusale ngayizolo.

UNoluthando uzilungiselela ukuya esikoleni. UGladys ubuka isitofu apheka ngaso, abuke naphezulu ophahleni kothayela ababili abasha akabathenga ngemali ayiboleka e-EasyLoans. Wathenga isitofu esisha ngoba esidala sasesigugile sifile, othayela wabathenga ngoba uphahla luvuza. Uyazibuza ukuthi ngabe lemali ayiboleka ukuze athenge lezinto ayezidinga iyona le esimhluphekisa kangaka. Uzama ukuyibala ngengqondo lemali kodwa agcine edideke kakhulu kunakuqala.

“Nali iphalishi, mntanami,” utshela uNoluthando.

“Ngiyabonga, Gogo.”

“Ugcine nini ukukhuluma noBathandwa? Uzobuya nini?”

“Sigcine ukukhuluma kuthangi. Wathi uzofika kule mpelasonto,” kuphendula uNoluthando ephephetha ispuni esinephalishi elishisayo.

“Ngike ngazama ukumfonela izolo kodwa ucingo lwangangena.”

“Ifoni yakhe iyahlupha, Gogo. Nami ngike ngamuzama kodwa lutho. Wagcina ethe uzothenga entsha maduze.”

“Ngendlela engimdinga ngayo nje ukuthi angisize ngale nkinga enginayo ngekhadi. Ngifisa ngabe usefikile kwamanje.”

“Kukhona ini engingayifaka esinkweni engizosiphatha esikoleni?”

“Akukho lutho, mntanami. Kwasinkwa leso asikho. Uzophatha wona lomfudumezo wokudla okusale izolo.”

“Gogo, bazongihleka esikoleni sengikhipha umfudumezo ngesikhathi sekhefu. Ngizoba ihlaya lesikole.”

“Hhayi ke angazi ngoba akukho okunye ukudla. Uzibonele nawe izolo lapha esitolo ukuthi akukho okunye abasinike khona. Uyabona, mntanami, la emhlabeni kumele ungazixaki ngokuthi abantu bathini. Abantu bayohleze bekhuluma ngisho ungenzani. Wena uyasazi isimo sakho. Manje uncamela ukubulawa indlala kunokuphatha umfudumezo esikoleni?”

“Cha, Gogo. Ngizowuphatha umfudumezo,” kusho Noluthando.

“Ubhala siphi isifundo namhlanje?”

“Iphepha lesibili lezibalor.”

“Ngikufisela inhlanhla. Ufunde ngokwanele kodwa?”

“Yebo, Gogo, ngifunde ngokwanele. Ukuthi nje Izibalo zilukhuni.”

“Wenza kahle ufunde ngokuzimisela ngoba kusele izinyanga eziyisithupha kuphela ubhale umatikuletsheni. Uzimisele uphase kahle khona uzothola i-bursary nawe njengodadewenu uBathandwa.”

“Yebo, Gogo. Ngizozimisela.”

UNoluthando uhamba aye esikoleni, uGladys asale azilungiselele ukuya edolobheni. Ubala imali yokugibela ayibolekwe ngu-Iris athole ukuthi izokwanela ukuya edolobheni kuphela, ngeke abenayo eyokubuya.

Amathambo abuhlungu, amadolo aqaqamba ngathi ahlatshwa izinaliti kodwa uyaqinisela aguqe athandaze.

“Nkosi Mdali, ngicela ungisize ngale ndaba yekhadi lami namhlanje.”

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Uyavumelana nalokhu okushiwo uGogo ukuthi emhlabeni kufanele ungazixaki ngokushiwo abantu? Uma uvumelana nakho ungasinika into eye yakwehlela ekhombisa lokhu?