Unobhala uthatha ikhadi le SASSA, lichofoza ikhompuyutha, lilinde isikhashana. “Nakhu la, kukhombisa ukuthi imali ifakiwe izolo,” kusho lo mlisa.

“Pho kwenziwa yini angabi nalutho ekhadini lakhe?” kubuza uBathandwa.

“Angazi kwenziwa yini lokho. Kodwa nakhu kuyavela ukuthi imali ingenile ekhadini ekuseni,” kusho lomlisa ephendula ikhompuyutha ukuze noBathandwa azibonele.

“Ngizodinga ungiphrintele izizatimende zezinyanga ezintathu,” kusho uBathandwa.

“Ngeke ngikwazi ukwenza lokho,” kusho unobhala.

“Ngobani? Ngiphethe yonke into– incwadi engigunyazayo, ikhophi yakhe yepasi eqinisekisiwe, ikhophi yami yepasi eqinisekisiwe – enginika igunya lokufuna izitatimende zikaGogo.”

“Ngebhadi asiphrinti izitatmende.”

“Ngicela ungibizela umphathi.”

“Usaphumile umphathi. Ukube ukhona naye kade ezokutshela lento engikutshela yona.”

“Uwenake okufanele ungisize.”

“Wentokazi, nami ngiyazisebenzela la. Angazi okuningi.”

“Buka, ngiyiphethe incwadienginika igunya lokufuna izitatimende. Kufanele ngabe ninazo iziztatimende!” kusho uBathandwa efutheka.

“Uma imali esele kuyiqanda kusho ukuthi akanayo imali. Manje mina ufuna ngenzeni? Ngizowuthathaphi umlingo ozokwenza kuvele izitatimende. Isistimu yethu ayikwenzi lokho. Mhlambe uyikhiphile imali wayisebenzisa, kwazibani?” Lo mlisa usefuthekile njengoBathandwa.

“Akakhiphanga ngisho nesenti. Ngikhombiseni izitatimende khona sizobona uma eyikhiphile imali.”

“Lo muntu omfunela izitatimende unalo ikhadi lase-EasyLoans?” kubuza unobhala.

“Yebo unalo. Kodwa usesikhokhelile wasiqeda isikweletu salapho. Sekuphele izinyanga eziningi esikhokhela.”

“Hamba uyobuza khona e-EasyLoans. Noma ufonele isikhungo samakhasimendesakhona. Uzowathola lapho ama statements. Akanayo imali ngoba i-EasyLoans uthatha imali okweletwa yona ngosuku lokuqala enyangeni. Kungenzeka ukuthi ukweleta imali eningi. Sengike ngakubona kwenzeka lokho.”

“Kwenziwa yini izitatimende zibe lapho zingabi kunina la?”

“Njengoba ngikutshela nje, hamba e-EasyLoans.”

“Kodwa kwenzeka kanjani lokhu? Inina enimholela impesheni kodwa aninazo izitatimende? Ayinangqoondo le ndlela enisebenza ngalo.”

“Indlela izinto ezihamba ngayo futhi ngeke zijikwe nguwe. Ufuna ngenzeni mina ngoba sengikutshelile ukuthi uzowatholaphi? Akeze olandelayo,” kusho le nsizwa ibiza umuntu olandelayo odinga usizo.

UBathandwa uphuma aqonde ehhovisi le-EasyLoans evutha ukuthukuthela.

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Unobhala uthukuthele; noBathandwa uthukuthele. Ubani osephutheni? Kulungile ukuthi izitatimende zitholakale enkampanini eseceleni angatholakali e-SASSA?