UMbali uyamamatheka elele. Uphupha ewasha izingubo emfuleni. Kuthi kusenjalo kuqhamuke uManqoba. Nabaya bethelana ngamanzi ematsheni. Kuthi kusenjalo izulu livele liguquke, amafu abe mnyama bhuqe. Liletha esibi isichotho lesi kugcwale umfula uze ukapakele ngaphandle. Kuqhamuka igagasi lamanzi, lidlule noManqoba amuke.

“Manqoba! Manqoba!” Kuhayiza uMbali. Uphaphama emanzi te, eqhaqhazela.

“Yehlisa umoya dadewethu iphupho nje,” kusho uQhamkile evuka ehlala embhedeni. Usondela kuMbali amange.

“Uphupheni dadewethu?”

“Ngiphuphe uManqoba emuka nomfula. Uyazi ukuthi iphupho elinjena lichaza ukuthini?”

“Ngolwazi lwami amanzi abika izinyembezi. Noma abika ukuthi umuntu othandana naye umithisile,” kusho uQhamkile esula ubhici.

“Ngingabe ngikhalelani kodwa ngoba mina ngizoshada nesithandwa senhliziyo yami. Futhi uManqoba akamithise muntu mina ngiyakwazi lokho. Angeke ayenze leyonto kimina. Uyangithanda futhi nami ngiyamthanda.”

“Ungawathathi kancane amaphupho. Ubogawula ubheke. Phela akuwona wonke umuntu ojabulile njengoba ushada. Bonke abazali bakufisela izingane zabo lokhu okwenzeka kuwe. Bonke bafisa sengathi izingane zabo ezizoshada noManqoba.”

“Ungazikhathazi ngalokho nginesiqiniseko inyongo nje. Iphupho liyadida kungenzeka kungabi ilento oyiphuphile kwenzeke into enhle. Asilale kusile kusasa.”

Nangempela lithi ilanga libingelela amathafa amalungiselelo abe esemi ngomumo. Ilanga liphuma lithi saka. Ayahlangana amakhosikazi endawo, ayale uMbali. Wonke amakhosikazi abeka amagama akhayo. Umalumekazi wakhe yena usho elilodwa nje.

“Aphunguka amapuleti. Umnyeni wami uzoke ayeke ukondla umphakathi,” kusho uMaKheswa.

Ayashaqeka wonke amakhosikazi.

“Kodwa Makheswa waba njani? Ngenkathi usuka kini uzogana kanti wawungazimisele ukuzokwakha lomuzi? Wena wawuzobhidliza nje kuphela?” kuthetha omunye womakhelwane, uMaNdlovu.

“Malumekazi angeke uze ungikhumbule nje?” kubuza uMbali.

“Ngikukhumbula ngihlushwe yini. Angazi ukuthi iNkosana ayinithathi ngani nobabili nodadewenu.” kusho uMaKheswa ephuma ngesicabha.

“Umngamnaki wena Mbali. Jabulela ukuthi wena uyashada nje kuphela,” kududuza omunye womakhelwane.

Nebala uyaqala umshado. Ziyaqhudelana esitikini ezombholoho. Abakamakoti kwesokunxele. Abakamkhwenyana kwesokudla. Bayabholoha bayakolodelana. Abantu bavunule bahle bayaconsa. INkosi noNdlunkulu bahlezi ngaphansi kompheme omuhle ohlotshisiwe. Izisebenzi zilokhu sibaphephetha njengoba ilanga likhipha umkhovu etsheni. Siyafika isikhathi semibuzo.

“Ngabe wena Manqoba Mabaso uyamthatha uMbali Sthole, ukuba abe ngumfazi wakho ngokuphelele?” Kubuza iphoyisa lendawo.

“Yebo ngiyamthatha,” kusho uManqoba egiya eqephuza.

“Ngabe wena Mbali Sthole uyamthatha uManqoba Mabaso, ukuba abe ngumyeni wakho ngokuphelele?”

“Yebo ngiyamthatha,” kusho uMbali egqiza enkundleni.

Kuqhuma imikikizo ngapha nangapha. Izinsinzwa zishaya amakhwela. Ukudla kuyiziduli zabasali. Kuhlatshwe izinkomo eziyisihlanu. Inkosi imeme zonke izigodi ezakhelene naseBhamshela. Kugcwele kuyanyathelwana. Kusinwa ingoma kumnandi kunjeya. Kuqhamuka uMaHlongwane adonse isihlalo ahlale naye eceleni kwenkosi.

“MaHlongwane njengoba uqhiphotheke lana ubani ogadile ekhishini?” kubuza inkosi uBhungane.

“Baba, kade ngihlezi ekhishini. Nami ngifuna ukuthamela umcimbi ngibone abantu njengawe noMaNdlovu. Ngikhathele ukufuqwa intuthu.”

“MaHlongwane musa ukuzenza ingane. Uyazi nawe ukuthi njengonkosikazi omncane uwena okufanele ubheke ikhishi.  Phindela ekhishini uyobheka ukuthi izihambi zami zidlile yini futhi zanela!”

Usukuma esezihudula uMaHlongwane ephindela ekhishini. Intuthu iphuma ngeziqu zendlu. Bonke abantu baphuma khona becikica ungafunga ukuthi kubaswe ngezinkuni ezimanzi. Inzondo kuMaHlongwane iyakhelana kancane kancane.

Okungapheli kuyahlola, nosuku lomshado seluya emaphethelweni. Igumbi labo lokulala lihlobiswe kahle, umbhede undlalwe ngamashidi amhlophe qwa.

“Sthandwa sami ngiyakuthanda. Ngizohlezi ngikujabulisa njalo. Noma kunini uyohlezi usenhliziyweni yami,” kusho uManqoba ebuka uMbali emehlweni.

“Ngiyabonga ukuzwa amazwi  amnandi kanjena mnyeni wami. Nami ngiyakuthanda futhi uyohlezi usenhliziyweni yami.”

Bayaqhubeka bathamunde ezabo zothando. Bakhuluma ngemuva labo, lapho besaqala ukuthandana. Baphinde futhi bakhulume ngekusasa labo. Bakhuluma ngabantwana nokunye okuningi.

“Ngiyakuthanda, Mbali,” kugcizelela uManqoba.

“Ngiyakuthanda nami Manqoba,” kuphendula uMbali.

Bayasondelana, bamboze ngengubo, baqabulane.

Sitshele umbono wakho: Ngabe likhona iqiniso kulokhu okushiwo nguQhamkile kuMbali mayelana nephupho lakhe?