Zibukana eside isikhathi izilamani ezimbili zakwaSthole. Babukana nje kuqathaka izinyembezi. Izinsuku sezihambile. Kusasa uMbali ugcagcela ebukhosini. Isikhathi sigijima ngendlela emangalisayo namhlanje.

“Ungakhathazeki ngami, Mbali. Sengimdala manje ngizokwazi ukuzinakekela. Wena bhekisa amehlo akho kumnyeni wakho kanye nomndeni wakho omusha. Ngicela ukhohlwe yimi,” kusho uQhamkile esula izinyembezi.

“Musa ukukhuluma kanjalo, dadewethu. Mina ngakushiyela ibele. Angisoze ngakhohlwa nguwe, thunjana kaMama,” kusho uMbali emsula izinyembezi.

“Ngempela ungakhathazeki, dadewethu. UThabani uzonginakekela.”

“Uzokunakekela kanjani engasebenzi?”

“Sizolenza icebo. Ungithembisile ukuthi uma ethola umsebenzi uzongilobola sishade. Nami ngizophuma kulesi sihogo somuzi.”

“Kushiwo esinye isihogo dadewethu. Umalumekazi wakho nguyena usathane qobo.”

“Ngikufisela inhlanhla, Mbali. Ubekezele kuthiwa umendo awuthunyelwa gundane. Ngiyazi kungenzeka ungabi naye umuntu ozozihlupha ngokukunika iziyalo ngaphambi komshado. Ngakho ke mina ngizokunika namazwi athi, ‘Ungesabi ngokuba uJehova unawe’.”

“Ngiyabonga dadewethu,” esho embamba emanga.

UQhamkile uvakashela isoka lakhe uThabani ngoba kunamahora ambalwa ngaphambi kokuba kuqale ukusebenza belungiselela umshado. Abanalutho benoThabani kodwa bayathandana.

“Kumele ngihambe manje Thabani. Isikhathi sihambile,” kusho uQhamkile evuka ehlala embhedeni.

“Sthandwa sami usuyahamba njalo ufika nje?”

“Angeke ngikwazi ukulala lana namuhla ngoba kusasa uMbali uyashada. Nawe uyazi ukuthi uma kunomshado akulalwa. Abantu balokhu beyaluza egcekeni nje.”

“Ngiyazi kodwa nami ngiyakuthokozela ukuba nawe, sthandwa sami.”

“Thabani, namuhla ithuba lokugcina lokuthi ngilale nodadewethu embhedeni owodwa. Angeke ngiphinde ngilithole lelothuba,” kusho uQhamkile esula izinyembezi.

“Musa ukukhala ngoba uzoya ukuyomvakashela uMbali. Ngiyakuthembisa, sthandwa sami, uma ngithola umsebenzi nje nathi siyashada.”

Bagonana eside isikhathi lesi. Ngesikade bephelezelane.  Yibo labaya bewela umfula Imatidlobhe bekhuphuka ngentaba.

Nebala angene uQhamkile egcekeni. Kuyaphithizela, abantu bagcwele igceke. Amadoda endawo abase umlilo emnyango osa inyama, aphuza utshwala besiZulu. Endlini yangasenhla kugcwele izintombi ziyasina. Phela nazo zifuna ukunakwa kusasa emshadweni, hleze ucilo uzishaye endukwini.

“Abakaze bangibuze omalumekazi?” kubuza uQhamkile kuMbali.

“Cha, uphumaphi vele?”

“Ngiphuma kuThabani. Ngizokukhumbula dadewethu.”

“Ngizokukhumbula nami thunjana kaMama.”

Nasebukhosini kugcwele kuyanyathelwana. Inkosi imeme izihlobo nabangani ukuba bafike bezobunganyela kanye nabo ngaphambi komshado. Amaziko maningi lapha egcekeni. Abantu bothe umlilo bayahleka.

“Manqoba, ndodana yami ngiyaziqhenya ngawe mfana wami. Usuthathe isinyathelo sobudoda. Isinyathelo sokuganwa. Ukhethe kahle, mfana wami. Yinhle intokazi oyithathile. Injalo nje isaphelele ayikaze ithintwe. Uyiphathe kahle lengane yabantu, Manqoba,” kusho iNkosi uBhungane.

“Ngiyezwa, Baba. Ngizomphatha kahle uMbalenhle. Ngiyamthanda futhi angiziboni ngithanda omunye umuntu wesifazane ngaphandle kwakhe,” kusho uManqoba emoyizela uma ecabanga ngoMbali.

“Mfana wami, uvele ungikhumbuze mina ngisakhula. Nami ngangimthanda kanjena umama wakho. Nanamuhla ngisamthanda futhi uthando lwakhe alusoze lwaphela,” kusho iNkosi iphulula isandla sikaNdlunkulu, uMaNdlovu.

Kwabe usegxobekile njalo uMaHlongwane. Usuka eseshingizela eyophuma ngomnyango.

“MaHlongwane silethele iziphuzo,” kusho iNkosi.

“Yebo, Baba,” usho ngenhlonipho kodwa inhliziyo ibe igaya izibozi ngaphakathi.

Ucikeka kakhulu ukunakuqala. Uyama isikhathi eside ekhishini ecabanga amaqhinga amabi. Ufisa ukuba nguye owazalela inkosi inkosana. Ufisa ukuba nguye unkosikazi oyintondakazi.

Sitshele umbono wakho: Ubona ukuthi kufanele athathe liphi igxathi empilweni yakhe uQhamkile njengoba kushada uMbali?