Nokuzola

Bengaziwa njengentombazane enhle kunawo wonke esikoleni. Kodwa lokhu kuphenduke esikhaleni nje ngoba ngelinye ilanga ngavuka ubuso bugcwele izinduna ezingapheli.

Sengizame yonke into yokugcoba ongayicabanga. Abangani bami sebekhathele ukungigcobisa imithi yabo yezinduna. Noma sibingelelana asisabingelelani ngama-hugs. Izolo uZukiswa ubekhuluma nomunye umngani wethu waphendukela kimina kwathintana izihlathi zethu ngephutha. Ungidudule ngamandla engisusa eduze kwakhe. Ngicishe ngawa ezitebhisini, kodwa ngazimelela, ngezwa iqakala liklunyuka.

“Ukwenziswa yini lokhu, Zukiswa?” ngimbuze amehlo ehlengezela izinyembezi.

“Hheyi, ungaphinde ungithinte we Nokuzola. Izinduna zakho zingaze zesulekele kimina!” engiphendula ngokucasuka.

Kukhala insimbi yokuphuma kwesikole ngibaleke ngiqonde endaweni engicasha kuyo. Amancoko, ukuhleka, kanye nomgosi wasesikoleni kuyaqhubeka njengenjwayelo uma sesiphumile isikole, kodwa mina angisahambi nabangani bami, ngibabaze, ngihleke nabo. Ngibaleka ngiye endaweni yami yokucasha ngikhiphe umuthi abanginika wona emtholampilo ngiwuputshuze ngiwuhlikihle ebusweni. Abahlengikazi basemtholampilo bangitshela ukuthi uzosebenza lo muthi kodwa lutho, kunalokho ziyanda. Ubuso bami busagcwele izinduna.

Abantu ebengibabiza ngabangani boqobo sebeyangenyanya. Uma behamba phambi kwami ngiyabezwa behleba ngami, baphenduke bangikhombe, bagigitheke. Kubuhlungu kakhulu uma behamba emuva kwami ngoba bayangikheqa, bangithele ngamanzi ne-juice.Uma ngibuza ukuthi bakwenzelani lokhu, uBusiswa waphendula wathi, “Senzela ukususa lezi zinduna ezigcwele ebusweni bakho.”

Lubabalo

Ngibheka uNokuzola endaweni yethu esihlanganela kuyona. Namhlanje kugcwele isixuku samantombazane – ngabe ukhona naye kulesi sixuku? Ngiyasondela ngibhekisise kodwa ngikhumbule ukuthi kulezi zinsuku akasejwayele ukuhamba nabantu abaningi, njalo uhlale ehamba yedwa. Nangempela angimtholi. Imicabango igijima ekhanda njengoba ngihamba ngimbheka isikole sonke nje. Ngabe ngisafuna aqhubeke ukuba intombi yami? Ngabe nguye ngempela engifuna ukuthandana naye? Nami sengiyayizwela le ndaba yezinduna ezigcwele ebusweni bakhe. Abangani bami esidlala nabo kwi-cricket team bayangigcona ngobuso bukaNokuzola. Ngimbheka isikole sonke kodwa ngingamtholi. Kodwa ngiyazi ukuthi ukhona lapha esikoleni ngoba akazange asho lutho ngokushesha agoduke.

Ngithatha ipeni nephepha ngibhale.

“Nokuzola, ubukuphi? Ngikubheke isikole sonke kodwa angikutholanga. Ngiyethemba uyazi ukuhi ngisakuthanda.

Lots love, Luba – your man.”

Ngiyigoqa kahle, ngiqalaze ngibone ukuthi akekho ongibonayo, ngiyifake kwi-locker kaNokuzola le ncwajana. Kodwa kwamina anginaso isiqiniseko sokuthi ngisafuna ukuba siqhubeke sithandane noNokuzola.