Ngayeka ukuphuma ebusuku ngivakashele uThobekile emuva kokucishe ngibanjwe. Zahamba izinsuku, kwedlula amasonto sigcina ngokubonana esikoleni noThobekile. Kwakungathi ngiyagula ngoba singasitholi isikhathi sokuhlala sobabili. Kodwa ngabekezela ngoba ngesaba ukuthi bazongibamba abazali bami.
Ngangingazi ukuthi kubuhlungu ngale ndlela ukukhumbula umuntu omthandayo, nokuthi ayikho into edambisa lobo buhlungu. Kwakuqaqamba inhliziyo uma ngimbona ehlezi ekhoneni eklasini. Ngangibona ngendlela ayengibuka ngayo ukuthi naye uyangikhumbula. Ngangifisa ukusukuma ngiqonde kuyena ngimqabule. Kungathi ngingamemeza kwazi izwe lonke ukuthi siyathandana.
Kwathi ngelinye ilanga, nge-break, ngezwa kushisa esiswini, kungathi ngingabuyisa. Ngagijima ngaya ethoyilethe, kwabuya konke ukudla.
“Nkonzi?” Ngajabula ngoba ngalelo langa uPamela wayengangibizi ngoChurch Girl. “Uyafa yini, sithandwa sami?”
Kwakungokokuqala ngizwa ukuthi uPamela akangibhuqi. Wangisondeza esifubeni sakhe, wangimbambatha emhlane.
“Ewu,” ngabuka phansi, ngizisola.
“Yini, Nonkonzo, mngani wami?”
“Angiyanga esikhathini. Nakhu manje ngiyabuyisa.” Ngazama ukwehlisa umoya kodwa ngehluleka – ngoba ngazi kahle kamhlophe ukuthi kubangelwa yini lokhu okwenzeka emzimbeni wami.
“Usho ukuthi … ukhulelwe?” UPamela wabuza ngezwi eliphansi. “Uke waya ocansini noThobekile?”
Ngavuma ngekhanda.
“Izikhathi ezingaki?”
“Kathathu.”
“Nakanjani nakusebenzisa okokuzivikela.”
Ngaphika ngekhanda.
“Ungakhathazeki. Lokhu akusho ukuthi ukhulelwe. Mhlawumbe uziphathelwe isisu nje kuphela.”
“Pam, ngiyazi uma kukhona into engahambi kahle emzimbeni wami. Buka nje, umzimba wami uyaguquka, futhi ngiyezwa ukuthi ikhona into elapha esiswini.”
“Mina angikholwa ukuthi ukhulelwe.”
“Uma ngikhulelwe ngempela? Uyazi umama uzongenzani? Ubaba yena uzongigqiba ngiphila. Bazolahlekelwa izikhundla zabo ebandleni. Ngisize, Pam. Ngicela ungisize.”
“Kanjani, mngani wami? Ayikho into engingakusiza ngayo ngaphandle kokuthi sithole indlela ozobazisa ngayo abazali bakho.”
“Ayikho indawo oyaziyo eyenza ama-abortions?”
Kwabe ngenze iphutha lokugcina ngokubuza lo mbuzo. UPamela wakhuluma sengathi ungumzali; engiyala ngobubi bale nto engiyicabangayo. “Ungenzenjani uma ukhipha isisu kanti ubulala umongameli wakusasa, noma umkhululi wabantu abahluphekayo, noma uJesu wesibili?”
“Hheyi wena, Pam, abazali bami bazongidingisa uma ngiyizala le ngane.”
“OK, Nonkonzo. Kodwa kumele umtshele uThobekile ngaphambi kokwenza i-abortion.”
“Ngeke ngikwazi ukumtshela. UThobekile umatasatasa, ufundela ukuvivinyelwa komfundaze wase-England. Uma ngimtshela uzodideka, nabazali bakhe bazomkhipha esikoleni. Uzogcina esebenza ezimayini ukuze akwazi ukondla ingane. Angazi ukuthi ishwa lani leli elingivelelayo. Ngalala kathathu kuphela noThobekile. Iyona ndlela uNkulunkulu angijezisa ngayo lena?”
“OK, kulungile, ngizokuzwela mayelana ne-abortion. Kodwa ukhumbule ukuthi umqondo ungawushintsha noma nini, ube nayo ingane, uyizale.”
Ngakusasa uPamela wafika ephethe ipheshana. Kuleli phepha kwakubhalwe izimangaliso ezenziwa uDoctor Mamazian. Ngangingenandaba nezinye izimangaliso, mina ngangifuna axazulule le nkinga ekhula ngaphakathi kimina. Kwakubhaliwe nokuthi uDoctor Mamazian uyakwazi ukwenza ama-abortions. UPamela wafika nesixazululo soqobo, ithemba lami lokuqala nokugcina. Imali yokubona nganginayo, futhi engabizi kakhulu.
“Akungcono uthole isibhedlela wenzele khona i-abortion?” kubuza uPamela. “Uyazi ukuthi kusemthethweni ukuyenza esibhedlela?”
“Inkinga enginayo ukuthi kungenzeka ngibonwe abantu esisonta nabo uma ngiya esibhedlela. Ngizoya kulo dokotela ngoMsombuluko anginike umuthi ozoyikhipha le ngane,” ngasho ngikhomba iphepha. “Uzohamba nami? Ngiyacela ungiphelekezele!” ngazincengela kuPamela.
“Ngeke ngikwazi ukuhamba nawe, Nonkonzo. Ngine-sports practice kanye ne-choir ngoMsombuluko. Kodwa ngethembise ukuthi ngeke uhambe wedwa; thola omunye umuntu ozokuphelekezela. Ngicela ulinde izinsukwana ngaphambi kokwenza isinqumo sokugcina.”