Ngesonto ngaya esontweni njengenjwayelo. Bonke abantu babengibuka, sengathi babazi ukuthi ngizokhipha isisu. Amehlo abo angenza ngashaywa amahloni, ngazisola.

Ubaba washumayela isikhathi eside. Wabuka mina wamamatheka etshela ibandla ngendodakazi yakhe elandela imithetho yebandla. Ngeswela umgodi wokucasha. Ubaba wayengakwazi ukujula kwemfihlo yami.

Ngakhuleka ngethembisa uNkulunkulu ukuthi uma engangehluleli ngokukhipha isisu ngizoshada noChumile.

Emuva kwenkonzo, ubaba wangibizela egumbini lokuvuma izono. “Hamba uyovuma izono zakho, Nonkonzo. Kumele ungene umsulwa emshadweni.”

Ngazibuza ukuthi nguye yini ubaba ozongilalela ngivuma izono zami. Wayengathini ezwa ukuthi sengike ngalala nomuntu wesilisa, emuva kokungibeka njengengilosi ebandleni?

“Awuboni kusolisa uma kunguwe olalela ukuvuma kwami? Kungenzeka uzwe izinto ongeke uzijabulele – njengokuvuma ukuthi imina engiqeda ibhotela noshukela ekhaya.” Ngazama ukumdida, ngingazi noma ngizophumelela yini.

Ubaba wahleka wathi. “Wena zilungiselele, ngizobiza uMshumayeli.”

“Ngifisa zonke izono zami zesuleke, ngoMoya Oyingcwele.” Ngasho la magama ngaphambi kokuqala ukuvuma izono zami. “Ngixolele, Baba Nkulunkulu, ngonile. Ngicela ungixolele ngakho konke engikwenzile, nalokhu engizokwenza.” Ngehluleka ukubamba izinyembezi.

Ngangithi ngizibambile, kodwa ngesikhathi ngivuma kwaphuma uzamcolo emehlweni ami. Angiqhubekanga nokuvuma ngoba ngesaba ukuthi ngizokhihla isililo esingakaze sizwakale. Ngaphuma ngigijima ngaya ekhaya.

NgoMsombuluko, endleleni eya esikoleni, ngatshela uPamela ukuthi noma ehamba nami noma engahambi, mina ngizoya kuDoctor Mamazian.

“Ngempela, Nonkonzo?” kubuza uPamela. Ngavuma ngekhanda. Wathula isikhathi eside engibuka wabe esethi, “Kulungile. Ngizokuphelekezela uma sesiphumile isikole.”

Ngaphendula ngathi, “Ngiyabonga, Pam. Ngibonga kakhulu ngosizo lwakho.”

“Nkonzi!” wamemeza sengibuqamama. “Ngiyethemba igama lami ngeke liphatheke kule ndaba. Angifuni kwazi muntu ukuthi imina engikunike leli phepha, ngaphinde ngakuphelekezela.”

“Khululeka, Pam. Angeke ngilifake igama lakho. Ngeke ngithi vu. Imfihlo engizoya nayo egodini le.”

Kwaphuma isikole, sahlangana noPamela, saphikelela emzini kaDoctor Mamazian. Sahamba ibanga elingelide kakhulu, sashesha ukufika khona. Sathola ukuthi umuzi kaDoctor Mamazian usendaweni lapho abantu bangakithi abangejwayele ukuhambela ngakuyo, futhi nakuleyo ndawo wona ucashile. Ngaba nokukhululeka ngoba ukucasha kwalo muzi kwakusho ukuthi akekho umuntu ongumakhelwane noma esisonta naye owayezongibona, abuze imininingwane yokugula kwami.

Ngaba nokunqikaza ngithola ukuthi uDoctor Mamazian akasiye umuntu wesifazane njengoba ngangicabanga. Kwakuyisidlakela sendoda esishaya ngomkhaba ocwebezelayo. Ngangizokhululeka uma kwakungumuntu wesifazane, kodwa ukukhululeka nokungakhululeki kwami kwakungasasho lutho. Engangikufuna ukuthi kuphele ngaso leso sikhathi ukukhulelwa kwami. Sahlala ezihlalweni noPamela, salinda uDoctor Mamazian ukuba akhulume.

Wasibingelela ngezwi eliqinile, ekhuluma ngesiNgisi.

Wabuza inhloso yohambo lwethu, ngamchazela ukuthi ngizokwenza i-abortion. Wacela imali. Ngakhipha u-R250 esikhwameni, ngawubeka endishini ayiphethe ngesandla. Waqala umsebenzi wakhe, wahlanganisa imithi enephunga elinuka kabi. Emuva kwalokho, wacela ukuthi uPamela aphumele ngaphandle angilinde khona. UPamela wangibuka, enokumangala ebusweni. Ngamtshela ukuthi akaphume angilinde, akukho okubi okuzokwenzeka uma engilindile ngaphandle. Waphuma nangempela.

UDoctor Mamazian wangicela ukuba ngikhumule iphenti. Ngahlahla amehlo, ngizibuza ukuthi kanti lo muthi uzowufaka kuphi nendawo.

Wabona ngimangele wachaza wathi, “Iwona umuthi wakho lona, ntombazane. Ukuze usebenze ngokuphelele kumele ngiwufake ngendlela efanele.”

Ngalikhumula iphenti ngiqhaqhazela, uvalo lusentanyeni.

“Waze wamuhle. Uyazazi kodwa ukuthi umuhle kangakanani?” kwasho uDoctor Mamazian, engithinta ehlombe.

“Doctor, ngicela usheshise, liyashona ilanga,” ngasho ngizama ukuba asheshe ngingaze ngibuyele sekuhlwile ekhaya.

“Ungangibiza ngoMamazian kuphela, ungamfaki futhi uDoctor. Ukhona umuntu othandana naye?”

“Cha, anginamuntu engithandana naye.”

“Ukuphi umfana okukhulelisile?”

“Ngalala naye ubusuku obubodwa kuphela. Ukukhulelwa kwami kwaba iphutha.”

“Uyazi, mina ngiyindoda enehliziyo enhle. Angiwaqambi amanga futhi ngibaphatha kahle abantu besifazane,” washo efaka izandla zakhe ngaphansi kweyembe lami, ngezwa iminwe yakhe ingithinta amabele. “Ngifisa ukukukhombisa uthando lwami. Ngoba ngingumuntu onothando.”

“Ini?!”

“Ngingakunika konke okudingayo emhlabeni. Ufuna imali, noma amacici egolide? Ngitshele okunye okufunayo. Mina nginemali engapheli.”

UMamazian wayesesondele ngendlela yokuthi usengicindezele odongeni. Izandla zakhe zigijima yonke indawo emzimbeni wami. Wazama ukwenyusa isikhethi sami.

“Ngizomemeza ngihayize kuzwe wonke umuntu,” ngasho ngidlubulundela kuye. “Ngizohayiza ngempela, Doctor. Ngikutshela okokuqala, ngikutshela okokugcina le nto engiyishoyo.”

Wasondela futhi, wathi, “Ngiyazi ukuthi nawe uyangithanda kodwa wenza sengathi awufuni. Woza uzongiqabula.”

Wangicindezela odongeni futhi, wazama ukungiqabula. Ngezwa ulimi lwakhe luzama ukuvula amazinyo ami engangiwahlanganisile. Ngasho ngawo amazinyo, ngamluma lona ulimi lwakhe. Wasuka eqhasha esezinhlungwini, ngaphuma esasangene kanjalo ngagijima ngaphumela emgwaqweni. Ngabaleka ngibambe isikhethi sami, uPam engilandela.

Zahamba izinsuku, ngaqhubeka nokukhulelwa. Kwaba sengathi ngiyasangana ngendlela engase ngizisola ngayo. Nomshado wami noChumile wawususondele, nobaba ngapha ezifafaza izwe lonke izindaba zokushada kwami. IButterworth yonke yayazi ukuthi uNonkonzo uzoshada noChumile.

NoThobekile ayikho indlela ayezongisiza ngayo. Ngangingafuni ayazi le ndaba yokuthi ngikhulelwe, ngingafisi ukuba yisikhubekiso empilweni yakhe. Noma ngangifuna ukuba ngumfazi wakhe ngelinye ilanga, kodwa ngangingafuni ukuba lokhu kwenzeke ngenxa yokukhulelwa kwami. Ikusasa lakhe lalibonakala liqhakazile, liqhakaze kangcono kunelami. Ukuthola umfundaze wase-England kwakuzombeka endleleni yempumelelo. Ngabona kungalungile ukuthi ngone ikusasa lakhe elibukeka liqhakazile. Ngingaphila kanjani uma ngazi ukuthi ukukhulelwa kwami kubulele ikusasa likaThobekile?

“Ngiyanqikaza ukuthatha lo mfundaze, Nono,” kusho uThobekile ngosuku okwafika ngalo incwadi esho ukuthi uphumelele ekutholeni umfundaze. “Ngiyehluleka ukuzibona ngiphila impilo ungekho eduze kwami. Ngizohlala kanjani iminyaka eminingi kangaka ngingakuboni? Inzima le nto, ngeke ngikwazi ukuyimela.”

“Nakimina kulukhuni, Bhibhi. Kodwa kumele uqhubeke uyofunda phesheya ngoba ibalulekile le ndlela ozoyithatha. Mina ngiyohlale ngikulindile noma kungaphela izigidi zeminyaka singabonani, uzobuya ungithole ngilapha. Hamba uyofunda, ngizokulinda.” Ubuso bami base bumanzi ngenxa yezinyembezi.

“Impilo yami ilapha nawe, Nono. Asikho isidingo sokufunda phesheya, ngizolithola ikolishi nalapha eNingizimu Afrika.”

“Ngethembe, Bhibhi. Angisoze ngayeka ukukuthanda, sithandwa sami. Uyikho konke kimi. Uwena owokuqala futhi nguwe owokugcina.”

Izinhliziyo zethu zazibuhlungu ngesikhathi sehlukana. Ngamphelekezela wagibela ibhasi eliya eJohannesburg, ezosuka lapho athathe ibhanoyi elizomthatha limbeke e England, komunye umhlaba.

Ngelinye ilanga ngisekhaya, ngama phambi kwesibuko nginqunu. Ngazibuka, ngibukisisa isisu sami okwase kungathi sikhula umzuzu nomzuzu.

“Kodwa ngizokukhipha kanjani kimina?” ngasho ngikhuluma ngengane ekhula ngaphakathi kimina. Ngasithinta ngesinono kwangathi ngilindele impendulo. Ngenyusa amehlo esiswini ngabona umama emile encike esicabheni segumbi lami. Ngabona ukuthi kade emile engibuka, izinyembezi zazizehlela ebusweni bakhe.

“Ulethe ihlazo emndenini wethu, Nonkonzo. Uyisiphoxi!” umama washo engibuka ngamehlo agcwele ukuphoxeka, ukucasuka kanye nokungenyanya.

Ngazama ukuchaza, ngicela ukuba angixolele ngalokhu engikwenzile, kodwa wangiphebeza ngesandla, wahamba.

Ngagijima ngimlandela ngizincengela kuye, ngithi, “Mama, ngiyakucela ungamtsheli ubaba. Angangibulala nokungibulala uma ezwa ukuthi ngikhulelwe!”

“Thula! Thula! Vala lo mlonyana wakho, Nonkonzo,” washo engikhomba ngomunwe. “Angisoze ngamfihlela lutho ubaba wakho. Kumele ayazi le ndaba engena nje emnyango.”

Umama wayengaqambi amanga – wamxoxela ubaba konke esangena emnyango. Ngamuzwa nobaba eseza egumbini lami. Ngazimboza ngezingubo zokulala ngoba ngazi ukuthi into yokuqala ayezoyenza ukungishaya.

“Nonkonzo! Nonkonzo!” ngamuzwa engimemeza ngokucasuka engangingakaze ngikuzwe ezwini lakhe. “Ngitshele, mntanami, liyini leli hlazo elingaka elimayelana nawe engilizwa lishowo umama wakho?” Wathula, efuthalana, elinde impendulo. Ngavele ngabihlika.

“Uyazi ukuthi lezi zinyembezi zakho ngeke zikukhulule?”

Ngabona indlela angibuka ngayo ukuthi ufuna ngimphendule khona ezothola isizathu sokungishaya.

Waqhubeka wathi, “Ngaphezu kokusenza inhlekisa emphakathini esiphila kuwo, uphinde usibeka engcupheni yokusehlukanisa nebandla esikukhulise kulo. Uyisiphoxi, Nonkonzo!”

“Ugcwele uSathane!” ngezwa kungenela umama. “Qoqa yonke imithwalo yakho. Zonke izimpahla zakho azigcwale isikhwama. Kusasa uzohamba uye eThekwini uyohlala no-anti wakho! Ngeke ngihlale nengane ekhulelwe mina. Ngeke ngihlale nengane engihlaza emphakathi nasebandleni.”

Ngadingiswa kanjalo, ngathunyelwa eThekwini ukuyohlala no-anti Nongcobo.

Ngezinyanga zokuqala zonyaka olandelayo ngazala ingane yomfana efana ncamashi noThobekile. Amehlo nohleko lwendodana yami kwakungathi ngibuka uThobekile uqobo lwakhe.

Ngamangala ngizwa u-anti Nongcobo engitshela ukuthi ubaba wakwazi ukumisa umshado wami noChumile ngaphandle kokuba igama lomndeni wethu lidicileke phansi ebandleni nasemphakathini.

“Ukwenze kanjani lokho?” ngabuza ngimangele.

“Bathole ukuthi uChumile uthanda abantu besifazane ngokwedlulele. Yisoka lamanyala. Bambambe nenye intombazane. Ubaba wakho watshela uBishop ukuthi ngeke avume ingane yakhe ishade nomuntu oziphatha njengoChumile.”

Inhliziyo yami yathola ukukhululeka ngesikhathi u-anti engixoxela le ndaba. Ngaba nethemba lokuthi ngelinye ilanga umndeni wami uyokwazi ukuthambisa izinhliziyo ungamukele nengane yami. Umama wafika eThekwini ezobona umzukulu wakhe. Ubaba yena akafikanga ngoba esangithukuthelele.

Ngalahlekelwa ikhaya kanye nesithandwa sami soqobo, uThobekile.

*****

Lost Rose Restaurant, Durban, February 2012

UMonde ngamgcina ngosuku esasine-date ngalo. Kwa-date leyo ayithathanga isikhathi eside. Wabalekiswa indaba yempilo yami engamxoxela yona. Kwakungathi angabaleka aphume ngomnyango wase-restaurant ngesikhathi sengixoxa ngokukhulelwa kwami.

Ngafunga ngagomela ukuthi ngeke ngiphinde ngizifake kule nto ye-internet dating emuva kokuhlangana noMonde. Empeleni anginaso isikhathi sokujola. Impilo yami imatasatasa kakhulu, ngifundela ukuba umhlengikazi futhi nginakekela indodana yami.

Kodwa nakhu futhi sengizohlangana nomunye umuntu. Ngihlulekile ukuzibamba ngabuyela kwi-internet dating. IsiZulu sithi ithemba alibulali. Namhlanje ngizibiza ngoBuyiswa … ngizohlangana noThato. Uzichaze ngokuthi ungudokotela kwi-profile yakhe. Wazichaza njengomuntu onamahloni, othanda ukufunda nokulalela umculo. Naye uhlale ematasatasa ngenxa yomsebenzi.

Nangu eqhamuka uThato.

Ngisukuma ngibingelele insizwa ende ngethambo, ebukekayo ebusweni. Noma kungathiwa izinto ziyafana, ngiyamazi lo muntu.

“Buyiswa?” ubuza ngokumangala. “Nono? Uwena ngempela lona? Nono, sithandwa sami!”

“Thobekile?”

“Sengizame iminyaka eminingi ngikubheka. Ngakubhalela inqwaba yezincwadi

ngise-England, kodwa wena ungangiphenduli. Ngabuya phesheya sengizosebenza lapha, ngakubheka nakini. Ubaba wakho wenqaba ukungivulela isango, wenqaba nokungiphendula uma ngimkhulumisa. Bengicabanga ukuthi usuwathola omunye omuntu, washada.”

Sizithola sesibambene noThobekile isikhathi eside, sithule du. Umphefumulo wami uzizwa sengathi usuthole ikhaya. Hhayi ikhaya labazali bami elinamasango ensimbi nothango olude, kodwa ikhaya lami lothando nokwamukeleka. Ikhaya likababa

nomama kanye nendodana yabo.

Siphuma sihambe. UThobekile ufuna ukumbona kwamanje uSiphiwe, indodana yakhe.

Iyaphela