Ungena elawini lakhe uBhekani, abheke umentshisi, alayithe ikhandlela. Uphikelela ekhishini lapho afica khona isalukazi esingunina kanye noyise behlezi botha umlilo.

“Wasiza ndodana wafika. Kade sikhuluma ngawe nje sinonyoko,” kusho uDladla.

“Ingabe konke kuhamba kahle, baba?”

“Ndodana, inkosi kade ithumele isigijimi sayo emini. Inkosi isilukhiphile usuku lomshado. Kusasa sivukela khona siyocela isihlobo esihle.”

“Baba, ngicela ukubeka umbono wami kuyo yonke lento. Kusizani ukushada nomuntu ongamthandi, baba?”

“Bhekani, umdala uma ungaka. Musa ukulokhu uzenza ingane. Khula ngengqondo!”

“Mntanami, awulalele uyihlo!” kunezelela unina.

“Nawe mama uyangilahla? Kufanele ngabe nguwe ongikhulumelayo kubaba.”

“Mfana wami ngoba uThobile muhle nje kanti ikuphi inkinga yakho?”

“Ngizoze ngisho kangaki ukuthi angimfuni, mama?” kusho uBhekani ngolaka.

“Musa ukuthethisa unyoko wena! Awutshengise inhlonipho wenze lento esiyishoyo uyeke ukulokhu uqophisana nathi sibadala!”

“Uqinisile baba, uBhekani usedelela kabi kulamalanga angimazi ukuthi ungenwe yini.”

“Nguwe nkosikazi angithi uyamtotosa buka manje useyasiphendula!”

Akabe esaphendula uBhekani, uvele aphume abashiye. Ufika elawini lakhe aziphonse embhedeni, akhihle esikaNandi. UBhekani akayena umuntu othanda ukuqophisana noyise kodwa kuloludaba uyahluleka ukuzibamba. Uvuka embhedeni, ahluthulele isicabha, angene indlela. Lapho kumnyama bhuqe, akukho ngisho unyezi. UBhekani akasabi lutho ngoba uhamba nje uyathatha uyabeka ngengqondo. Uzomtshela kanjani uDelani lendaba?

Ngokuphazima kweso uzibona engaphesheya komfula iNgwempisi. Ungena endleleni yesizulu ephumela egcekeni lakwaDelani. Uma ngaphandle, alunguze elawini likaDelani ukuthi kukhanyisiwe yini. Kumnyama bhuqe kusho ukuthi unkabi wotha umlilo ekhishini. Uyaluzwa uhleko luqhuma phezulu ekhishini. Kuyacaca ukuthi kumnandi kudelile la emzini wakwaMkhize. Nangu yena umile ngaphandle uzotshela ingane yabo insambatheka ezoyiphula inhliziyo sekulalwa nje.

“Izobonana ekuseni,” nguDelani lowo evalelisa kwamanye amalunga onmdeni wakhe, evula isicabha selawu lakhe.

Uyanyonyoba uBhekani, amlandele.

“Sthandwa, ngaze ngajabula ukukubona,” kusho uDelani esondela kuye emphulula. “Hawu wabanda kangaka kodwa Bhekani?”

“Kade ngime emnyango ngilinde ukuba ungene elawini lakho ukuze ngikulandele.”

“Kwakubi lokho. Ingabe konke kuhamba kahle?”

“Kuyabheda, sthandwa sami,” kusho uBhekani eshalaza.

“Bhekani uyangethusa. Ngempela kwenzenjani?”

“Delani…” kusho uBhekani ebindeka.

“Khuluma, ngilalele sthandwa.”

“Ngizoshada noThobile. Ngizamile ukunqaba kodwa ngehlulekile,” usho lokhu ziyehla izinyembezi.

“Uthi kwenzenjani? Kusho ukuthi sonke lesi sikhathi ubudlala ngami uthi uyangithanda?”

“Delani mina ngithanda wena nawe uyakwazi lokho. UThobile angimthandi ngicela uyizwe kahle lento engiyishoyo.”

“Ngiyizwe kahle? Ngizwe kahle ukuthi wena uzoshada ube nomndeni kanye nomfazi?”

“Sizoqhubeka sithandane. Angeke sihlukane. Sizoqhubeka senze sengathi mina nawe singabangani.”

“Bhekani ungiphoxile.”

“Ngiyaxolisa sthandwa.”

“Ngicela ungangibizi ngalelo gama mina! Ngoba ngiyakubona ukuthi incazelo yalo kawuyazi!”

“Ngicela ungakhulumi amagama abuhlungu, Delani. Inhliziyo yami iyephuka uma ukhuluma kanje.”

“Mina eyami inhliziyo kayiphukile?”

“Delani ngubaba ofuna ukuthi ngishade noThobile.”

“Kulungile ke mtshele ubaba wakho ukuthi ngeke ukwazi. Akamshade yena uThobile uma emthanda!”

“Delani angeke ngikwazi ukuqophisana nobaba uzongiqalekisa.”

“Ohho ubona ukuthi mina ngizokuyeka yini? Ngicela ungiphumele elawini lami!” kusho uDelani emkhomba ngomunwe.

“Ngiyaxolisa bandla, Delani.”

“Izinyawo kazigcwale udaka manje!”

Uncenga encengile uBhekani kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Kuphela isikhathi eside uBhekani emile emnyango, encenga. Kuhlula ngisho esengqongqoza efasiteleni. UDelani uthule sengathi akekho. Kuzwakala ngobunhlinhlinhli ukuthi uzivalele nje uyakhala.

UBhekani uphetha ngokugcina ehambile. Uhamba nje sengathi uthwele umhlaba ngamahlombe. Ithemba lenjabulo empilweni yakhe liphele nya. Phela uphilela ukujabulisa abazali. Nakhu ke usezoshada nomuntu angamuthandi.

Uzibona esengena elawini lakhe. Akabe esakhanyisa, uhlala ebumnyameni kunjalo. Kucabangeka kahle ebumnyameni ngoba sivela kahle isithombe asakha ngengqondo. Kumdabula inhliziyo ukubona uDelani ephatheke kabuhlungu kanje.

Ubona kungumqondo omuhle ukunika uDelani isikhathi sokucabanga kanye nokuthi ayamukele lento aphinde ehlise umoya. Ubona kugcono ukuba aye ukuyombheka kusasa uma lithambama, mhlawumbe bazokwazi ukuhlala phansi njengezithandani babonisane kahle. Baphinde babuyelane kubemnandi njenganhlalayenza. Kuthi kusenjalo ezwe izigi zomuntu esondela nganeno.

“Bhekani, usuzolala ungadlile ngempela?” kubuza unina.

“Angilambile mama.”

“Usuthi? Kazi udleni? Kulungile ngizokubona ekuseni,” kusho umaKhuzwayo ehamba.

Kuthatha isikhathi eside ukuthi ubuthongo bufike. Ubuthongo buyisiqhwaga ngempela ngoba ugcina ezumekile. Ulala athi ja. Nakhu usephazanyiswa yiphupho elibi. Kuleliphupho kuba sengathi uhleli noDelani, uthando luvutha amalangabi. Nabaya behlezi emadwaleni ngasemfuleni befunzana amakhekhe ezinyosi. Konakale ngokuthi uBhekani afune ukuyochama. Uthi ebuya athole ukuthi uDelani usenqunyiwe, ulele phansi ugxiza igazi.

Wethuka waphaphama. Uphaphama nje umanzi te umjuluko. Uvuka aphuthaze umentshisi. Ulayitha ikhandlela, aguqe phansi akhuleke.

***

Sitshele Umbono Wakho: Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani manje?