UZelwande akayi ukuyobheka umsebenzi namhlanje. Ukuhlukumezeka ahlangabezane nakho izolo kusekusha kakhulu emqondweni. Ukukhumbula ukuhlangana kwakhe noThobani nokuzizwa efudumala emphefumulweni behamba ngemoto emletha eMathinini … kudlale indima enkulu ukuze apholise ukuhlukumezeka ahlangabezane nakho emzini wakwaGovender.

Usemcabange kaningi uThobani selokhu kusile. Uzibona emamatheka engilazini yobuso bamakhalekhukhwini wakhe njengoba ecabanga ngoThobani. Kuyamethusa lokhu akubonayo. Nakhu ngisanganiswa ngumuntu engisambone kanye, umuntu engingazi lutho ngaye? Umemeza ekhuluma yedwa. Zeh! Yeka ukuziphathisa okwetshitshi! Uzithethisa engilazini yobuso bamakhalekhukhwini, maqede agigitheke okwentombi iqala ukuqoma.

Ezothando azinayo indawo empilweni kaZelwande ngoba umuntu ofuna uthando lwakhe kufanele akwazi ukuthi inhliziyo yakhe ihamba noSenzo kanye no-Aphile. Kodwa noma kunjalo, ukumamatheka akupheli njengoba egqolozele uphahla, ecabanga ngoThobani.

Ujulile ngemicabango ingakho engamuzwa umakhelwane wakhe, uMaNgcongo, engqongqoza esicabheni.

UMaNgcongo uhlala noyise wezingane zakhe, uSotobe. USotobe ungumuntu odedela isibhaxu kuMaNgcongo uma esedle amanzi amponjwana. UZelwande uyehluleka ukumqonda ubuyena uSotobe ngoba ungumuntu onamahloni futhi ohleka njalo uma engaphuzile utshwala. UMaNgcongo uyalingana noZelwande ngeminyaka kodwa wakhulelwa esemncane. Umndeni wakubo wamxosha ekhulelwe, okwenza ukuba ahlale noSotobe.

UMaNgcongo uvula isicabha. “Ihhe Zeh! Wahleka wedwa nje kwenzenjani? Ngabe usuhanjelwa umqondo?”

UZelwande ujeqeza uMaNgcongo avele acikeke ngoba uyazi ukuthi akukho okunye azokhuluma ngakho uMaNgcono ngaphandle kokukhononda ngoSotobe. Okucika uZelwande kunakho konke ukuthi uMaNgcongo akazithathi iziyalo zokuhlukana noSotobe. Ufike avumelane noZelwande kodwa uma exolisile uSotobe ubabona sebethandana sengathi bayizingane ezincane.

“Ngizicabangela ihlaya engalizwa ngoKhisimusi odlule weMaNgcongo,” kugigitheka uZelwande.

Uyazibona izibazi ezintsha ebusweni kuMaNgcongo njengoba ehlala esitulweni exoxa ngesibhaxu sokugcina asithole kuSotobe.

“Kufanele uye emaphoyiseni uyombopha uSotobe, MaNgcongo. Ngempela uzogcina ekubulalile ngelinye ilanga lomuntu!”

“Mina ngizosala ngidleni uma eseboshiwe? Izingane zona zizodlani?”

“Ngempela kuyoze kube nini uphila kanjena?”

“Angazi, kodwa engikwaziyo ukuthi angisoze ngabophisa uSotobe wami.”

“Kodwa kufanele ucabangele inhlalakahle yezingane zakho, uyibeke phambili. Ngabe kuyinto enhle ukuthi zikhule emzini onodlame kangaka? Ngicela ungithembise ukuthi uzoya emaphoyiseni.”

“Zona lezo zingane zizodlani uma ngibophisa uSotobe?”

“UNkulunkulu uzolakha icebo.”

“Hhayi ukuthi ngithini, kodwa uyayikholwa ngempela lento ongitshela yona? Ngabe uNkulunkulu ulakhile icebo empilweni yakho?”

“MaNgcongo impilo yakho le. Futhi iyodwa. Ungakukhohlwa lokho.”

“Imina nalomlomo wami omanzi odala ukuba uSotobe angishaye. Awuthi ngiyolungisa endlini. Ngizobuye ngikubone,” kusho uMaNgcongo.

UMaNgcongo uthanda ukutshela abantu ukuthi ungumfazi ohlukunyezwayo kodwa uyahamba uma abantu bemtshela ukuthi akabophise indoda yakhe. Njengabo bonke abantu abaphethwe i-battered wife syndrome uzigxeka yena ngokuhlukunyezwa kwakhe. Yena futhi uthi bonke abantu besifazane baseMathinini banomona ngaye noSotobe; bafuna bahlukane ukuze bathathe indawo yakhe yokuba ngunkosikazi kaSotobe.

UZelwande uthatha ibhakede aphume ayokha amanzi empompini womphakathi. Udlula imijondolo embalwa ukuze afike empompini. Umamatheka yedwa uma ebona ukuthi akekho omunye umuntu okhona empompini. Uzwa isandla simuqhweba ehlombe njengoba eyakaza ibhakede. Uphenduka abone uThobani. Umangele njengoba ezimbambatha izinwele; akakagezi nokugeza.

“Thobani! Ufunani la?”

 ***

Sitshele umbono wakho: Uyavumelana noZelwande ukuthi kukhona into ekuthiwa i- ‘battered wife syndrome‘.