Kusekuseni uMaMbhele akayile enkonzweni yomama yangoLwesine njengoba ehlala eya njalo ingamphuthi, uhlezi egunjini lakhe lokuphumula likanokusho. Phela uZwane wamakhela umuzi osezingeni eliphezulu uMaMbhele.

Bahlala eMsinga, Obonjeni, kule ndawo awukho umuzi osondela ngobuhle emzini owakhiwa uZwane ewakhela umkakhe nabantwana bakhe. Usesebenze kanzima uZwane ukubanika konke abangahle bakudinge nabakufunayo. Nobaba bendawo amakhosikazi abo bahlala bahlale babe namaganyana athile aziswana abawashoyo. Uzoke uzwe nje unkosikazi kaDlamini ethi “bayajabula phela bona oMaMbhele bagana amadoda” uma kukhona akufunayo uDlamini ethi akanayo imali.

Kanti nakwaKhanyile like lazamazama ikhaya lakhona eseshilo unkosikazi wakhona ukuthi “indoda lapha endaweni uZwane kuphela ngoba nguye okwazi ukunakekela abathandwa nguye”, wavuka efile uKhanyile ukuthi kusho ukuthi umkakhe uthandana noZwane. Kwasiza kona njalo ukuthi uZwane umatasa kakhulu akayikhulumi imibhedo yabantu abahlulwa imizi yabo.

Usizi kuMaMbhele lubhalwe ebusweni, imicabango idlala ngaye ngoba uzama ukuphuma nesisombululo sayo yonke le nkinga abhekene nayo. Izinyembezi ziyageleza manje ziswele umesuli, ubuka ukuthi umndeni wakhe uyehlukana kodwa uthando lwezingane zakhe luyamehlula. Uzithola engakwazi ukuvumela uZwane ukuthi enze lesi senzo sakhe.

“Lutho, kumele ngithole indlela engingashintsha ngayo uZwane umqondo ukuze angayenzi le nto embi kangaka. Yini kanti yena vele ahluleke ukuqonda ukuthi abantwana laba futhi banamaphutha njengazo zonke ezinye izingane? Bazodlula kulesi sigaba abakuso bese-ke babe yiyo le nto afuna ukubabona beyiyo ngelinye ilanga, uhlulwa yini ngempela yena ukubalinda ngoba bazoshintsha?” kucabanga uMaMbhele.

Kufike uNkosinathi kunina odabukile umbuka nje. Afike ahlale eceleni kwakhe kungabibikho muntu okhulumayo phakathi kwabo, kuze kube ukuthi uNkosinathi udonsa umoya ngakho ukukhombisa ukuthi ufuna ukukhipha okusemqondweni wakhe.

“Oledi, ungaziwarishi kakhulu ngale nto ngizoyilungisa. Amanzi amancane lawa, sazi izinto ezinkulu kakhulu mina nawe futhi azange zasiwisa,” kusho uNathi ebhekise kunina.

“Sesidlule kokuningi kakhulu ndodana kodwa kulokhu angiboni ukuthi kuzokwenzeka kanjani?” kuphendula uMaMbhele.

“Relax, oledi ngizoringa mina nale bhari yakho ingiverstane, yonke into ibe grand,” uNkosinathi eqinisekisa unina.

“Nathi, mfana wami, uyazi ukuthi mina ngiphinde ngingayizwa kahle le nto yakho oyikhulumayo, futhi ngikutshela njalo ukuthi uboyikhuluma nabangani bakho ngoba yibo abayaziyo” kuphendula uMaMbhele.

“Bengithi nje oledi ngizokhuluma nethayma isimo sibuyele kwesijwayelekile,” kuphendula uNkosinathi.

“Ukhuluma ngani, mfana wami?” kubuza uMaMbhele ngokudideka.

Phela okumdidayo uMaMbhele ukuthi uyazi futhi unesiqiniseko sokuthi bebehleli bodwa lapha endlini uma bexoxa lolu daba nomyeni wakhe. Pho manje-ke lona uselwazi kwanjani lolu daba?

“Ngikhuluma ngenkulumo yenu yayizolo oledi, relax, kuzodlula akukho okwake kwasivimba nawe ekwenzeni izinto ukuthi zenzeke,” kuphendula uNkosinathi.

“Ungasusi inkinga ngenkinga, Nathi, lanele manje igazi elisezandleni zethu. Angilifuni elakhe ezandleni zami, ngikusho lokhu ngoba wena yonke inkinga ekhona ubona kukuhle ukuthi akufe umuntu ukuze izolunga,” kuphendula uMaMbhele.

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani manje?