Lwafika olungaliyo namuhla usuku olukhulu obekufihlwa ngalo uZwane. Izinkumbi zabantu bezithamele inkonzo yakhe yomngcwabo, ngibala khona ondlebezikhanyilanga, abokudabuka eNdiya, ngisho nosopolitiki imbala bebefike ngezinkani. Indoda ebiyaziwa kakhulu lena ngamagalelo ayo amahle emphakathini waseMsinga wonkana. Izikhulumi zikhulume zidedelana ngale ndoda emadodeni, abantu bebekhala bezibhonqa ngaye. Abasebenzi bakhe kade bebona nje ukuthi kuphelile ngabo, ngakho phela ukwazi amadodana akhe uZwane.
Ziningi kakhulu izinto ezinhle ezibaluliwe azenzile ezenzela abantu, okubalwa khona ukukhipha imifundaze, ukuhambisa ukudla emakhaya ezintandane, ukunakekela amakhaya antulayo kanye nokondla emakhaya angasenabo abazali. Ubenabasebenzi abangaphezulu kwezinkulungwane ezintathu namakhulu amahlanu uma sebehlangene bonke ezinkampanini zakhe ezahlukeneyo.
“Ekuseni ngo-8 ungisize ungiqoqele abasebenzi bonke ngizobe ngikhona, kuningi okumele sikuxoxe ngoba sekuyimi umphathi wenkampani. Nina nicabanga ukuthi kukwagogo lapha,” kusho uNkosinathi ebhekise koyinduna kwezinye zezinkampani zikayise.
“Asikwazi ukubamba umhlangano nabo bonke abasebenzi kusasa ngoba-” akaliqedanga lelo, amngene emlonyeni uNkosinathi ngesankahlu.
“Usekhulumile uMangethe omkhulu ozwi lakhe lingaphezu kwawo wonke amanye. Ungangibhayizeli ngoba ibhantshi lizogcwala umoya sani,” kusho uNkosinathi ebhekise enduneni.
Yathula nayo izwa amagama amakhulu kangaka okuxoshwa. Phela yiwona msebenzi lona abondla ngawo imindeni yabo abantu. Bangobaba emakhaya nje ngawo lo msebenzi ancikiselwa ngawo namuhla. Uthe nje ethi uyasuka uNkosinathi kwakhuluma izwi aseke walizwa ngaphambilini kodwa akasakhumbuli kahle ukuthi walizwaphi.
“Sibonene, Nkosinathi Philip Zwane,” kusho iphoyisa ngemuva kukaNkosinathi.
Aphenduke ngokumangala okuhlangene nokudineka phakathi ngoba ababaningi abantu abazi leli gama lakhe lesibili. Kanti ikahle hle akalithandisisi kwalona, manje-ke uma sekukhona olibiza esidlangalaleni akajabuli.
“Kusenguwe namanje? Eintlek ufunani kimi, sgqoko?” kubuza uNkosinathi ngokukhulu ukunengeka.
“Kuyahlekisa ukuthi ungibuza lokho kuqala nokuyikho kodwa-ke futhi engize ngakho. Ngifuna iqiniso, Nkosinathi,” kuphendula iphoyisa.
“Ufuna iqiniso elinjani kanti wena? Ngoba lonke iqiniso walithola lapha endlini ngelanga lesigameko?” kubuza uNkosinathi.
“Ake sihambe we nsizwa uyongichazela leli qiniso lakho ongitshela ngalo esiteshini samaphoyisa,” kuphendula iphoyisa.
“Unganginyeli wena, usho ukuthi angishiye wonke lo msebenzi olapha ekhaya ngilandelane nawe ngiyokhuluma le mbudane yenu?”
Usegqunqile manje uNkosinathi ukuthukuthela. Aphenduke abashiye kanjalo uNkosinathi. Ajikijele ugwayi wakhe abekade ewubhema phansi aqonde esicabheni semoto kanokusho kayise ahamba ngayo namhlanje.
“Phela bekuyisihe nje kwakuthi ubone ukufihlwa kukayihlo njengoba ukhuluma lo doti owukhulumayo. Bheka lapha-ke, mfanakithi, wena siyakubopha manje, sikubophela ukukhanda itulo lokweba amaloli namatekisi kayihlo,” kusho umseshi.
Uthe uma ephenduka uNkosinathi wathuswa ukuthi sekukhona amanye amaphoyisa amane asevele amphuthuma ukumgaxa izinsimbi. Labe selimshonele kanjalo-ke umfo kaMangethe, amqhuba ayomfaka ngemuva evenini ayehamba ngalo.
“Ngokwenzani kwami ukuthi seningaze nizongilanda kanje? Angicavi kahle hle ukuthi zishani ngani, angenzanga fokol mina. Okanye nifuna ngiyoshizilela into engingayazi?” kubuza uNkosinathi kodwa ulaka selehlile.
“Ungenzi izinto zibe nzima kunalokhu okuyikho, Philip. Uzozisola mfana wami.”
Kuse ngokunye manje kuNkosinathi, uyabona limshonele namuhla. Aqalaze athole abantu bathule bonke babuka bona, futhi balalele nenkulumo atshelwa yona. Phela uma kunjena ufaselwa ogodweni, kuphelile ukuhlakanipha.
“Ekse, awuthi ngishayele i-oledi ngale nto bese siyavaya, just ukuthi acave ukuthi angimshiyile ngesikhathi angidinga ngaso,” kusho uNkosinathi.
Ukusho nje lokhu ngakho phela ukwazi ukuthi unina ngeke ayivume into enjena ukuthi yenzeke. Usefuna ukuthi kuzoza unina azomlwela yona le mpi abhekene nayo. Ekugcineni kwakho konke lokhu, le nsizwa njalo uma kuyibhedela ibalekela kunina ngoba ayikwazi ukuzimela.
“Khohlwa ilokho, Nkosinathi, ozakwethu bazosala besazisa isalukazi ukuthi sesikuqoqile wena, siyoxoxa nawe nje kahle njengamadoda.” Sekusho iphoyisa limbuka emehlweni agijimayo.
Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi uNkosinathi uzokwazi ukuphuma kulesi simo esibucayi angene kuso njengoba ejwayele ukuthi aphunyuke bemphethe?