Ezinsukwini eziyisihlanu ngaphambi kwesigameko uZwane noMaMbhele bahilizisana ngamazwi.
“Baba, ngiyaluzwa ulaka lwakho kodwa asikwazi sizilahlele ngaphandle izingane. Awukho umgqomo wokulahla abantu, Mangethe,” washo sakushweleza uMaMbhele.
“Ngeke ngisebenze kanzima kangaka ngenzela ukuthi impilo yezizukulwane ezizayo ibe ngcono, zingaqali phansi njengabanye kepha laba ngoba bazi kakhulu bona bacekele phansi amandla ami angaka!” Kwaphendula uZwane ngokukhulu ukudinwa.
Wayedinwe nje kufanele uZwane ngoba akekho umuntu ongajabulela ukusebenzela ize. Namhlanje laba bafana bakhe ababili abadala bahlangana ngokweba izinto zakhe. Kungekudala kulahleke amaloli amabili athuthela izitolo le migqomo yamanzi ebizwa ngoJojo. Lezi zitolo ziqasha zinezinkontileka noZwane ukuze azithuthele le migqomo ayihambise ezindaweni ezahlukene ezweni. Kulelo cala kutholakale ukuthi umkhuba usekhaya. Amaphoyisa aphuma namagama alaba bafana ababili abadala ekuthathweni kwala maloli.
Akugcinanga lapho, namatekisi awaqashisela amahhotela amakhulu uZwane kwagcina kunukeka bona ekulahlekeni kwawo. Kukho konke lokhu uMaMbhele uyabashwelezela kumyeni wakhe abacelele uxolo noma naye ngokwakhe ebona ukuthi basephutheni abantwana bakhe.
“Ngikhathele nguwe ulokhu uthethelela izigelekeqe ukuthi zidle amandla ami kungabi zindaba zalutho. Lokhu okunguNkosinathi kwasho kimi emakhaleni ukuthi ngikhalelani ngokulahleka kwezimoto ngoba umshwalensi uzokhokha,” UZwane useshintshile manje usebheje amehlo abomvu tebhu intukuthelo.
“Dlulisa manje, Ntshosho, izingane lezi azazi ukuthi zenzani, kodwa ngelinye ilanga kuzosa ebusweni bazo kuhwamuke yonke le nkungu ezimboze amehlo,” kusho uMaMbhele.
“Uyaqhubeka futhi nakho loku kuthethelela lezi zigelekeqe zakho? Ngisebenza kanzima ukuthi ngondle bona, ngondle izingane zabo lezi abahluleka ukuzondla. Uma uthi abazosebenza bafike basebenzise kabi wonke umuntu okhona lapho bekhona. Akekho umuntu ongakhali ngabo uma beke basondela kuye,” kusho uZwane.
“Abakwaziyo nje utshwala nokuhamba bezalisa izingane zabantu bume, yimi futhi engiphinde ngiyohlawula lawo macala ngoba izingane azazi lutho,” kusaqhuba yena njalo uZwane.
Inkinga enkulu yezingane zikaZwane utshwala nokuthi unina wenza konke okusemandleni ukuthi zingajezi uma sezonile. Okwenza abantwana bakhe bangalawuleki, noma uZwane esebavalile ukuthi kube khona imali abayitholayo kodwa unina uyabashushumbisela ngasese.
Okusho kona-ke ukuthi ukubambisana phakathi kukaZwane nomkakhe akukho. Omunye udonsa aye empumalanga omunye adonse aye entshonalanga.
“Konke engikwenzayo manje ngikwenzela izingane zabo bona laba asebephenduke izitha kimi, ngenzela izingane zezingane zabo bona laba abahlakaniphe kakhulu namhlanje. Abakuboni lokho babona mina kuyimi nje umuntu omubi lapha ongafuni benze isinomakanjani lesi abasifunayo,” kusho uZwane eqhuma intukuthelo.
“Ngiyakuzwa mina, Baba, konke okhuluma ngakho,” kusho uMaMbhele ethi uzama ukumehlisa umoya umyeni wakhe, kepha amngene emlonyeni uZwane.
“Cha nkosikazi angifuni ukuzwiwa nguwe kumele ngizwiwe yibo, ngoba lo moya uzodlulela kuMncedisi obukela obhuti bakhe benza wonke lo doti. Kuyimanje angithi uNkosinathi nguye owafaka umnewabo kule nto, pho-ke uyosinda kanjani uMncedisi?” kuqhuba uZwane.
“Lutho baba, abantwana laba njengoba ngishilo ngathi bazokhula bashintshe ezindleleni zabo ezikuphula umoya,” kuphendula uMaMbhele.
“Wena selokhu waba nguwe wake wazibona izingane ezindala kanje? Ezenza yonke le mikhuba yabo? Ngikhathele mina manje yilaba, wala namhlazane ngithi ngiyabaxosha emzini wami wathi angingakwenzi lokho kuzoza nezinye izinkinga ezinkulu. Yiziphi lezo zinkinga ezidlula lena abayiyo lapha ekhaya? Ngiyabakhipha laba emafeni ami onke. Konke lapho engababhala khona ngiyobakhipha. Ngilinde ummeli wami nje abuye phesheya lapho ahambele khona nje sihlale phansi ngiqede nya ngale nto. Ngiyoze ngibhale ukuthi angibadingi kowami umuzi. Ngeke ngisebenzele izinja ezingakwazi ukucabanga,” kusho uZwane ngolaka.
“Uze ungisize-ke nawe ungihambele nazo izingane zakho lezo eziligugu kuwe, ngihlalile nawe phansi ngazama ukuthi ukhumbule ukuthi wagana mina lapha ekhaya. Ngaxoxa nawe ngazama ukuthi ubuye lapho osulahlekele khona kodwa cha angikutholi. Ungehlule akukho engingakwenzelile kona kodwa aweneliseki,” kusho uZwane ngesankahlu.
“Kodwa myeni wami uthi angishonephi uma uthi ufuna isihlukaniso nami? Ngizoba yini ngaphandle kwakho, mntakwethu? Namhlanje ufuna ukungihlekisa ngezwe? Wathembisa ukuthi uyongivikela imihla yakho yonke. Wathi uzongithanda size sihlukaniswe ukufa. Isifungo owasenza ngaphambi kwemindeni yethu kanye noNkulunkulu,” kusho uMaMbhele ekhala.
Kube ngathi uthela amanzi emhlane wedada uma ethi ukhuluma noZwane umkakhe. UZwane kade asithatha lesi sinqumo sakhe ukuthi nje ubengakaze amtshele umkakhe ukuthi usefuna isehlukaniso. Usekhathele nawukukhuluma okuza nokuhlala nomkakhe ongakhombisi ukumeseka ezinqumweni azithathayo. Uma leso sinqumo singavuni ingane yakhe uMaMbhele akasiboni siyisinqumo esiphusile. Ukhuluma nakabi angaqoqi ulimi lwakhe uma kukhona isinqumo esingavuni umntanakhe.
Avele akhale kakhulu uMaMbhele uma ezwa umyeni wakhe ekhuluma kanjena. Phela uMaMbhele uyabalwela abantwana bakhe, kusuka bebancane, uma kukhona lapho abamoshe khona wayebavikela ngakho konke. Noma bemoshile komakhelwane kodwa wayema nabo ngazindlela zonke.
Kukhona zonke nje lezi zinkulumo kanti usebuyile uNkosinathi ematshwaleni akhe uyayizwa le nkulumo ekhulunywa abazali bakhe. Umile nje kwelinye lamagumbi lapha endlini akafuni kwakuthi bezwe ukuthi usengenile.
Namhlanje uMaMbhele uyazibona ephuma emzini wakhe exoshiswa okwengcanga ngenxa yezenzo zabantwana bakhe abethi uyabavikela. Konke kuyakhuphukela, uzophelelwa umendo eseshade iminyaka engaka nale ndoda? Akazazi nokuthi uzophuma abheke ngaphi uma exoshwa uZwane. Phela yena uyazazi ukuthi akasamukelekile kwabo ngayo belu imisebenzi yamadodana akhe.
Sitshele umbono wakho: Ubabona bengabantu abanjani abalingisi asebevelile kule ndaba?