UMandla walinda waze wabona ukuthi isango selivalekile ngesikhathi uSandra engena. Wase ebaleka. Kodwa manje uMandla akaqhubekanga nalokhu ayekwenza eminyakeni eminingi edlule.

UMandla wahlangana ‘noMalume’ eseneminyaka eyishumi nantathu. Ube nenhlanhla nje ukuthi aze afike esangweni, futhi ubeqala nokucindezela ucingo lwasesangweni. Wayezohamba ecela imali uma esebuyela ekhaya esuka edolobheni.

‘Umalume’ uphume endlini nezinja zikhonkotha, njengalesi sikhathi enoSandra.

‘Umalume’ umvulelile.

UMandla ubelokhu ezulazula emgwaqweni ngalolo suku, ezama ukubalekela ubaba wakhe. Ufanele ukuba sesikoleni kodwa kade asiyeka isikole.

UMandla wayengakaze enze umsebenzi wakhe wesikole ekhaya, futhi akaze abe nomfaniswano wesikole azowugqoka, akaze abe nezincwadi nepensela noma amapeni okubhala. Ukuya esikoleni kwakunzima kakhulu kuMandla.

UMandla wahlangana okokuqala ‘noMalume’ ngesikhathi uSandra nomndeni wakhe bephoqwe ukuba bahambe elokishini. Babaleka ekhaya labo besabela izimpilo zabo. Bashiya umkhukhu wabo, umile futhi ungenalutho kamakhelwane. Ubaba kaMandla wathatha izinto ezabe zisele kuwona futhi abanye abangane bakhe babehlala kuwona.

UMandla ubelokhu ecabanga ngoSandra futhi emkhumbula, ngosuku aqala ukuya ngalo endlini ‘kaMalume’.

USandra ubelokhu engumngane kaMandla. Uma uMandla elambile, uSandra owayemtholela azokudla, nakuba umndeni wakhe wawungebona abantu abanemali.

Ngesikhathi uMandla ebaleka engena endlini ‘kaMalume’ wakhumbula ukuthi uSandra nguye owayemcashisa, ebumnyameni ngaphansi kombhede wakhe uma uBaba wakhe esemfuna.

Ngalolo suku uMandla ahlangana ngalo ‘noMalume’ wayecela umsebenzi noma ukudla noma imali. Bekukudala uMandla akasakhumbuli kahle.

Ngalolo suku, ‘uMalume’ utshele uMandla ukuba enze umsebenzi wasengadini. ‘Umalume’ futhi umnikeze uphaya okhulu futhi obabayo onenyama kanye nengilazi yeCoke. Ngalolo suku uMandla uhambe ephethe R20 esuka ‘kuMalume’. UMandla usakhumbula ukuthi ngalolo suku wayezizwa njengeNkosi.

UMandla useke wabuyela endlini ‘kaMalume’ izikhathi eziningi ngemuva kwalokho.

Akuphelanga sikhathi esingakanani, ‘uMalume’ wacela uMandla ukuba amenzele ezinye izinto.

Izinto uMandla abezazi ukuthi azilungile.
Izinto uMandla angafuni ukukhuluma ngazo.
Izinto uMandla angafuni nokuzicabanga.

Futhi ‘uMalume’ unabangani abathanda ukuba izingane zibenzele izinto. Izinto ezimbi.

Kungekudala, uMandla ubevumile ukuthi uzobatholela izingane.

UMandla waqala wabaleka. Wabaleka eshiya uSandra ngemuva. Eshiya uSandra esangweni elivaliwe. Eshiya uSandra yedwa ‘noMalume.’

Ngesikhathi uMandla ebaleka, kubuya umcabango ngezingane aseke wazishiya kuleli sango. Ngesikhathi uMandla ebaleka waqala wakhala.

Izinyembezi zakhe zamthusa. UMandla akaze akhale. Empeleni akaze acabange ngalezi ezinye izingane. Ayikho into uMandla ake acabange ngayo. UMandla into nje ake acabange ngayo ukuthi nzo kwabe kuyizingane nje, izingane ezifana naye.

Izingane nje ezazifana naye.
Izingane ezishaywa obaba bazo.
Izingane ezihlukunyezwa omalume bazo.

Izingane nje ezifana naye, ngesikhathi uSandra emnyenyisa engena endlini kubo, emfihla ngaphansi kombhede wakhe uma ubaba wakhe emfuna.

Ubaba wakhe uMandla umhlukumeze kakhulu iminyaka eminingi. Asikho isikhathi asikhumbulayo uMandla lapho ayengahlukunyezwa khona. Ingakho nje kwakubalulekile ukuthi angacabangi lutho nje. Angaphinde acabange lutho.

Kungcono ngoba ‘uMalume’ umkhokhelile. Futhi umkhokhele imali eningi. Imali emlungele.

‘Umalume’ ubelokhu engiphethe kahle, kuzicabangela uMandla. Ubengcono kunobaba wami. Futhi ungithembise ukuthi kukhulu okuzayo.

Ngabe yini le eyenza uMandla abaleke manje? Wayebaleke njalo. Waze wama uma efika kubo kaSandra. Ngokushesha, wakhumbula ukuthi kunjani ukuthola indawo yokucasha. Indawo ephephile emnyama azozifihla kuyona, angatholwa muntu.

UMandla wama, kwaphakama uthuli olungcolisa izimpahla zakhe zikanokusho.

“Mandla!”

UMandla waguquka wabona u-Ayanda emi elangeni ebaleni kubo kaSandra. Wayephumulile futhi ethokozile.

“Yini Mandla, uphi uSandra”, kubuza u-Ayanda.

***

UMandla angamshiya kanjani uSandra endlini ‘kaMalume’? Uzokwenzani manje? Enzenjani?