Usebuthongweni obumnandi uLungile; uze anambithe ubala. Ubuye akhulume yedwa. Kusobala ukuthi uyaphupha unkunzana lona. Kuleli phupho akulo uphupha edle esincane isiketi lesi. Uhamba ezihlabathini zolwandle. Ufake izibuko zakhe, uphuza ujuzi we-aphula. Ngendlela elimndani ngayo iphupho lakhe uze amamatheke.
“Laze lalihle nalu usuku,” kusho uLungile ephupha.
Umsindo omkhulu udidisa iphupho lakhe. Usukuma ahlale embhedeni, abone ukuthi uyise lona ongqongqoza ngesankahlu esicabheni segumbi lakhe.
“Vuka ugeze sihambe. Kukude lapho esiya khona,” kumemeza uSibiya esicabheni.
“Yebo, Baba,” kuphendula uLungile ngezwi eligcwele ubuthongo.
Izingubo zivele zimufudumeze kakhulu kunakuqala. Kuthi uma eveza ikhanda ezwe kuheleza umoya obandayo. Uhlubula ingubo ngokushesha, angene ebhavini. Uqeda ukugeza, agqoke. USibiya usemlindile emnyango. Akabe esadla uLungile, uvele athathe i-aphula kuphela alishwabadele ngokushesha. Usaba ngisho ukubuza ukuthi kuyiwa kuphi.
Kusemnyama emnyango. Akukhombisi nokuthi kuzosa maduzane. Kuthule emgwaqeni. Iyantununuza imoto, iphuma ifulathele iTheku. Nansiya idlula eManzimtoti ibheke e-South Coast.
Kazi ungisa kuphi uBaba, uLungile uzibuza ngenhliziyo.
Bahamba amahora amabili emgwaqeni onguthelawayeka. Bayachezuka bangene obhuqwini. Kuyaqala manje ukuvela ukukhanya esibhakabhakeni. Kuphela elinye ihora behamba obhuqwini. USibiya umisa imoto.
“Sikuphi la, Baba?”
“Le ndawo ibizwa ngokuthi ise-Emakhuzeni. Sizobona uNdlovu la. Ungumpetha wesangoma. Uzokusisa, Lungile.”
Kuyavukwa uma kuziwa kuNdlovu ngoba kuyagcwala. Ulayini bawufica ubulala inyoka. Ukuvuka kwabo kuba sengathi ize leze. Nebala bahlala phansi balinde. Akekho okhulumayo phakathi kuka Lungile noyise. Ungafunga ukuthi abahambi ndawonye.
Kugcwele inqwaba yamathwasa kulo muzi. Kulo muzi kukhona olawondi kuphela. Uqale manje ukushesha ulayini. Abantu abakulayini bonke bagcwele ukukhathazeka nosizi. Bathwele umhlaba ngamahlombe. Ngesikade babizwe nabo, bangene.
“Makhosi ngizohlolela undodakazi,” kusho uSibiya.
“Sondela ke ntombazane ulayithe leli khandlela,” kusho uNdlovu enika uLungile ikhandlela elimhlophe.
Asondele uLungile, alayithe ikhandlela. Kugcwala ukukhanya kulawondi.
“Khulumani nami gogo ngilalele! Vumani Bo!” kubhavumula uNdlovu.
“Siyavuma!” kuphendula uSibiya no Lungile kanye kanye.
“Bathi abaphansi lengane ibelethiswe ngesilwane. Abantu banomona bathi izophumelela idlule izingane zabo. Athi amakhosi amakhulu umkhuba usemndenini. Lesi silwane isona esimulethela ngomunyu maqede kuthi akazibulale. Athi amakhosi amakhulu wena uloyiwe. Kuthiwa uzitshela ukuthi usile! Vumani bo!”
“Siyavuma!” kusho uSibiya noLungile kanye kanye.
“Manje umntwana uzosizakala kanjani, Makhosi?” kubuza uSibiya.
“Izinto ezincane lezi. Sizomgqumisa namuhla isilwane size siphume sihambe. Uzohamba engasenalutho.”
Ukhipha imali uSibiya, akhokhele uNdlovu.
“Lindani ngaphandle. Kukhona amantombazane azonisiza kungekudala,” kusho uNdlovu.
Kufika amathwasa esifazane amabili, elande uLungile. Banyuka naye baye kulawondi ongasenhla. USibiya ulinda ngaphandle.
Amathwasa abasa umlilo omkhulu, abilise umuthi ngebhodwe kuwona. Lo muthi ubomvu klebhu sengathi uyigazi. Ubile umuthi bese libekwa phansi ibhodwe. ULungile sekuthi akazichamele ngenxa yovalo. Kuqinisiwe uma kuthiwa ukuhamba ukubona.
“Woza uzoguqa ebhodweni,” kusho elinye lamathwasa.
Asondele uLungile.
“Cha, mntanami. Khumula izingubo lezi ozigqokile kuqala,” kusho elinye ithwasa.
Wenza njengoba kushiwo uLungile. Usondela ebhodweni, amathwasa amumboze ngengubo. Kuyashisa ngaphansi kwengubo – uLungile uzwa sengathi kuzobucuka isikhumba. Ukhala kuze kushe lona izwi kodwa lutho ukumkhipha amathwasa.
“Ngikhipheni bo! Ngikhipheni!” kumememza uLungile.
Baze bamkhiphe ngesikade, emuva kwemizuzu engamashumi amathathu. Uphuma nje usephelewe amandla. Uvele ashayeke phansi, aquleke.
Kusuka esikhulu isiphithiphithi sekubizwa uNdlovu. NoSibiya naye usehlahle amehlo uthukile; ungena kulawondi elandela uNdlovu.
“Ungakhathazeki, mfake emotweni nigoduke. Uzophaphama endleleni umntwana. Siphumile isilwane manje. Phela kuqeda amandla ukuphuma kwesilwane, ingakho equlekile. Akanalutho,” kusho uNdlovu.
Amathwasa agqokisa uLungile. USibiya ayiqubule ingane yakhe ayifake emotweni. ULungile ulele sengathi usephumule okokugcina. Isuke imoto kaSibiya ibheke eThekwini. Uhamba ngesivinini esiphezulu ujahe ukufika ekhaya. Nansiya iphuma obhuqwini ingena etiyeleni.
USibiya kuyamkhathaza ukuthi sebeyangena ekhaya kodwa uLungile akakaphaphami namanje.
***
Sitshele umbono wakho: Wake wazithola usesimweni lapho okwakufanele ugqume? Kwakunjani? Kwakusiza?