UZamani uzungezwa amanqe akubo, kazi iyozala nkomoni ngalelifa elifikele uZamani engalindele. UZamani wathola ucingo ukuthi itekisi eyodwa ilimele kumele aphuthume ayoyibona noma ayilande. Ngempela kube njalo ashaye imoto abhekise amabombo khona, uthe eqhamuka nje babe bemqhulula ngezinhlamvu, kwabe bamthela ngezibonkolo wavele wadinwa waganwa unwabu wathi ngofa noyedwa kodwa. 

 

Ngenxa yokuthi uZamani yena wayeye enyangeni eyamqinisa azimtholanga izinhlamvu kodwa uZuki zamthola wabe eseshonela khona lapho ayedutshulwe khona kwathi umfowabo yena waphuthunyiswa esibhedlela ngoba washayeka emlenzeni. Labhuntsha kanjalo icebo labo laze laphetha ngokugedla kwamazinyo emndenini.

 

UmaNgidi wathola ucingo lokuthi akaphuthume esibhedlela futhi ucelwa ukuthi adlule esigamekweni ukuqinisekisa ukuthi ngabe ingane yakhe yini le esishiye lo mhlaba. Wagxuma wahlala emotweni ebhekise amabombo esigamekweni. Wathola ukuthi ngempela ingane yakhe le eshonile.

 

Wakhala wazithulisa kwazise wayesuke yedwa ekhaya lakhe, endleleni uhamba efonela uZola kodwa ucingo akalubambi. 

 

“Ngiyafunga lo ubulale ingane yami ngiyafunga uzoyilandela ingakaboli ebhokisini layo emathuneni,”kusho umaNgidi.   

 

Kanti akazi ukuthi uZamani lo owenze lokhu kodwa ezivikela naye empini ebikhona phakathi kwezinsizwa zikaMkhize zibanga ifa likababa wazo.

 

Waqhubeka nohambo lwakhe lokudlulela esibhedlela eyozwa ukuthi ucingo beluthi akaphuthumele ini? Kuthe esangena wazithela kunesi kaZola wase emcelela eceleni ukuthi achaze isimo sikaZola. 

 

“Mama kaZola, umtanakho ulimele kodwa uzophila inhlamvu ihlukanise nje amathambo lakuhlangana khona unyawo. Uzohlala izinyanga ezimbili uzobe eseluleme,” kuchaza unesi.

 

Aphume egane unwabu umaNgidi esibhedlela. Kuthe esesemnyango wavinjwa elinye iphoyisa eliphethe icala lakwaMkhize. 

 

“Mama Mkhize, ingane yakho mhla iphuma la esibhedlela kuzomele iye ejele kuze kuthethwe icala layo enkantolo ngiyethemba uyakuzwa lokho, ngizwelana nani ngokushona kwendodana yenu ekudubulaneni kwabo kodwa abafana bakho yibona abaqale ukudubula, uZamani yena ubezivikela nje,” kusho iphoyisa.

 

Ngempelasonto kube umngcwabo kaZuki, umndeni usola uZamani ukuthi usengaze abulale ingane kababa wakhe pho kodwa ingxenye yomndeni yayazi ukuthi laba bakamaNgidi ibona abasuse uchuku okusho ukuthi umndeni usuhlukene phakathi. Abanye baxhasa uZamani abanye baxhasa umaNgidi kazi iyozala nkomoni kulo muzi.

 

Kuthe makudlula umngcwabo, inkantolo yathumela iphepha elisho usuku lwecala. UZamani yena uselokhu eqhubekile nokubaleka ngoba esabela implilo yakhe kumaNgidi. Ubona ukuthi njengoba esebulale uZuki, usezomfuna phansi phezulu umaNgidi ukuziphendiselela ekufeni kwengane yakhe nokulimaza uZola aze amfake ejele. 

 

UmaNgidi usehlala yedwa endlini futhi usekhulile kodwa ufuna ukufa kukaZamani uyafunga uyagomela ukuthi nemali uyoyidla efile. Nangempela namanje uZamani akakayitholi imali. Impilo yakhe uyibona imile nje ingayi ndawo ngendlela yokuthi usefuna nokuzibulala ngoba uzibona engento yalutho emndenini wakhe nasezinganeni zakhe.

 

Kuthe ngenye imini ezibukela ifoni kwavela inombolo yenye intombi eyabe unguNokuthula ayeyithandile kodwa yangavuma ngalelo langa  ngoba ithi bayizihlobo ngoba ugogo wayo ozala ubaba unguMamkhize. UZamani wazitshela ukuthi lesi isihlobo esikude angaganwa yile uNokuthula. UZamani uma emfonela lwangena ucingo baxoxa baze bavumelana ukuthi bazozama futhi. UNokuthula wabe engu dokotela ifundisa enyuvesi manje kanti ngenkathi behlangana wayefundisa esikoleni samabanga aphansi eGoli.

 

 Wachaza uZamani indaba yakhe yonke kuze kube manje baze bagcina ngokuvumelana ukuthi bazosizana. UZamani wathembisa ukuthi uzoyibuyisa imali kodwa intombi yangamthemba ngenxa yokuthi yayingazi lutho ngoZamani kwakunzima ukuthi ingamboleka U-R50 000 uma esenyamalala iyokhalela bani kusabele bani ingazi nesemagcekeni akubo kaZamani. UZamani noNokuthula bahlele usuku  bahlangane edolobheli laseGoli.

 

“Zamani ngiyakuthanda uyakwazi lokho kodwa manje ungicela into enkulu kakhulu, uma nje kuthiwa uyashona, ngiyophuma ngibheke kuphi? Ngoyikhokhelwa ubani imali engaka? Okungcono kumele ngazi kini noma la uhlala khona emqashweni wakho okwamanje cha angazi lutho ngempela, ngazi uZamani esihlangane naye ocingweni ngicela unginike isiqinisekiso sokuthi awuzile ukuzodlala ngami,” kuchaza uNokuthula. “Kukho konke esengikutshele khona wena awungizweli ucabanga ukuthi ngizobaleka, uyangibhedela wena okusho ukuthi uyadlala la mina anginasikhathi sokudlala. Ekhaya ngingakusa kumama kodwa kobaba uzobizwa uma sengilobolile ukuthi ungene khona bakubone,” kuphendula uZamani.

 

Intombi yona yayineqiniso ukuthi uma kungenzeka okubi kuZamani yayiyothi webani kusabele bani? Ngoba uZamani yena wayengayazisanga kumuntu wakubo. Lapho uZamani uyazi lakuhlala khona intombi nalapho isebenza khona. Kuliqiniso ukuthi manje abanye abafana sebethanda amantombazane bewathandela imali kodwa lana akukacaci ukuthi loluthando lungolwani. 

 

Ngabe uZamani uzoyithola yini imali bese enzeni emva kwalokho?