Emva kwesigameko wabe esethatha isinqumo sokuya enyangeni eyoziqinisa ukuthi angadubuleki.  Impilo yakhe yayisemgwaqeni isikhathi esiningi ebalekela izinkabi zikamaNgidi. Inyanga nenyanga wayeshintsha izindawo ecasha nasezihlotsheni.

 

Izingane zakhe zase zinakekelwa usisi wakhe owayenguthisha ngoba uZamaniwayengasebenzi eseyekile emsebenzini ngenxa yokubalekela izinkabi. Inkabi eyadutshulwa yona yabe isivula icala lokudutshulwa waboshwa uZamani waphuma emva kwezinyanga eziyishumi. 

 

Ekuboshweni kukaZamani, izingane zaqhubeka zanakekelwa usisi wakhe. Izingane zona zazinobuhlungu kodwa ugogo okungumama kaZamani wazama ukuvala isikhala sabazali kodwa ngamanye amalanga zazibakhumbula. Izingane zazincane ukuqonda ukuthi kungani zingamboni ubaba wazo isikhathi eside kangaka. Izingane zazitshelwe ukuthi uyosebenza ubaba wazo uzobuya ngoZibandlela.

 

UmaNgidi nabafana bakhe bazama ukuthatha ifa likaZamani ngoba wayesesejele kodwa bahluleka kunalokho abameli bakaZamani balibopha lonke ifa lakhe. Emva kokuphuma wazitshela ukuthi kuzoba lula ukulithola kodwa abameli babe sebefuna imali engango R50 000 wokukhulula izinto zakhe, okungazeki ukuthi kungani ngoba kumele kube mahhala kodwa umaNgidi wayesazana nabameli futhi enemali yokuthi bakhwabanise ifa likaZamani

 

Lokhu kwaba ingozi engeqiwa ntwala empilweni kuZamani ngoba phela wabe engasebenzi. Waphela unyaka ezama ukuhlanganisa imali yabameli, umama wakhe nosisi nabo babezama ukumbolekela kodwa wagcina ungahlangananga UR50 000 kwaze kwaphela unyaka. Kuthe makuqala unyaka wesibili baqala abameli bakhulula izimoto ezimbili ayesezithengile uZamani kodwa imali yona yayingakaphumi ayishiyelwa ubaba wakhe..

 

UZamani wayeziphilisa ngamatekisi  amabili. UZamani uyazi ukuthi umaNgidi yena wafunga wagomela ukuthi imali  uyoyithola efile ngoba wayenamacebo ukukhwabanisa ukuze ayithole, kungakho nje ethi uyazama kuphelele endleleni ukuthola imali yakhe eyizigidi ayishiyelwa ubaba wakhe.

 

UZola noZuki bona bayahluleka ukunakekela amabhizinisi abawashiyelwa ngubaba wabo ngoba sebeze bawathengisa  ngoba engasangenisi imali eyanele futhi engasenzi inzuzo eyanele ukukhokhela abasebenzi ,  basele nepulazi lezinkomo nezimbuzi manje nalo abahlulekayo ukulinakekela.

Ngelinye lamalanga uZamani wadlula epulazini njengoba wayejwayele ukuhamba nobaba wakhe ukuyobheka abasebenzi nemfuyo kodwa wathola abasebenzi bkhala bethi, 

“Wemfana kaMkhize sesifile indlala, phela abafowenu abasinaki sibabona ngoba bezothengisa kuphela ukuze sihole omunye ukhomba omunye siyasokola ngempela” 

 

 “Baba uSokhela, anginawo amandla kulelipulazi ubaba walishiyela uZola noZuki mina bengidlula nje ukuthi nginibone ukuthi niqhuba kanjani. Enginganisiza ngakho kodwa ukuthi niziphilise, umbono wokuthi nani kungcono nithengise amazinyane ukuze nidle  futhi nihole ukuthi nizokudla nemindeni yenu,” kucebisa uZamani.

 

 Abafuyi bawujabulela umbono kaZamani ngoba ikati lase lilala eziko futhi base behlalela uMkhize owabasiza nabo bengelutho kodwa babezigwaza ngowabo.

 

UZola noZuki sebeganiwe manje nabo sebefuna lemali kaZamani ngoba bezitshela ukuthi izingane zikaZamani ngeke ziyilwele bayovele bayiyeke ngoba besaba ukulwa nomaNgidi. Baqala bahlanganisa icebo lokumbulala uZamani. Inkinga yabo babengamazi ukuthi bazomthola kuphi, nini, kanjani kodwa bathola icebo babuza kumshayeli wetekisi lakhe ukuze bathole ukuthi ukuphi. Bona abafunanga izinkabi bafuna ukuzibambela mathupha umsebenzi wabo wokuthola imali, kanti ababuzanga elangeni.

 

(Ngabe uZamani uzobulawa ngubani emndenini wakwaMkhize?)