UmaNgidi waya enyangeni eyofuna umuthi wokucupha imoto yomyeni wakhe ukuthi igingqike. Ngakusasa uMkhize wathatha enye imoto hhayi le ayisebenzisa nsuku zonke waya ngayo emabhizinisini akhe ngalelo langa. Kuthe esemsebenzini wafona wacela uZola ukuthi amlethele amaphepha ehhovisini lakhe. UmaNgidi wagxuma wahlala kusikhiye semoto enomuthi wasifihla sangabonakala waze wathatha esikamama wakhe uZola wahambisa amaphepha.

 

Waba nokuzisola umaNgadi wawukhipha umuthi emotweni kaMkhize. Lokho kodwa akumvimbanga ukuthi akhe elinye icebo lokubulala uMkhize ukuze athole ifa lakhe. UmaNgidi wathenga izinkabi ukuthi zibulale uMkhize uma ebuya emsebenzini. UmaNgidi wazinika yonke imininingwane kaMkhize nangempela zalandela imininingwane ezaziyinikiwe, uMkhize wadutshulwa wafela kwisigameko ebuya emsebenzini.

 

Ukufa kukaMkhize kwaba yisigameko esibuhlungu kakhulu emndenini nakubantu abasemabhizinisini kanye nayesebenzisana nabo. UMkhize wabe esefihlwa ngesikhulu isizotha noma abomndeni bashiyeka bekhungathekile futhi benombuzo ukuthi ngabe uMkhize wadutshulwa ngubani ngesihluku esingaka? Abambona bathi wayengasabonakali ngisho ubuso, emabokoboko izinhlamvu zesibhamu.

 

Emva komngcwabo ummeli kaMkhize wababiza bonke ebabebhalwe encwadini yamafa.  UmaNgidi, uZola noZuki kwathi lapho kungena uZamani bahlahla amehlo engathi kungena isipoki ngoba babengamlindele. Kwamumangaza ummeli ukubona ubuso bushintsha kumalunga omndeni kaMkhize ngokungena kukaZamani. 

 

Ummeli wamhlalisa phansi uZamani ukuze aqale ukufunda incwadi yamafa. Ngenhliziyo wayebonga ukuthi uMkhize wayibhala incwadi yefa ngoba kwakuyoba kwamazitapele futhi uZamani wayeyogcina engatholanga lutho olukababa wakhe ngenxa yobuso ababuveza uma engena. 

 

UmaNgidi wathola ibhizinisi elilodwa kanye nezimali zomasingcwabisane ezifinyelela kwizigidi ezimbili, uZola wathola imoto eyodwa kanye namabhizinisi amabili kwathi uZuki yena wathola imoto namabhizinisi amabili kwathi ipulazi lona bazoliphatha ngokulingana uZola noZuki. UZamani yena wathola imali eyizigidi eziyishumi. Kwathi kungabizwa imali kaZamani kwashintsha ubuso kumalunga omndeni endlini

 

Ngakusasa umaNgidi wavukela kwizinkabi zakhe ukuthi zibulale uZamani. UZamani wayehlala nomawakhe wayengahlali kwaMkhize. Izinkabi zayalelwa ukuthi ulala kuphi. Kuthe emva kwesikhashana nje bamhlasela uZamani bamthola ehleli nomndeni wakhe kwazise wayesenengoduso futhi benezingane ezimbili zamantombazane. 

 

Kwathi bethi bayagadla enye yezinhlamvu yashaya ingoduso kaZamani  yashonela khona laphouZamani umama wakhe kanye nezingane zakhe ezimbili baphunyuka emlonyeni wengwenya. UZamani wazama ukuziphindiselela washaya oyedwa emlenzeni wezinkabi wamlandela wamshayela ukuthi asho umuntu obathumile waze wamkhipha ukuthi umaNgidi obathumile layikhaya ukuzobulala uZamani. 

 

(Ngabe umaNgidi uzoyeka yini ukubulala uZamani?)