UMkhize umnumzane womuzi, uhloniphekile endaweni yakwaNongoma ngenxa yokuba ngumacaphuna kusale ongusomabhizinisi oqavile. UMkhize ushadelwe umaNgidi owaziwa ngokuthi uyinkanyamba ngenxa yokuziphatha kwakhe.  Laba bashadikazi banamadodana amabili uZola noZuki, uZamani yena uzalwa ngaphandle komshado;ungumangcina kuMkhize.

 

UMkhize wabe enamabhizinisi amahlanu athengisa izinto ezahlukene, izimoto ezimbili zikanokusho ezihambela phezulu futhi ezihamba iziqumama zangempela, ipulazi eliqukethe izinkomo nezimbuzi bese eba nezigidieziyishumi ebhange lakhe lokuqongelela zibuye zizalanise. UMkhize wabe enobudlelwane obuhle nabasebenzi bakhe ngoba babekujabulela ukumbona kanye nemfuyo yanda ngokumangazayo okusho ukuthi abafuyi bebengantshontshi imfuyo.

 

UmaNgidi wathi eqoqa izinto azoziwasha njengesicelo sikaMkhize endlini wazithela emqulwini wamaphepha achaza kabanzi ngokwabiwa kwamafa, amabhizinisi, izimoto kanye nezimali nomshwalense kaMkhize ayekufake esikhwameni njengoba wayesanda kubuya kummeli wakhe ukuyovuselela ukwabiwa kwezinto zakhe. UmkaMkhize wakuthwebula ngomakhalaekhukhwini wakhe maqede wawapakisha kahle amafiyela kaMkhize etafuleni waqhubeka nokuwasha isikhwama nezimpahla zomyeni wakhe njengoba wayecelile uMkhize. 

 

Mkhize wayesaphumile eyobona uZamani njengenjwayelo emphathele izinto ezinhle nokumnandi. Abafowabo bakaZamani babezitshela ukuthi ubaba wabo uthanda kakhulu uZamani kunabo njengoba emvakashela njalo ngezimpelasonto  kanti laba wayehlale ebabona njalo phakathi nezinsuku kanti futhi bahlala egcekeni elilodwa nabazali babo.

 

UMkhize yena wayekwenza lokhu ngoba ezama ukuthi abe nobudlelwane nazo zonke izingane zakhe kodwa umndeni wakhe wona wawukubona ngelinye ihlo aliphambene nezinhloso zakhe uMkhize. Kuthe umaNgidi ekubona lokho ukuthi izingane zakhe ziphatheka kabi ngenxa yokuvakashelwa kukaZamani, waqala wamzonda uZamani kangangokuthi wagcina emvimbela embona njengembangi yefa lomuzi wakhe..

 

Ngokwesiko lwesiZulu uma owesilisa ezalise intombi engeke esayishada efuna  ukubiza ingane ngesibongo sakhe, uyayilobola ngezinkomo abavumelana ngazo nabasekhaya komama wengane, lokho akwenziwanga kuZamani kodwa uMkhize yena wabe elokhu ethe uzokwenza kwaze kwaba uZamani uqeda umatikuletsheni kodwa wabe ebiza uMkhize ngoba wayehlawuliwe. 

 

UmaNgidi wazivimba lezi zinhlelo zokumthenga uZamani. Wabe eseqala ukwakha icebo lokubulala uMkhize ukuze athole izimali namabhizinisi ngoba esabela ukuthi uZamani lo uzothola okuningi ngoba ubaba wakhe uyamthanda kuno Zola noZuki.

 

(Ngokubona kwakho ngabe uZamani uzogcina elotsholiwe yini kwaMkhize ubaba wakhe ngokusemthethweni?)