UZamani noma engatholanga imali yabameli kodwa bona bagcina ngokumbiza ezosayina amanye amafomu ukuzama ukuthi kukhululeke ingxenye yemali ukuze akwazi ukuziphilisa. UZamani kodwa manje ubengasakhulumi nentombi yakhe ukuthi uhambo selukuphi kubameli, usaqhubeka nokucele imali kodwa manje sekufika lapho ibona ebona khona uNokuthula ukuthi engathi wenziwa isilima ngoba isonto nesonto uzamani ucelwa imali futhi akabongi enjalo nje ihlezi incane imali amupha yona okusho ukuthi akaneliseki.

 

UNokuthula wagcine naye esefunda ukubika izaba bese eyasicasukela lesi senzo uZamani amdube uNokuthula  aphinde abuye kwaba njalo izinyangana ezinhlanu. UZamani wahlala elinde imali yakhe elokhu eziphilisa ngemali yamatekisi akhe amabili kodwa imali yayingamanelisi futhi ingakwazi ukuthi ingafeza izifiso zakhe kwazise wayesawakhokhela kanye nabashayeli

 

Lafika ilanga lecala lokudutshulwa kukaZamani ngabafowabo. Inkantolo yaliqula yalithetha icala yaphuma nesinqumo sokuthi umaNgidi uyena ozoba iso ozogada uZamani engavelelwa yilutho olubi ngengokudutshulwa  ngoba uyena umsunguli wokubulawa kwakhe. Okusho ukuthi uma eke wadutshulwa noma washona kuzoboshwa yena kuqala umaNgidi. Izingane zize zidubule uZamani nje yingoba zizwa umama wazo elokhu ehlela amacebo okubulala uZamani.

 

Ngesonto elilandelayo zaphuma izimali zikaZamani umaNgidi yena wabe esegugile, amandla esemphelele ukwehla enyuka namadolobha engasakwazi nokushayela. Umfowabo kaZamani wabuya wazoxolisa baqala baba nobudlelwane nomfowabo baze basizana ngokukhulisa amabhizini kababa wabo osekungawabo nomnotho wakwaMkhize. Lokhu sebekwenza ukugcina igama likaMkhize lihlonishwa njengoba walishiya, impela akulahlwa mbeleko ngakufelwa. 

 

UZamani waqala ngokukhokha izikweletu ayesenzile kubantu, waya nakumaNgidi waxolisa ngokudubula abulale uZuki nokulimaza uZola. UmaNgidi esekubonile ukuthi uZamani noZola bayawukhulisa umnotho kaMkhize futhi ungaze ufinyelele kulemali ayeyifuna kuZamani wakubona kungcono ukumxolela futhi usezame wehluleka ukumbulala waze walahlekelwa indodana yakhe. 

 

UmaNgidi wazibeka phansi izikhali, ukuba inkanyamba kwehla waba imvu yenkosi. Naye wakubona kuyithuba eligcono lokuthi axolise kuZamani emizameni yakhe yokumbulala lapho kwaze kwafa khona ingoduso kaZamani esigamekweni sokuhlaselwa kwakhe umaNgidi ethume izinkabi. UZamani nomaNgidi bathelelana amanzi kaxolelana zaqhubeka izimpilo zabo sekunokuzwana.

 

UmaNgidi wakhumbula ukuthi uZamani wagcina engathengwanga ubaba wakhe wathatha izinkomo ezisepulazini ngokuvumelana noZola bazihambisa ekhaya komama kaZamani ukumthenga, lagcinwa kanjalo lonke isiko lokuthenga umfana waze waba uMkhize ngokugcwele. 

 

UZamani wabe esethenga umuzi wakhe waba ngowakwaMkhize naye waba nguMkhize eyinkinsela yaseMgungundlomvu umacaphuna kusale uqobo ohamba ngemoto yeziqumama enesondo emhlane. 

 

UZamani wathenga indawo eGoli wakha amafulethi ayemunikeza imali engange-R200 000 ngenyanga. Naye uZamani wabe enesandla esihle sokuphatha abasebenzi bakhe ngoba abashayeli bamatekisi wabaphendula omatshingelane basemaflethini. Lokhu kwamkhipha ematekisini wawathengisa maqede walobola intombi yakhe. Ngenxa yokuthi ingoduso kaZamani yashona sebelungiselela ukushada waqala ngokushada nayo ethi wenzela izingane zakhe naye zilungelwe izinto zazo kungakhaleleki ndawo. 

 

Kwathi engaqeda wabe esehlela indumezulu yomshado nentombi yakhe engudokotela kwaba umshado osezingeni, oseqopheleni eliphezulu kakhulu. Itende kwakungelomacaphuna kusale. Umakoti wafika ngebhanoyi ngasolwandle lapho kwakushadwa khona umshado omhlophe. Impilo yabuyela esimweni sayo bakha ikhaya elifudumele nokuthula lwakwaMkhize. 

 

 “Ekugcineni ngaze ngalithola ifa engangingalilindele,” kusho uZamani.

 

Ngabe sifundo sini ositholile kule ndaba yakwaMkhize?