Ekugcineni, uNeo wahlangana namanzi amaningi ayegeleza esigodini kusukela ekuseni kuze kube sebusuku. UNeo wangena ukuze apholise imilenze yakhe eshisayo.

Amanzi amthela ezinyaweni zakhe ase ehleka ethi, “Ngingumfula. Ngizula ngisuka ezintabeni ngiye olwandle. Woza, ungilandele. Ngizokuyisa ekhaya.”

neo-11-col-lores

UNeo wacabanga nje ukuthi kwakuzoba kuhle kanjani lokho. Ngakho-ke, walandela umfula wehla ngesigodi kanye naphakathi kwezintaba. Bahamba ndawonye intambama yonke kwaze kwacishe kwaba sebusuku, ekugcineni, baze bafika esicongweni sentaba.