Eselapho-ke, uNeo wayekwazi ukubona idolobha elincane, elihlanzwe yizimvula selikhazimuliswa yilanga elase liyozilahla kunina.

neo-13-col-lores

Umfula wahuba kamnene wathi, “Kulungile, goduka. Kukhona abantu abakuthandayo laphaya, abalinde ukwabelana nawe ngezindaba.”

UNeo wehlela phansi, wanqamula idolobha. Wabona imigwaqo enobuyaluyalu eyayidabula edolobheni, ifana nemifula. Wabona izindlu, okwakusengathi zifudunyezwe ukukhanya kwasebusuku. Ngaphakathi kwazo abantu babematasatasa, njengezintuthwane ezincane.