neo-6col-flat-lores

Ephezulu emagatsheni, uNeo wakwazi ukubona ukuyofika ekupheleni komhlaba. Kanti-ke kwakukuningi okwakulaphaya phandle, okwakucishe kumethuse lapho ecabanga ngakho.

Kodwa isihlahla sambamba walokhu ephephile, salokhu sihleba sithi, “Hamba uyohlola leya ndawo. Ungesabi. Ngumhlaba omuhle, omkhulu, obanzi laphaya.”

Ngakho-ke, uNeo wehlela phansi wase enqamula iqele.

Kungekudala, wahlangana nendunduma yesihlabathi eqinile enezimbobo ezincane, ezifana neminyangwana. Wayezwa amazwi ayisigidi abamatasatasa ngaphakathi, kanye nokukhala kwezinyawo ezincane eziyizigidi eziyisithupha.

“Sanibona! Ningobani?” Kumemeza uNeo komunye weminyango.

“Sawubona!” kuphendula izwi elincane. “Siyizintuthwane. Sixoxa izindaba zomhlaba lapha. Ngabe kukhona ofuna ukuzizwa?”

UNeo wayezithanda izindaba, ngakho wahlala phansi wase elalela. Izintuthwane zamxoxela izindaba zazo zeqele kanye nehlathi, kanye nezintaba kanye namadolobha angaleya.

“Izindaba eziningi kangaka pho?” kubuza uNeo.

“Kunezindaba eziningi njengezinkanyezi ezisesibhakabhakeni,” kuphendula izintuthwane.

UNeo wavayiza evalelisa, wase eqhubeka enqamula eqeleni.