Endleleni ebuyela ekhaya ngamthinta kathathu umseshi ngaphendulwa intombazane yomlungu ithi angishiye umlayezo. UMamncane uBusi wayesilinde esangweni. Wasiduduza esitshela ukuthi kuzolunga. Sangena endlini baqala ukubalisa ngoSimphiwe.

Ngaphuma ngaqhubeka nokuhogela umkhondo. Ngathola ukuthi bahamba ngemoto, ngathola nohlobo lwayo. Ngaba nokushaqeka sengizwa uhlobo lwemoto nombala ngoba kwakuwuhlobo olufana ncamashi nemoto engayiphupha ingqongqa emalangabini. Engangikuzwa kwangivezela ubuso bomuntu engimaziyo.

USandile wayemdala kuDumisani noSimphiwe ngeminyaka emibalwa, enza unyaka wesibili ezifundweni zeLand Survey. Wayebamba amatoho ngamaholide nangezimpelasonto, umfana ozikhuthalele. Abazali bakhe bathuthela esilungwini bashiya umuzi oseMlazi ezandleni zakhe. Wayeyilabo bantu obonayo ukuthi bazophumelela empilweni. Wayesula leyo moto, iGolf 1 engangiyibone emaphusheni, emva kokuyigeza.

“UDumisani, uButter, ngimazi kudala, mfowethu. NoSimphiwe ngimazela kumkhalambazo kodwa bengingazi ukuthi naye useyazishova. Bangitshela ukuthi banerimu elingayifanela imoto yami,” kwasho uSandile.

Wabeka izihlalo izimbili, ngacela amanzi engawaphuza ngenkathi engibikela ukuthi ngempela kwahamba kanjani.

“Ayemahle ngempela amarimu akhona, imali abebeyifuna yayingelutho, wona ngempela ngawacosha phansi. Ngabanika imali yabo bangicela ukuthi ngibabeke ku-merchant yewunga. Ngase ngibavalelisa, kodwa uButter wakhumbula ukuthi kunemali okufanele ayilande eClaremont. Bangithengela iziphuzo bagcwalisa ithangi emotweni, sashona khona eClaremont. Sahamba konke kukahle. Kwaba ukufika eClaremont baqala ukuhlupha.”

“Kanjani?”

“Baqala ngale wunga yabo sisalinde umuntu wemali, usomatekisi thizeni. Bayibhema le nto yabo emgwaqweni. Usomatekisi wafika sebephelile yiwunga. Wasingenisa kwakhe, uButter wacela indlu encane. Uyazi wenzani uButter? Wantshontsha iBlackberry kwelinye lamagumbi okulala.”

Ngagwinya amanzi abandayo, ngahlafuna amaqhwa, nganyakaza esihlalweni, ngaqala ukungayithandi indlela eyayithathwa ile ndaba.

“UButter wayithola imali yakhe saqhubekela endaweni edayisa konke – utshwala, iwunga, nensangu – khona eClaremont. IBlackberry leyo yadayiswa khona lapho. Baqhubeka nokubhema, mina ngazishayela eziphuzweni zami. Sebeshayeke okwangempela bakha itulo elalifaka nami ekuhlanyeni kwabo. Ngabashiya ngoba base befuna ukugqekeza esitezi esasingakhanyisiwe sakhona endaweni leyo. Babezitshela ukuthi angibezwanga kanti ngangisemuva kwabo, iwunga isibashaye kakhulu bengangiboni. Ngezwa konke ababekuhlanganisa, ngathola ukuthi bafuna ukuntshontsha kulo muzi bafake emotweni yami. Ngezwa uSimphiwe esho ukuthi bazongithuma ukudla bangitshele ngibuye ngime ngakulo muzi. Ngabashiya sengizwa lokho. Umfowenu uyinkinga, uyathula engakabhemi kodwa akahoshe kanye kwi-wunga uyaphenduka aze akhulumise okwazo izigebengu. Ngabashiya lapho beyogqekeza isitezi.”

Kungcono imoto kaSandile ayilimele, ayidliwanga amalangabi njengaleyo engangiyiphupha. Ngaziduduza ngalokhu ubusuku bonke.