Savuka ngovivi salinda itekisi. Kwakuyithina abokuqala esitobhini. Umama wayethule ekhathazekile ejulile, nami ngokunjalo. Kwavele kwaba nomunyu, ngazizwa ngiphatheke ngendlela engaphatheka ngayo lapho ubaba kuthiwa ugula kakhulu esibhedlela. Ngaba nokudinwa, ukukhathazeka nokwesaba. Futhi kwakubanda, kumnyama bhuqe ngalolo suku ubaba aqala ngalo ukugulela okokugcina.

Kwakugcwele kuyisiminyaminya eClaremont Police Station. Indawo yokuhlala yayingekho, sacuphiswa ekucupheleni kwamabhentshi. Ukusizakala kwakuhamba kancane, bonke abantu besizwa iphoyisa elilodwa, nalo lenza kancane, lingakwazi ukwenza okuningi kanyekanye. Izikhathi ezimbalwa ngalibona liyeka elikwenzayo ukuze lixoxe nozakwabo ababezihlalele bengenzi lutho. Lake lamisa isitembu emoyeni layeka ukugxivisa cishe umzuzu wonke lisaxoxa nozakwabo.

Kwakugcwele omama. Ngabona owami umama esexoxa nowesifazane owayehleli eceleni kwakhe. Lo wesifazane wayethuke okwangempela ngoba wayezobheka indodana yakhe eyayigwaze yabulala isihlobo. Wayixoxa indaba yakhe ngokukhulu ukudangala. “Hhawu ngezingane zethu,” ngibezwa bebalisa.

Ngabona ngomama wami ephendukela kimina.Wathi: “Awulambile nje? Nakhu ukudla.”

Amakhekhe esitsheni asivula ayenuka kamnandi futhi ehalisa, kodwa ngangenyanyiswa yinxeba alalisekhanda lomunye umlisa owayehleli ebhentshini labo. Kuyinkebenkebe yenxeba okhakhayini; ingeyinde kodwa ibanzi, idinga umthungo. Kwakungathi ingozi leyo iyaziphefumulela ngokwayo, ungafunga ukuthi kunehliziyo encane eshaya ngaphansi kwenxeba. Wayelokhu ekhale njalo lo mlisa, exoxela wonke umuntu ukuthi, “Uvele wangizuma nje lo muntu wangishaya ngenduku yegalofu. Bengingenzanga lutho, ngizihambela nje.”

“Ngiyabonga, Mama, angilambile.” Ngasusa amehlo kule nkebenkebe.

Kwaphela amahora amathathu singatholi lusizo. Ekugcineni sathola ithuba lokubika esize ngakho, ngayibeka indaba.

“Umseshi walelo cala akekho njengamanje, uzongena ntambama,” kusho leli phoyisa elalibuye lizixoxele nozakwabo.

“Kodwa sesilinde kangaka ungasho kanjani ukuthi ngeke sithole lusizo? Wena awazi lutho ngaleli cala?”

“Cha, angazi lutho. Umuntu onganisiza umseshi obhekene nalo.”

“Ithi uyadlala ndoda. Usho ukuthi kuyo yonke le ndawo akekho noyedwa umuntu ongasisiza?”

“Njengoba ngisho nje, umseshi uzongena ntambama. Ngingakunika inombolo yakhe yalapha emsebenzini umthinte nihlele ukuthi umbona nini.”

“Kodwa bakwethu nidlala ngathi. Ukusebenza okunjani ukusebenza okunje?”

Ozakwabo baphakamisa amehlo bezwa ukuphakama kwezwi lami.

“Ukuba niwunaka kanje umsebenzi wenu ngabe amacala ayashesha okusombululeka.” ngamemeza ngiqondise kubo.

Umama wangithulisa ngolukhulu ulaka, “Khulekani, vala umlomo! Phumela phandle.”

Ngaphuma ngokukhulu ukudinwa. Ngajeqeza emuva ngabona ukuthi uMama wayehlanganise izandla zakhe sakuthandaza, encengela usizo. Leli phoyisa lesilisa namanye amabili esifazane bamlalela.

Silinde itekisi ngaphandle kwaseClaremont Police Station sezwa kumemeza elinye lamaphoyisa esifazane ayesiza uMama. Lagijima leza kithina lama eduze kwakhe.

“Nayi inombolo yakhe kamakhalekhukhwini. Umseshi uShange igama, nimthinte ntambama ngoba uphume manje ekuseni, nakanjani usalele. Sicela usitshelele nendodana yakho iyeke ukuba luhlaza kanje.”