Njalo uma ngibuka u-Anele zonke izinkinga zami zazinyamalala. Nokuhlupha kukaSimphiwe kwanyamalala okwesikhashana.

“Uke wadla nje?” wangibuza sesingene egumbini lakhe.

“Uyazi, Anele, angilambile.”

“Hhayi bo! Kufanele udle.”

Wangenzela isinkwa nokuphuzwayo. Ngaluma kanye ngenzela ukumjabulisa, kodwa kwakungavumi ngidle.

“Kufanele ngibuyisele izincwadi namhlanje. Ngizohamba isikhashana. Amaphepha amadala sizowahlaziya lapho ngibuya.”

Ngawahlaziya amaphepha esaye e-library. Kwakungenye yezindlela zokuzenyusela amaphuzu ku-Anele. Wayezobuya sengikwenze konke, sengazi izimpendulo zemibuzo yonke. Ngaqeda kungakapheli nemizuzu engamashumi amathathu.

Ngazama ngayo yonke indlela ukungazumeki. Ngaphumela ngaphandle ngabhema ugwayi, ngazulazula egumbini lakhe, ngabuka izithombe zakhe, ngenaba embhedeni wakhe ngifunda amabhuku osaziwayo. Ukuthokomala namakha ombhede ka-Anele kwanginqoba, ngazumeka ngokushesha.

Ngavuswa ukufudumala ezingalweni zami, ngavula amehlo ngabona u-Anele eseceleni kwami. Ngaphandle usuku lwase luhambile nokho, isibhakabhaka sicishe sibe phuzi ngenxa yokushona kwelanga. Ngabuka emehlweni akhe ngabona izinkanyezi. Sabambana sigqokile, saqabulana isikhathi eside kwangathi isikhathi simile. Umbani wokuqabulana wazulisa ikhanda, walokhu uphindelela. Sekushisa ngempela sesiqala ukubambana kakhulu, wavele wahlehla.

Wathi :“Luphendule ucingo lwakho.”

Ngangingaluzwanga, selukhale kaningi, ngithintwa inombolo eyodwa kababa kaSango. Ngaluziba, saqhubeka nokuqabulana kodwa lwaqhubeka nokukhala. Ngazibonela ukuthi kubalulekile akushayelayo, ngagcina sengilubambile.

“Bashayiwe abantu eClaremont. Babanjwe begqekeza bathola isibhaxu. Umfowenu ukwazile ukubaleka besaqala ukushaywa. Indodana yami, uDumisani, yena ushaywe okwangempela. Bacishe bamkhipha umphefumulo, kusize ukufika kwabengalo yomthetho. Sikuyena njengamanje esibhedlela eWestville. Usaqulekile kodwa odokotela bathi uzophila. Bamunce igazi lakhe bathola ligcwele i-heroin, u-jik noshevu wamagundane. Kanti ngempela bayibhemelani le nto? Ungayibhema kanjani into ewushevu uqobo lawo?” kubuza ubaba kaSango.

Angimkholwanga, ngaba nokuzitshela ukuthi umqondo wami uzenzele wona amagama ayewakhuluma. Ngamthinta eqeda ukuluvala ucingo ngithi udidekile kodwa ubaba kaSango waphinda wayigcizelela le ndaba njengoba injalo.

Endleleni eya ekhaya ngacabanga izindlela eziningi zokuyibika le ndaba kumama. Kodwa ngabona ukukhathazeka emehlweni akhe ngavele ngayibhadlaza njengoba ubaba kaSango wayeyibhadlaze kimina. Wamthinta ngocingo efuna ukuzizwela ngendlebe yakhe, kwaduma ubumayemaye esezizwele.

Njengoba ayekhala ubusuku bonke nje, mina ngangishwashwatha imibuzo kanye nomthandazo ebumnyameni begumbi lethu. Kodwa yini uSimphiwe anhlanhlathe kangaka? Kodwa waqalelani nje ukubhema iwunga? Yini kufanele kube yimi engibona umama wethu ekhathazeke kangaka? Kodwa kwamthathelani ubaba ukufa? Ukuphi we mfowethu? Nkosi, Mdali ngicela umvikele lapho ekhona.