UMseshi uShange waphendula imilayezo yami ngezintatha, kusanda kushaya ihora lesine ngoLwesine.

“Selokhu ngingenile ngimatasatasa, umsebenzi uyangikhipha. Angikholwa ukuthi ngisazobuyela esiteshini samaphoyisa. Singahlangana eMbilo? Kufanele ngiyothelela khona imoto. Ngihamba ngeToyota Sprinter ebomvu. Ungithinte uma usukhona.”

Amasango aseMbilo avuleka sengilinde ngaphandle. Ngamthinta ngocingo ngibona imoto ebomvu ingena. Wangibizela emotweni, saxoxa.

“Nawe usebenza ebusuku?” kubuza uShange.

“Cha. Ubuziswa yini?”

“Ukhathele sengathi awukaze ulale. Yimuphi ongumfowenu?”

“Lo obalekile beqala ukushaywa.”

“Uyazi uButter bengivele ngimazi. Ngaxoxelwa ozakwethu baseMlazi ngomfana omncane ongumbulali, kuthiwa akezwa. . Into ehlekisayo ukuthi lapho ngiqala ukumbona ngimbone encengela impilo yakhe lapho efakwa isibhaxu. Wawungaze umdabukele ngendlela ayekhala ngayo. Ulihlanze lonke ulwazi olufunekayo ngaphambi kokuquleka, wacula ngomfowenu. Siyazi ukuthi uSimphiwe ungubani, uhlalaphi. Kodwa izinto ziyenzeka, mina ngingenza ukuthi konke kukhombe uDumisani. Simbambile, simbophile, uboshelwe ngozankosi embhedeni wasesibhedlela. Umfowenu kufanele anyamalale isikhashana, ngizohlale ngimbheka ngingamtholi noma ekhona. Uyangithola ukuthi ngikhuluma ngani?”

“Ulahleke ngempela uSimphiwe. Sekuphele izinsuku eziyisithupha singamboni. Bengithi uzoke ungikhanyisele ngokuthi ngempela kwenzekani.”

“Umnikazi womuzi wabuya kwakhe wafica abagqekezi besematasatasa indlini. Wakhipha isibhamu wabaqhuba wabakhiphela emnyango ememeza omakhelwane ukuthi bazobona izigebengu azibambile. Abantu basendaweni bazenzela bezishayela kubafana ababili. UButter bambulala ngenduku ngoba umfowenu yena washesha ukuthola intuba yokubaleka. Nakanjani ucashile lapho ekhona umfowenu, kodwa ngeke ungitshele ukuthi ukuphi, nginesiqiniseko salokho.”

“Asimazi nathi ukuthi ukuphi.”

UShange wangibuka wahleka uhleko olukhathele, “Mina engikutshela khona ukuthi kunendlela esingayisebenza ngayo le ndaba. Ngemadlana encane nje ngingenza ukuthi umfowenu angathinteki kuleli cala. Wena ngithinte kungahlangana imali yokungithulisa.”

Ngalinda itekisi nganikina ikhanda ngicabanga isamba esasifunwa uMseshi uShange – izinkulungwane ezimbili ukuze esule uSimphiwe ecaleni. Ngawo lowo mzuzu ngazitshela ukuthi uma simthola noma ebuya uSimphiwe, ngizoyikhokha imali edingekayo – ngincenge, ngiboleke uma kufanele – ukuze angangeni ejele.

Ngathintwa uSango ngocingo ngisanikina ikhanda.

Wathi,“Ngempela Khulekani awungitshele, bayahlanya laba bobabili? Bangakhetha ubumnyama impilo yokukhanya imnandi kanje?”

Sakhumbuzana izinsuku zethu singangabo, savumelana ukuthi thina sasizifisela impumelelo kuphela. Wangitshela ukuthi unkosikazi wakhe ukhulelwe, umsebenzi wakhe uhamba kahle, wangigqugquzela ezifundweni zami.

Ngathi, “Ngizwa kuthiwa uDumisani ulimele kakhulu. Usenjani manje?”

“Lolo hlanya luphaphame namhlanje ekuseni. Akazazi ukuthi ukuphi, nokuthi kwenzekeni Unjani umfowenu, uSimphiwe?”

“Indaba kaSimphiwe inzima, mnganami. Sekuphele izinsuku eziyisithupha enyamalele. Umama kuzogcina kumhlanyisa ukukhathazeka.”

“Iyona le nto engishisa kakhulu, ukuthi bahlukumeza abazali. Ngitshele nje abazali bethu njengoba sebekhule kangaka nje bavuswa izingcingo zamaphoyisa nezibhedlela phakathi kwamabili. Isikhathi sokuvakasha eWestville Hospital u-12 kuya ku-2, useWard 4C. Mhlawumbe uzokutshela wena ukuthi ngempela kwenzekeni.”