Lencwadi ibhalwe ngokubambisana nabafundi eVulingqondo Literacy Centre, eMatikwe. Lokhu kubambisana kwenzeka kanje. Umbhali weNew Readers Publishers, uNozizwe Madlala, wabhala ingxenye yencwadi. Wabese eya kubafundi esikoleni sabadala iVulingqondo Literacy Centre, eMatikwe ukuyozwa imibono yabo maqondana nokuthi lencwadi ifuna ukulungiswa kuphi, kanjani. Abafundi benza iziphakamiso zokuyilungisa base beyinikeza isiphetho incwadi. Lencwadi ingumphumela walolobambiswano.
Izithombe ezisetshenziswe incwadini zathathwa khona eMatikwe, ngokubambisana nabeVulingqondo Literacy Centre. Abadlali abasezithombeni yilaba:
uNompi uMuntuza Ngubane
uNono uThokozani Ngidi
uThemba uBonginkosi (Nko) Gumede
uZinhle uBonakele Shabane
uMaNene uNonhlanhla Ngidi
uJabulani uS’thembiso (S’the) Ngidi
uBonke uVumani (V.P.) Ngidi