[Sekudlule izinyanga ezimbili. UThemba uhlezi kubo noMaNene, umama wakhe. Abafana bakhe oJabulani noBonke bayadlala phandle. UThemba uxoxela uMaNene ukuthi abaqashi bakhe bathe bazolenyusa iholo lakhe.

uThemba: Hawu, mama ungathi yiphupho lendaba. Kade imali ngiyifuna, bengavumi nayo abelungu. Impela kusho kona ukuthi abakithi bangibhekile.

uMaNene: Zazinhle mntanami lezindaba ofika nazo. Kade-ke futhi wasebenza kulefemu, usebenza ngokwethembeka.

uThemba: Buka nje ma ngoba bese ngifana nenhlwa ehamba yodwa phela njengoba ontanga yami bonke sebashada, banemizi yabo.

uMaNene: Hayi, bo. Kanti usucabange wafika lapho! Ngisale nobani mina mntanami uma usushada?

uThemba: Ingani phela uzothola umakoti. Uzohlala nawe, akubheke.

uMaNene: Phela kuhle nalokho. Kodwa-ke ubani owaziyo ukuthi sophathana kanjani naye? Kambe khona awusho, usukhethile yini ndodana?

uThemba: Ngibona ukuthi angithathe yena uZinhle ngoba niyezwana naye. Futhi nezingane seziyamazi.

uMaNene: Awu! Yeka okwami!

uThemba: Wethuka mama. Yini kwenzenjani?

uMaNene: Themba, kufanele ungixolele. Izinto umuntu uyazona ethi uyakha.

uThemba: Ngiphuthume, mama. Yini le ofuna ukungitshela yona?

uMaNene: Ngona Themba ngesikhathi ngithi hlukana nonina wezingane zakho, uNompi. UZinhle unezinkulumo ezingezinhle.

uThemba: Hayi bo!

uMaNene: Uthi iyophuma yonke lempahla yami endala mhla nashada. Kimi lokho kuyafana nje nokuthi akangifuni. Nezingane angiboni ukuthi uyoba nayo impatho kuzo. Impela okungcono ningaphuma niyokokwakha owenu umuzi, ngisale ngihlupheka nazo izingane.

uThemba: Hayi, iyindida lendaba. Bengithi uzojabula uma ngikutshela ukuthi ngizothatha uZinhle. Empeleni ezami izifiso bezivele zaziwa inhliziyo yami.

uMaNene: Impela mntanami, ngiyaphinda. Ngithi ungixolele.

uThemba: Kuzofanele kengizinike ithuba, ngibuyise umqondo. Kazi uNompi uyongixolela na!

[The End]

*****

Ukubonga

Sibonga kulababantu abalandelayo abasize ngokuqukethwe incwadi: Joseph Ngidi, Desmond Ndlovu, Esther Dlamini, Thoko Myende, Nonhlanhla Ngidi, Amy Ndlovu, Bongani Shabane (Vulingqondo Literacy Centre); Thoko Hadebe, Elizabeth Ndaba noNko Ndaba (Buhlebezwe Adult Centre); Thokozani Ngidi, Nkosi Gumede, Muntuza Ngubane, Bonakele Shabane, Nonhlanhla Ngidi, S’thembiso noVumani Ngidi abasezithombeni, kanye nabakwaKhanyile nakwaShabane abasivumela sisebenzise imizi yabo ukuthatha izithombe.

Uma ufuna ukuthola ulwazi vakashela u www.newreaders.org.za